Usifuna ngazindlela zonke isicoco neBanyana uBambanani


Usezithwese ijoka lokufaka isandla ekutheni iBanyana Banyana ikhale yemuke nesicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) umdlali weMamelodi Sundowns, uBambanani Mbane (osesithombeni) osanda kuqokwa njengomdlali ovelele kuHollywoodbets Super League.
UMbane ubambe elikhulu iqhaza iSundowns idla umhlanganiso kuSuper League.
Lo mdlali oneminyaka engama-32 ubudala uhlomule ngesamba sezi-R50 000 kulandela ukuqokwa njengomdlali ovelele kwabasifazane eMzansi.
Akagcinanga nje ngokusiza iSundowns ekutheni iphakamise isicoco seligi kodwa ufake isandla ekutheni ibe ngompetha beCaf Champions League.
“Ukuqokwa njengomdlali ovelele kuHollywoodbets Super League yinto esho lukhulu kimina. Ngifisa ukuthatha leli thuba ngibonge ozakwethu nethimba labaqeqeshi. Ngaphandle kwabo bengingeke ngikwazi ukunqoba lo mklomelo. Izinyanga ezedlule zingiphathe kahle. Siqale sanqoba iChampions League, sabuya sathatha eseligi kwathi kusenjalo sakwazi ukuzibekisela indawo ku-Afcon neBanyana. Nakhu manje sengiqokwa njengomdlali ovelele. Yonke le, imisebenzi yokuzikhandla. Ngijabule kakhulu. Isifiso esikhulu manje sekuwukunqoba isicoco se-Afcon neBafana,” kuchaza uMbane.
IBanyana izibekisele indawo ku-Afcon ngemuva kokunenebula i-Algeria ngama-3/1 emidlalweni edlalwe imilenze emibili kweyokuhlunga.
I-Afcon izobanjelwa kwelaseMorocco kusukela zimbili kuNtulikazi ize iphothulwe zingamashumi amabili nantathu kuwona uNtulikazi. INigeria iyona evikela isicoco. Ishaye iBanyana kowamanqamu ngowezi-2018 eGhana.
“Angeke kubelula ukunqoba i-Afcon ngoba wonke amaqembu adlala neBanyana Banyana afuna ukuzibonakalisa. NeBanyana uma ifuna ukudlala ne Nigeria ifuna ukunqoba. Nayo ngokunjalo ifuna ukwenza okufanayo. Sikhulumile ngemuva komdlalo wethu ne-Algeria ukuthi kumele sinyuse amasokisi. Uma sizobambisana angiboni kukhona okuzosivimba. Ikhono liyisimanga eqenjini lethu lesizwe. Sibophele nenqwaba edlala emaligini aphesheya,” kubeka uMbane.
IBanyana ayikaze isinqobe isicoco se-Afcon emlandweni wayo webhola. Amaqembu amane azozibekisela indawo kweyandulela amanqamu ku-Afcon azozitholela ithikithiki elibheke eNdebeni yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-Australia naseNew Zealand.
“ISundowns yiqembu labanqobi. Zonke izikimu zeSundowns ziyaphumelela. Yingakho nathi sihlale silwela ukwenza isiqiniseko sokuthi silandela ezinyathelweni zeqembu labesilisa elidlala esigabeni esiphezulu,” kulandisa uMbane.
ISundowns iyanzela kwabesilisa nakwabesifazane e-Afrika.
“Ukuzikhandla yikona okungukhiye empumelelweni yami. Ngikholelwa ekutheni ayikho into okumele ize kalula empilweni. Iqembu lizicija kanye kodwa mina ngizicija kabili,” kuqhuba yena.
UMbane ubegijima kuMinsk yaseBelarus ngaphambi kokuthi ajoyine iSundowns.
“Iphupho lokubuyela phesheya lisakhona. Ngicabanga ukuthi bonke abadlali abadlala eNingizimu Afrika nabesifiso sokuyoyibamba emaligini amakhulu phesheya kwezilwandle. Nami ngingomunye walabo badlali. Okuhle wukuthi sengibuya khona phesheya. Uma ngingaphinde ngithole elinye ithuba ngingajabula,” kusho uMbane.
Lesi sitobha sinqobe neCosafa Cup neBanyana ngonyaka odlule.
“Phambilini ngibuyiswe yindaba yokucwaswa ngokwebala eBelarus. Angithandi ukuhlala endaweni ezongivova umqondo. Yilokho okwenzeke eBelarus. Abantu ebesidlala nabo bayacwasana. Akukho ukudlala ngaphandle ikakhulukazi uma udlala ezweni elingasisebenzisi isiNgisi. Amanye amazwe akayingeni indaba yokukhuluma isiNgisi. Uma ngingaphathekile kahle emoyeni nasengqondweni angeke ngidlale kahle,” kuchaza uMbane.
Yize ibhola labesifazane lithuthuka kodwa uMbane ukubeke kwacaca ukuthi igebe alikavaleki phakathi kwabo nabesilisa.
“Igebe phakathi kwethu nabesilisa alikavaleki kodwa kancane kancane kuyacaca lapho sibheke khona. Sesineligi eseqophelweni eliphezulu, sekuneCaf Champions League kanti iningi labadlali abenza kahle bathola izinkontileka emaqenjini aphesheya. Uma singahamba ngalo mgqigqo angingabazi ukuthi igebe sizolivala. Imisebenzi yethu emihle iyona ezosikhulumela.” kulandisa uMbane.