Now Reading
Injabulo kubuya iHarry Gwala Marathon emuva kokuphazanyiswa ukhuvethe
Dark Light

Injabulo kubuya iHarry Gwala Marathon emuva kokuphazanyiswa ukhuvethe

Kuvele elomhlathi ezakhamuzini zangaphansi kwesifunda iHarry Gwala District, ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni ukubuya komqhudelwano iHarry Gwala Marathon.

Lo mqhudelwano owasungulwa ngonyaka wezi-2015 awubanga khona nyakenye ngenxa yokhuvethe, lokhu kusho ukuthi kuzophela iminyaka eyisithupha ukhona. Usuku okuyilo abasubathi abazovovana ngalo inkani ngumhla zili-15 kuNhlaba.

Ngesikhathi kwethulwa lo mqhudelwano zimbili izinto ezigqamile, ukuthi ozoqeda  ebangeni lama-42,2km ngesikhathi esingaphansi kwamahora amane nemizuzu engama-50 uzoba sethubeni lokugijima emqhudelwanweni waminyaka yonke iComrades Marathon ezokuba mhla zingama-28 kuNcwaba. Okwesibili okuvelile ukuthi lesi sifunda sifuna ukuvula inkulisa ezoqeqesha abasubathi abancane.

Kubasubathi abaphuma kulesi sifunda kubalwa uWillie Mtolo owanqoba iNew York Marathon, waphuma endaweni yesibili kabili koweComrades Marathon. Abanye uBongumusa Mthembu osebe ngumphetha weComrades Marathon kathathu, wanqoba neTwo Oceans Marathon, uThobani Chagwe ongumpetha weMandela Marathon neHarry Gwala Marathon kube uJanet Mbhele yena ongumpetha weHarry Gwala Marathon  10km ne-21km Best of the Best.

ElaboHlanga likhulume noThemba Gumede weGenius Athletic Club okuyiyo ehlele lo mqhudelwano.

“Eminyakeni edlule bekujwayeleke ukuthi onqobe lo mqhudelwano athole imoto kanye nenkece, kodwa lokho kulo nyaka ngeke kwenzeke ozonqoba uzothola inkece kuphela. Kodwa lokho ngeke kulehlise isasa lalo mqhudelwano, kunalokho lizoba phezulu kakhulu. Njengoba ungabanga khona nyakenye, baningi abantu abawulambele ukuwunqoba kanti abanye bafuna ukubeka isikhathi esizobenza bangenele iComrades Marathon” usho kanje.

Bangaphezulu kwabangama-500 asebebhalisile ukungenela lo mqhudelwano.

See Also

iMeya yakhona eHarry Gwala District uZ.D Nxumalo.

UMnuz uNxumalo unxuse ukuthi osomabhizinisi bendawo balule isandla ekuthuthukuseni lo mqhudelwano.

“Siyabonga kuMnyango Wezemidlalo olekelele kakhulu ukuthi nakanjani ukuthi lo mqhudelwano ubakhona. Sicela osomabhizinisi balapha kwisifunda sethu basilekelele. Ziningi izifiso ezinkulu esinazo ngalo mqhudelwano ” usho kanje Ozonqoba ebangeni lika-42,2km uzogoduka nezinkulungwane ezingama-R50, kwelika-21,1km ahambe nezi-R10 000, kwelika-10km ahlomule izi-R5 000.

Scroll To Top