Now Reading
Asikhulume ngazwilinye kubuyelwe ezinkundleni – NFSA
Dark Light

Asikhulume ngazwilinye kubuyelwe ezinkundleni – NFSA

Baveza ukuthi emazweni aphesheya nawalapha e-Afrika abalandeli bayaya ngobuningi ezinkundleni.


Intokazi ehola inhlangano ephethe abalandeli bebhola iNational Football Supporters’ Association (NFSA), uSiyabulela Loyilane isiphonsele inselelo iziphathimandla zebhola eNingizimu Afrika ukuthi zibambisane ukuze kufezeke isifiso sokuthi abathandi bezemidlalo babuyele ezinkundleni.

Sekuphele iminyaka emithathu abalandeli bebhola bavinjwa ukuhambela imidlalo yePremier Soccer League (PSL). Selokhu kwaqala ukhuvethe imidlalo idlalwa ngaphandle kwabalandeli ezinkundleni kuPSL.

ULoyilane utshele elaboHlanga ukuthi kumqoka ukuthi bakhulume ngazwilinye beyiziphathimandla zebhola ukuze abalandeli bezobuyela ezinkundleni. “Sesikhulume neziphathimandla ezahlukene ngendaba yokuthi abalandeli babuyele ezinkundleni. Okwamanje akukho okubambekayo. Yingakho sizoqhubeka nokufaka ingcindezi kulezi ziphathimandla size sithole into ebhalwe phansi echaza ngokuthi abalandeli bazobuyela nini ezinkundleni. Sisazoqhubeka nokugxoba itoyitoyi emidlalweni eyahlukene yePSL. Sikwenzile ngesikhathi kudlala umdlalo wabakhaya phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Sihlele enye imashi ezoba ngoMbasa eGqeberha, eNelson Mandela Bay Stadium. Sizobhikisha abalandeli baze bavulelwe ezinkundleni,” kubeka uLoyilane engxoxweni ekhethekile naleli phephandaba.

Ngonyaka odlule kuphele unyaka isiqalile ukuvula izinkundla uma kudlala iBafana Bafana. Ibivumela abalandeli abayizi-2 000 abagomile.

“Kudala sayiqala le mpi yokubuyiselwa kwabalandeli ezinkundleni. Indaba yokuthi kubuyiselwe abalandeli abayizi-2 000 asihambisani nayo. Lesi sibalo sincane kakhulu uma ubheka ukuthi izinkundla zethu eziningi zilayisha abalandeli abangaki. Inkundla nenkundla kumele ivunyelwe ukuthi ithathe abalandeli abanguhhafu wesibalo senani elithathwa yileyo nkundla. Le yabalandeli abayizi-2 000 ayiwenzi umqondo ngoba izinkundla ezilayishi isibalo esifanayo sabalandeli. Ngonyaka odlule satshelwa wukuthi asibekezele izinkundla zizovulwa ngasekupheleni konyaka kodwa namanje sisalindile. Sekuphele izinyanga ezintathu namanje sisalindile,” kuchaza uLoyilane.

Ngempelasonto edlule iMamelodi Sundowns nayo ithathe abalandeli abayizi-2 000 kade ibhekene ne-Al Ahly kuCaf Champions League emdlalweni obuseFNB Stadium.

“Sikhulume namagatsha ahlukene ezifundazweni ezahlukene ngalolu daba. Asigcinanga lapho kodwa sihlangane nomama abadayisa ezinkundleni ukuze sikhulume ngazwilinye. Nabo bayalimala. Sikhulume nosomatekisi okuyibona abathutha abalandeli uma kunemidlalo. ISouth African Football Players Union nayo iyingxenye yalo mkhankaso,” kusho uLoyilane.

Phesheya kwezilwandle abalandeli kudala babuyela ezinkundleni kanjalo nakwamanye amazwe ase-Afrika.

“Inhlangano ephethe ibhola kuleli, iSafa, iyona okumele ngabe iyasihola ngalolu daba. Sixhumanile nayo iSafa kodwa wabona ukuthi kukhona lapho esiphambana khona. Asigcinanga lapho sixhumane neNational Soccer League lapho sibe nomhlangano nosihlalo wayo uDkt u-Irvin Khoza. Silithintile neHhovisi likaNgqongqoshe Wezemidlalo neSascoc. Njengamanje sesikhuluma ngisho noCogta. Akukho lapho asingakaze singqongqoze khona. Akumele ingabe yithina esiya kuCogta kodwa sifuna lo mkhankaso uthathe igxathu eliya phambili. Uma kwenziwa lezi zinqumo kumele ngabe sonke siba yingxenye yale mihlangano ukuze sizoya kuHulumeni nento eyodwa. Manje iSafa ikhuluma ekhoneni layo nePSL. Ukuze le nto ilunge kufanele sibambisane. Le ndaba yokukhulumela emakhoneni yenza uHulumeni ungalithatheli phezulu lolu daba,” kucacisa uLoyilane.

See Also

IMultiChoice exhase iligi iyona esolwa ngokushaywa ngesithende kwabalandeli ezinkundleni. Kuvela ukuthi izibalo zokuthanyelwa kwemidlalo yePSL zenyukile njengoba abalandeli bengavunyelwe enkundleni.

“IPSL izimisele ukusebenza nathi ukuze sifundise abalandeli ngemigomo okufanele bayilandele uma bebuyela enkundleni. Yazi sizogcina silahlekelwa ngabaxhasi ngale ndaba yabalandeli. Amaqembu amancane nawo angeke akwazi ukuthola abaxhasi ngoba ngeke bakwazi ukuthola inzuzo uma abalandeli bengekho ngokufaka imali yabo emaqenjini noma eligini. Lizofa ngempela ibhola uma lidlalwa ngaphandle kwabalandeli. Ebholeni lombhoxo nasemidlalweni wekhilikithi bazama ngayo yonke indlela ukubuyisa abalandeli ukuze bavikela isithunzi sabo nokuthi abaxhasi bangabaleki. Okuhle ngabo wukuthi babambisene. Bakhuluma ngazwilinye,’’ kulandisa uLoyilane.

Izintatheli zebhola nazo azikavunyelwa ukulibhada ezinkundleni.

“Sopha igazi nxazonke lapha ebholeni. UHulumeni wethu awuboni ukuthi ibhola linendlela yalo yokuthuthukisa umnotho. Inqwaba yemisebenzi elahlekayo ngokungabibikho kwabalandeli ezinkundleni. Uma kudlala umdlalo wabakhaya baseSoweto kuqashwa abaqaphi abalinganiselwa kwamakhulu amane. IFNB Stadium inendawo yezicukuthwane ebalelwa ekhulwini namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu. Ayikhulu ayavulwa uma kudlalwa owabakhaya. Izinkampani zokudla zithola imisebenzi bese zivula namathuba emisebenzi eyahlukene. Kwezinye izinkundla indawo yezicukuthwane idayiselwa izinkampani ezinkulu isizini yonke. Lokhu kusho ukuthi kunezindodla ezicwile emanzini kule minyaka emibili eyedlule.’’ kuchaza uLoyilane.

Scroll To Top