Isivumelwano phakathi kwe-ASA neSuperSport samukelwe ngezimhlophe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuqhilike izihlathi kumgijimi wakuleli uStephen Mokoka ngokuthi inhlangano yakuleli yezokusubatha i-Athletics South Africa (ASA) isayine isivumelwano seminyaka emihlanu sokusebenzisana nesikhondlakhondla senkampani yezokusakaza, iSuperSport.
Emasomtweni edlule kuvele ukuthi ilinganiselwa ezigidini ezili-R15 imali okuthengwe ngayo amalungelo okusakaza imiqhudelwano ye-ASA. Lesi sivumelwano siyoze siphele ngonyaka wezi-2026. Okuhle ngaso ukuthi sizosebenzela zonke izinhlaka zomdlalo wokusubatha kuleli. Kuzosakazwa bukhoma imiqhudelwano yezikole ezingamaPrimary, amaSecondary, eyamanyuvesi nawo wonke amaChampionships e-ASA.
“Kuyinto ejabulisa kakhulu le, ngoba izokhuthaza intsha ukuthi ibe nothando kulo mdlalo. Baningi abasubathi abenza kahle kodwa kubuhlungu ukuthi abaziwa, ukuze baziwe kumele bebonakale kumabonakude kubhalwe nangabo kwabezindaba. ISupersport iyinkampani yokusakaza eseqophelweni eliphezulu kakhulu siyabonga ukuthi isinike leli thuba. Lokhu ngikubona kuzolinyusa kakhulu izinga lokuncintisana kuleli” kusho uMokoka.
UMokoka ocijwa uMichael “Spongy” Seme ngoMsombuluko ubehambele amahhovisi akaBoxer aseWestville, lapho kade eyohalaliselwa ngokugila izimanga emasontweni edlule. Bebephume bonke abasebenzi befuna ukuhalalisela lenyamazane ongeke wayicabangela uma uyibona ukuthi iyahamba impela emgwaqeni.
Unqobe umqhudelwano iNedbank Runfied 50km eyayiseGqeberha, wabeka irekhodi lesikhathi esingama-2:40:13. Okuyinto eyashukumisa umhlaba
kwakungokokuqala le nyamazane igijima i-Ultra Marathon. Le nyamazane emfushane, encane ngomzimba igudluze irekhodi likaKetema Negama wase-Ethiopia, lesikhathi esiwu-2:42:07 alenze nyakenye emjahweni ofanayo.
Usekwaze ukuthi amele kathathu elakuleli kuma-Olympics, World Athletics Championships nakumaWorld Half Marathon, uthe akazi ukuthi angayichaza athini injabulo anayo.
“Selokhu ngaqala ukumela elakuleli emiqhudelwaneni efana nama-Olympics, World Champs amahlandla ayi-8, angikaze elakuleli ngilinqobele indondo. Lokhu kungiphatha kabi. Nokho ukuphula irekhodi lomhlaba, izinyembezi zisulekile ngakho. Ngihlale ngiwaphula kodwa kulokhu kuhlukile,” kubeka uMokoka ogijima ngaphansi kweBoxer Athletic Club.
AbakaBoxer bamunikeze isheke lika-R50 000, bemubonga ngokugqamisa igama lale nkampani eyaziwa ngokudayiza ukudla. UMokoka wajoyina iBoxer AC kusukela ngonyaka wezi-2017.
“Unyaka wezi-2020 nowezi-2021 kube iminyaka enzima kakhulu lapho umhlaba wonke ubuhlaselwe ukhuvethe, ngalokho izinkampani eziningi zadiliza, kwama imqhudelwano eminingi emhlabeni kodwa uBoxer ubuhlale unami angibubonanga ubunzima obungako abanye akade bebhekene nabo. Ngokuphula kwami irekhodi iyona ndlela engibabonge ngayo. Bengingazi ukuthi kuzokwenzakalani kulo mcimbi, ngiyabonga kakhulu” usho kanje uMokoka onqobe iCape Town Marathon (2:10:01) ngasekupheleni konyaka odlule.
Ebuzwa ukuthi ngabe usezogxila kuma-Ultra Marathon, uthe:” Cha akunjalo, ngizoqhubeka nokugijima iMarathon. I-ultra yaseGqeberha ngiyigijinyiswe ukufuna ukufeza uhlelo oluthile esigijima ngaphansi kwalo kulo nyaka. Mhlawumbe izinhlelo zisazoshintsha kodwa ngokwazi kwami, bengiqala ngigcina ukugijima i-ultra kulo nyaka”.
Uthe into esekhanda lakhe manje umqhudelwano wamaWorld Athletics Champs azokuba ngoNtulikazi kusukela mhla zili-15 kuya mhla zingama-24 azobanjelwa e-Eugen, Oregon, e-United States of America (USA). Uzogijima iMarathon. Egcina ukuya kulo mqhudelwano ngo-2019, eDoha, eQatar, walala isihlanu.
“Umqondo wami ubheke kumaWorld Champs, angifuni okuzongiphazamisa. Ziningi izinhlelo enginazo kulemnyaka ezayo, kodwa okwamanje ngibheke ukuthi kulokhu nginqobe indondo kumaWorld Champs. Ngiyela khona ukuyolungisa isikhathi ngiphinde ngilale endaweni enhle,“ kusho uMokoka” usho kanje.
Isikhathi esihle kunazo zonke ake asigijima ku-42km, ama-2:07:40 nasiqopha eShanghai, eChina, ngowezi-2015.