Now Reading
Akumthenanga amandla ukulimala uSithabile
Dark Light

Akumthenanga amandla ukulimala uSithabile

Uthi kulo nyaka uziqeqesha kanzima ukuze abe kulabo abazomela iNingizimu Afrika emidlalweni iCommonwealth Games


Usebheke ukuthi amele iNingizimu Afrika kuCommonwealth uSithabile Francisca Mnyandu. Le ntokazi yaseBhamshela eNdwendwe  yenze ezibukwayo ngeledlule ibuya nendondo yegolide emqhudelwaneni owaziwa ngokuthi iS.A Para Championship, lo mqhudelwano ububanjelwe eBloemfontein kusukela ngoLwesihlanu wasongwa ngeSonto.

Ikhuluma nelaboHlanga le ntokazi engunombolo-1 kuPara Table Tennins lapha eNingizimu Afrika ithe bekuyifanele ukuthi ibuye nalo igolide. “Akungithusanga ukuthi ngibuye negolide, nakanjani bekumele ngibuye nalo. Ngiye kulo mqhudelwano ukuzithemba kuphezulu kakhulu ngoba amalungiselelo bengiwenze kahle, akukho okungiphazamisile. Ngibonge kakhulu kubaqeqeshi ngokuthi bengilekelele ngokuthi ngizilungiselele kahle” kusho uSithabile.

Nonyaka uthe ayikho imiqhudelwano emikhulu azoyidlala, kodwa ukhona owodwa okuyiCommonwealth Games “Kulo nyaka ngiyafisa ukuba yingxenye yabazomela iNingizimu Afrika kuCommonwealth Games. Kobe lifezekile iphupho lami leminyaka, ngaphambi kwawo kodwa ngiyafuna ukudlala umqhudelwano ozothi ukuba nzima kancane. Ngaphandle kwalokhu ngiyafuna ukuthi ngiphinde ngingenele umqhudelwano weNdebe YoMhlaba ezokuba ngonyaka wezi-2023 ozosingathwa eThekwini. Iphupho lami elikhulu ukuba yingxenye yomqhudelwano amaParalympics ngonyaka wezi-2024, ngiyathandaza ukuthi ngikwazi ukwenza kahle kweyokuhlunga. Ngisebenza kanzima kakhulu ukuthi lokho kufezeke” usho kanje.

USithabile ugila izimanga nje ngoNtulikazi wangonyaka wezi-2002 wacishe walahlekelwa impilo yakhe, okwaba yisizathu salokho ukuthi ashiswe kanzima iqamunga lomlilo, ngalowo nyaka wayeneminyaka yobudala eyisi-6. Ukulimala kanzima kwayo kwenza ichithe izinyanga eziyisi-9 ezibhedlela ezimbili okubalwa iMontobelo Hospital neGreys Hospital. Ekulaleni kwayo esibhedlela yayilele egunjini lalabo abalimele okanye abagula kakhulu. “Ngiyazama ukungacabangi ngakho okanye ngikhulume ngakho, ngoba akusiyo into elula ukubuyela kuyona. Noma umuntu engibuza ngakho ngiyazama ukumuphendula ngisheshe ngidlule kukhona, iqiniso uma ngikhuluma ngakho kuvele kubuye izinyembezi. Okunye iqiniso nje anginaso isithombe esiphelele ukuthi ngempela, ngempela kwenzakalani ngoba ngangisemncane kakhulu kwenzeka. Khona ngeke ngaqamba amanga ingibuyisela izinyembezi into eyangehlela” kusho uSithabile.

Ngokwezemfundo waqala ukufunda eThembeni Primary School ngaseHillcrest, waqeda amabanga aphezulu e-Open Air School eGlenwood. “Ukufunda kwami lo mdlalo ngawufunda eThembeni Primary School, ngangicoshela abantu ababewudlala. Ngaleso sikhathi ngangifunda kabanzi ngawo. Empeleni kwezemidlalo ngangidlala unobhutshuzwayo ngiphinde ngisubathe kuTrack & Field, kodwa isinqumo sami sokugcina kwaba ukuqoma lo mdlalo (iPara Table Tennis)” kusho uSithabile oqeqeshwa uReggie Naidoo.

Unyaka wezi-2010 ilapho aqala ukukwazi ukuthi adlale umqhudelwano omkhulu nalapho athola indondo yethusi, kuthe ngonyaka wezi-2011 yahamba yaya ePretoria emqhudelwaneni weNational Championship wafike wathola khona indondo yegolide. Ngonyaka wezi-2013/14 wathola indondo yegolide koweSouth Africa Championship. Ngonyaka wezi-2015 eMorocco kowe-African Championship wabuya nendondo yethusi. Cishe unyaka wezi-2017 iwona angasoze awukhohlwa kwazise iwona akwazi ukuthi aye eTaiwan koweTaichung Table Tennis Open. Ngawo unyaka wezi-2017 waba yingxenye yomqhudelwano i-Open Para Table Tennis eSlovenia wakhishwa kumaQuarter-Finals.

See Also

Emva kwalokho udlale umqhudelwano i-USSA Championship owabe useKapa ngowezi-2019 wabuya nezindondo ezimbili zegolide, kwaba owe-AUSC Region 5 Championship wona owawuseLesotho, eMaseru wabuya nezindondo ezimbili zegolide nakhona. Uphinde wamela elakuleli eNigeria koweNigerian Para Table Tennis Open, eLagos waphuma kumaQuarter-Finals. “Into engikhuthaza kakhulu ekutheni ngithande lo mdlalo, ukuthi ngibuka abadlali baseChina kumavidiyo. Isikhathi esiningi nje ngisichitha ngokubuka bona” kusho le ntokazi.

Ngonyaka wezi-2019 wathola umklomelo we-Against All Odds Awards kumaKZN Sport Awards. Le ntokazi ikusho kwagcwala umlomo ukuthi lo mdlalo ewuthanda kangaka awunakiwe kakhulu ingakho kunzima nokuthi ithole abaxhasi. “Kukhona konke ngiyabonga ukuthi ngibe womunye wabantu abangaphansi kwe-Elite Athletes Development Program (EADP). Ngibonga uMnyango Wezemidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal nabakwaPrime Human Performance Institute ekutheni ngikwazi ukuziqeqesha, ngikulungele ukudlala noma imuphi umqhudelwano njengamanje” usho kanje.

Ngaphandle kokudlala lo mdlalo uSithabile nyakenye ubephothula izifundo zakhe zeCriminology & Forensics e-University of KwaZulu-Natal, eHoward College.

Scroll To Top