UMntwana uZibhebhu uboshwa Ekhowe



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
Kuqhubeka kushicilelo olwedlule
Kuthe lapho izikhulu zejele zibabuza ukuthi bazokwenzani. Bathi bazohlala neNkosi yabo, njengoba bengasenamuzi wokuhlala. Kwathi uma abelungu bethi abahambe bayohlala lapha abangenise khona eNyoni. Baphendula bathi imizi yonke yeNkosi yashiswa uSuthu ngakho bengehlale ezintabeni uMntwana bengamboni. Okwesibili akakho ozobavikela uma behlaselwa, ngaphandle kwakhe. Lokhu kwaba ngenkulu inkinga lapha kubelungu ejele, abaze baqonda ukuthi bazoyixazulula kanjani le nkinga. Bathumela izincwadi eMgungundlovu bebika le nsumansumane yeNdlunkulu woMntwana uZibhebhu. lmpendulo yathi okungcono abamakhele umuzi lapho ezohlala khona naMakhosikazi akhe hhayi amabutho ngoba uma eke wahlanganiswa namabutho uyosuke aphume ayohlasela. Kuthe ukubuya kwale mpendulo abelungu base bewakha umuzi eduze kwentaba uMaqhwakazi, ayezohlala kuwo njengesiboshwa sikaHulumeni. Wahlala kule ndawo eyisiboshwa isikhathi eside, abelungu bengamvumeli ukuba abuyele ezweni likayise. Babemvimba ngegama lokuthi uzofike asuse impi kuchitheke igazi phakathi kwezwe. Yena wayebaphendula ngokuthi kanti uma izitha zakhe zimsukela azenze njani. Abelungu bamphendule ngelokuthi angalwi nabo abikele abomthetho yibona abazomvikela bazijezise izitha zakhe. Wasethi uMagasa kulungile-ke sengobheka wona umthetho lowo ukuthi ngempela uyangivikela yini. Waseqamba igama lalowo muzi ayeboshelwe kuwo ethi kukwaBhekumthetho.
Kuthe ngemuva kwesikhathi eside ehlezi kulo muzi abelungu base bethi akathelele izindlu ayehlala kuzo njengomthetho owawusumisiwe phakathi kwezwe. Wala waphetha, ethi yena ngeke athelele izindlu eyisiboshwa, futhi engekhona endaweni yakhe. Uboshelwe lapha nje abantu bakhe bona bahlala endaweni kaMthengeni Mathonsi kwaSithebe. Uthe esuka wayethumela kubantu bakhe kwaSithebe ethi abenyuke bonke ahlangane nabo eNkantolo Ekhowe. Ukwenza lokhu nje akabatshelile abelungu ukuthi uyeza nesizwe sakhe. Abelungu bethuka sekumnyama iNkantolo ngabantu abangabalindele. Kwathi uma bebabuza ukuthi bafunani bathi beze eNkosini yabo uMntwana uZibhebhu. Kwathi uma esefika uMntwana uZibhebhu eNkantolo, wasebatshela abelungu ukuthi useyahamba ubuyela ezweni likayise kwaMandlakazi. Wathi yena wayengahlulwanga uSuthu kepha wehlulwa ngamaBhunu ngoba uHulumeni wamaNgisi eNatal engavumanga ukumnika usizo lapho emcela. Wathi akasenakuhlala ezweni elingenanyamazane, lapha kwaMaqhwakazi uphila ngenyama yenkomo kuphela. Abelungu bamncenga bathi ngeke kulunge abuyele ezweni lakhe, ngoba kuyosuka impi kuchitheke igazi futhi. Bathi akalinde bazobiza iNgonyama uDinuzulu, ukuze bamhlanganise nayo khona lapha Ekhowe. Nebala yafika iNgonyama uDinuzulu bazama abelungu ukuba kube khona uxolo ukuze uMntwana uZibhebhu abuyele ezweni lakhe. INgonyama uDinuzulu yakhombisa intukuthelo enkulu uma izwa ukuthi uMntwana uZibhebhu kanti usacabanga ukubuyela ezweni lakwaNdwandwe. Ngesikhathi udaba lungena Ekhowe kwacelwa amadoda ayenohlonze embusweni waKwaZulu ukuba abeke amazwi okubalamula. lnduna uMsushwana kaMfusi waseMdletsheni waba ngomunye owabeka amazwi wathi; “Zibhebhu ubani lona? Esho ekhomba iSilo uDinuzulu? Waphendula uMntwana uZibhebhu wathi;
“UDinuzulu” Waqhubeka uMsushwana wathi; “Uyini kuwe? UMntwana uZibhebhu waphendula wathi; “Umntanami, indodana yomfowethu iNkosi uCetshwayo” Waqhubeka uMsushwana wathi; “Uyini kuwe ngesikhundla sakhe? Waphendula uMntwana uZibhebhu wathi; “UyiNkosi” Waqhuba uMsushwana wathi; Kambe inja yake yamluma yini umnikazi wayo? Aphike uMntwana uZibhebhu athi qha. lqhubeke induna uMsushwanan ithi kuye; “Yazi-ke Zibhebhu ukuthi wena uyinja, uDinuzulu uyiNkosi yakho. La mazwi enduna uMsushwana ahlaba ephukela enhliziyweni yoMntwana uZibhebhu amthukuthelisa kakhulu, waze waphimisela wathi. “Msushwana ungibiza ngenja mina. Noma sixabene nabakwethu eNdlunkulu, kepha angiboni ukuthi sekungangena wena phakathi kwethu ungibize ngenja. Ngithi kuwe uze uwagwinye lawo mazwi akho Msushwana” Wasonga ngaso leso sikhathi uMagasa wathi noma bengaxolelana neNgonyama uDinuzulu kepha singeze salibusa kahle uma kusekhona umuntu onjengoMsushwana. Uma kusekhona abantu abanjengawe Msushwana, lisayophinde lixoveke izwe. Kuthe uma abelungu bemuzwa efunga egomela, esongela uMsushwana bamkhuza bethi angabe esachitha igazi ezweni ngoba abantu sebebulawe kakhulu. UHulumeni akasenakukubekezelela ukuchitheka kwegazi ezweni lakwaZulu. Wabuza uMntwana uZibhebhu wathi ngabe kuhle nje ngimbuke uMsushwana engithuka, futhi kuthiwe angingazivikeli noma bengihlasela? Akatholanga mpendulo ezikhulwini ezimhlophe.
lnkulumo yenduna uMsushwana eyayithi ikhuluma ngoba ifuna baxazululeke yakubeka kwaba sobala ukuthukuthela koMntwana uZibhebhu. Kwacaca ukuthi noma abelungu bethi bona bakhuluma eyoxolo, kepha neSilo uDinuzulu sakhombisa ngokusobala ukuthi kasiyingeni eyoxolo. Kwathi uma abelungu bethi iSilo uDinuzulu noMntwana uZibhebhu abaxhawulane bakhombise ukuxolelana ngaphambi komthetho. Kwathi lapho uMntwana uZibhebhu ethi welula isandla sakhe ufuna ukuxhawula eSilweni. INgonyama uDinuzulu yona kuthiwa yelula isandla esasiphethe iwisa, ifuna ukumxhawula ngalo. UMntwana uZibhebhu wasigodla isandla ayeseselulile, wema akabe esaqhubeka. Zajamelana izingqungqulu zibhekene emehlweni, akwaba bikho ebheka phansi.
Kuthiwa kwezwakala ikhehla elidala lomlungu limemeza lithi; “Kuyodela uMakhasana oyakubona izinqama zinqikilana, zindala zombili, enye ngeka Jininindi, enye ngekaMaphitha” Umlungu ndini lona usho lesi sisho esashiwo yiNkosi uMpande mhla kuzobhekana amaWundlu ayo eNdondakusuka engasenakulanyulwa muntu. Bathi iNgonyama uMpande yakhipha uMntwana uMakhasana kaZivalele owayeyinceku yayo enkulu kwaNodwengu ukuba ayoyibonela ukuthi impi iyolwa kanjani.
UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali. Phakathi kwamabhuku asewabhalile kukhona Umongo kaZulu kanye neNhlendla yethusi kaZulu. Uthinteka ku 0640400832.
Waphuma uMntwana uMakhasana engayokulwa yena kule mpi kepha eyoba yiso leNgonyama uMpande. INgonyama yayimethembile kakhulu uMntwana uMakhasana yonke into yayo iphathwa nguye. Kwaze kwathi indodana yoMntwana uMakhasana egama layo uSifile kwathiwa izalwa yiNgonyama uMpande ngoba yakhula nezingane zeNkosi eSigodlweni kwaNodwengu. UMakhasana wazala amadodana akhe amabili uMntwana uSifile kanye noMntwana uMadokodo.
Kwathi ngaphambi kokuba asuke uMntwana uZibhebhu kwaMaqhwakazi wasebutha ibutho iNtakabhiji, okuyiNyonebomvu eyelama iNyonemhlophe. Kwathi uma eselibuthile wasethi ababambe amaqhude bawaquthe izisila benze amadlokolo abazowathwala emakhanda uma sebebuyela ezweni lakhe lakwaMandlakazi. Wathi wenzela ukuba kuthi uma benqamula izimfunda zamanye aMakhosi, baqhamuke beyifu elimnyama, ukuze lapho bedlula khona bangavinjelwa ngabantu bendawo badede endleleni. Nebala amabutho onke enze njalo. Wasuka kwaMaqhwakazi wakhukhula nayo yonke impi yakhe, iholwa nguye uqobo. lzindaba zase zizwakele ukuthi uyabuya uMntwana uZibhebhu eNyoni. Njengoba iningi labantu basoSuthu base bakhe endaweni yakhe, labo ababethi akasena kubuya eNyoni. Kuthe uma efika nje ezweni lakhe, wayesakha umuzi ngaseNkungwini wawuqamba igama wathi kukwaBhekumthetho, esevusa igama lomuzi wakhe wakwaMaqhwakazi. Wedlula waqonda eMsebe lapho eyayibambene khona impi yoSuthu noMandlakazi, kwathi uma efika khona wasethi amabutho awatheze izinkuni.
Kwathi uma amabutho esezithezile izinkuni wasethi awabase umlilo omkhulu. Wathi abagawule amagatsha amahlahla aluhlaza bawabeke ngaphezulu komlilo, ukuze kube nentuthu enkulu eyoze iyofika ezulwini. Wathi wenzela ukuba nalabo ababengakezwa ukuthi ubuyile babone ngayo intuthu, ukuze bathuthe babaleke angaze achithe igazi leli abelungu abathe angabe esalichitha. Abantu babaleka bagcwala izintaba bethi uMntwana uZibhebhu usebuyile, useshisa yonke imizi eyakhe kwelaseMsebe. Khona manjalo bezwa kuqhuma nezibhamu zinganqamuki, kanti usephake inqina iyazingela, idubula izinyamazane. Kwathi leyo mizi yalabo abahlala ngenkani bengakhonzile kuye, wayishisa yonke.
Ufika nje akukho lapho azongenisa khona, nakhu phela uSuthu lwashisa yonke imizi yoBukhosi yakwaMandlakazi. Kwathi uma efika emfuleni eNtweni wasethi amabutho awenyuke ayokwakha amadlangala lapho ayezovusa khona umuzi waseBanganoma. IBanganoma leli ulivusa eduze kwegqunyana okwathi uma elibheka wathi limkhumbuza intaba yakwaMaqhwakazi. Lelo gquma waselibiza ngokuthi kukwaMaqhwakazi, kuze kube manje lisabizwa ngalelo gama. lmizi yakhe yonke wayeyakhe ezindaweni eziphezulu neziphakemeyo. Bathi wayethi wenzela ukuthi uma izitha zihlasela zishisa omunye wemizi yakhe bese bebona kalula ngentuthu kulena eminye imizi yakhe ukuthi sekonakele baphuthume khona bonke abavela kule mizi engashiyo bayocima umlilo. Kwathi lapho kwakhiwa iBanganoma abanye babevusa iNkalakuthaba, kanti abanye bavusa INkungu kanye nasEkuphanyekweni. Ngaphesheya komfula iMona wavusa umuzi wasEkuvukeni. Kwathi eMpumalanga yomfula iMona ngasenqabeni iSokosoko wavusa umuzi wasOkledeni. Le mizi uyivusa njena ufaka oNdlunkulu bakhe kuyo.
lzindaba zafinyelela kuMntwana uZibhebhu ukuthi uMntwana uHlomuza iMboza laseNzondwayo yilona eseliphethe futhi selibeke nemizi eminingi endaweni yakwaMandlakazi. Kwathi ngenkathi iNkosi uMntwana uZibhebhu ebuya Ekhowe wafica ukuthi lokho kuyiqiniso. IMboza sekuyilona eselihlonishwa njengomuntu owayephethe esikhundleni sakhe kepha engabekwanga nguye futhi engaxhumani naye. USuthu lwaselumemukela njengeNkosi bengasacabangi ukuthi kungenzeka uMagasa abuye ezweni likayise. UMntwana uHlomuza naye wayekwenza konke okwakudingwa isizwe. Kwaba nemizi eminingi eyayivela oSuthu izokwakha kwaMandlakazi. INkosi uMntwana uZibhebhu yayingenanhloso yokuba imbulale umfowabo nanxa kwakungekho ukuzwana okuhle phakathi kwabo. Ngenkathi uMntwana uNdabuko ezohlasela uMntwana uZibhebhu eNdimhlane, iMboza kalizanga namabutho alo kepha laphaka inqina yayozingela eMhlozi licabanga ukuthi uSuthu luzofika luzidlele amahlanga nje kuMandlakazi kanti kalibuzanga elangeni. Kwathi uma uMagasa eselunqobile uSuthu waseqamba ihubo ehaya umfowabo uHlomuza ethi; “UMakhanda ngandondo akezanga ukuzomlwisa uSuthu luzomhlasela kepha wahamba wayozingela izinyamazane. Aze asho ukuthi baphela abantu bakayise begwazwa yimikhonto kepha yena ulibele izinyamazane”.
Lesi senzo soMntwana uHlomuza sadala amazinyo abushelelezi kusukela empini yaseNdimhlane futhi kakuzwakali ukuthi ikhona neyodwa impi ake wabambisana nomfowabo ukuvikela izwe leWombe laseNkungwini. Kwathi uma efika nje uMagasa waseqala ukushisa imizi eyayisibekiwe nguMntwana uNdabuko nalo iMboza laseNzondwayo. Lanele lezwa iMboza ukuthi kubi lase lehlela ngezansi kalaze laba nempi eliyibhekisa kumfowabo uMntwana uZibhebhu. Nayo iNkosi uZibhebhu kayikhombisanga kulwa nowakwabo. Kwathi uma uMntwana uZibhebhu esezinzile wasethumela kuMntwana uHlomuza wathi ulambile. Ukusho lokhu eqondise ekutheni phela yena uMntwana uHlomuza kade ebusa kwaMandlakazi yena ezula ezintabeni elwela leli lizwe likayise. Bathi uMntwana uHlomuza wakhipha izinkomo wazithumela eBanganoma. Wafika wazemukela uMagasa. Kuthe ukwedlula kwesikhashana esincane waphinda uMxhapho wathumela kulo iMboza wathi ngilambile wathi lokhu elalimnike khona kwagcina lena ezansi kwenkaba. Kuthiwa uMntwana uHlomuza wabuye wakhipha ezinye izinkomo wazithumela kuyo iNkosi eBanganoma. UMagasa wabonga wasethi izithunywa zifike zimtshele oweNkosi ukuthi; “Awu lokhu akulethileyo akufiki ndawo kuselena ezansi kwenkaba. UMntwana uHlomuza akhiphe umhlambi othe xaxa manje enethemba lokuthi sekuyobongeka eNkosini. Abone manje uMntwana uHlomuza ukuthi lo mfula uza kabi, yizikhukhula lezi azibonayo washo wakhukhula nalabo ayehlezi nabo wabheka eSwazini lapho afike wakhonza khona. Kwathi uma esethi usezinzile khona ngoba amaSwazi ayememukele kahle aze amethula eBukhosini kwaNgwane kwase kuzwakala ukukhuluma okwase kuvela kwabanye abanumzane bamaSwazi bethi; “Lona enimakhise lapha umuntu omkhulu akaphathwa ngabantu nguyena ozophatha nina. Kwawethusa kakhulu amaSwazi lokho kwase kubonakala ukuthi asengahle amhlasele lona weNkosi. Bathi wasethutha eSwazini wazokwakha endaweni yaseMagudu. Nalapho kwabonakala ukuthi akukho ukuhlala kahle. UMntwana uFokothi kaMaphitha wasethi akusuke imizi yakwaNzuza kanye neyakwaNgema idedele umfowabo uMntwana uHlomuza. Kwaba ukubuya kwakhe esezohlala nabafowabo endaweni yaseNkunzi. Kwathi uma efika lapho wasakha umuzi wakwaNtulindawo.
- UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali. Phakathi kwamabhuku asewabhalile kukhona Umongo kaZulu kanye neNhlendla yethusi kaZulu. Uthinteka ku 0640400832.