Now Reading
UMntwana uZibhebhu ulwa nezwe
Dark Light

UMntwana uZibhebhu ulwa nezwe

Kuqhubeka kushicilelo olwedlule
Kwathi ngenkathi umbuso wamaNgisi ubeka izikhulu eziyishumi nantathu wathi seziyalingana neNgonyama uCetshwayo. INkosi uSokwetshatha yeSizwe sakwaMthethwa bathi yaphendula yathi; “Bona njengaBathethwa babenombuso wabo owawuzimele ngokupheleleyo nowaqeqesha iSilo uShaka kaSenzangakhona. Kwathi uma iNkosi yabo uDingiswayo ibulawa yiNkosi uZwide kaLanga, iSilo uShaka sabathatha sabafaka ngaphansi kombuso kaZulu.

ABathethwa bakuhlonipha tokho kwenganyelwa kwabo uMbuso kaZulu. Yathi namanje uma umbuso wamaNgisi usunqobe uZulu sesizophathwa yiwo, nalokho sizokuhlonipha njengoba senza njalo kuSilo uShaka”.

Ngenkathi uMntwana uZibhebhu esenikezwa amandla okuziphatha ezweni elalibuswa nguyise uMntwana uMaphitha, kwakunemizi ehlonishwayo yaBantwana beNkosi eyayivele ingaphansi kokuphathwa uMntwana uMaphitha eyawetha ngaphansi kwakhe. Kwathi lapho amaNgisi ethi kuMntwana uNdabuko noMntwana uZiwedu kanye noNdunankulu uMnyamana nabo abanika amandla okuziphatha, uMntwana uZibhebhu ngakho azobasikela izindawo zabo lapho bezobusa njengaMakhosi.

Kuthiwa bala baphetha bathi bona ngeke bakuvume ukulinganiswa neNgonyama. AmaNgisi asebatshela ukuthi izindawo lapho abakhe kuzo sezingaphansi koMntwana uZibhebhu ngokohlelo IweNdlovukazi yamaNgisi. Kwasekuthiwa kulaMakhosi aseziphethe kawathelise imizi yonke engaphansi kwawo imali ayise kuHulumeni osephethe wamaNgisi.
Kwathi uma uMntwana uZibhebhu ethi uyothelisa aBantwana noNdunankulu baphikisana kakhulu naye. Kwathi ngamandla ayesenawo wadla izinkomo zabo ngempi kwaMinyamanzi nezaseMatheni kanye nasEkushumayeleni. Balwa bevikela okungokwabo kwathi imizi yabantu eyayakhe ezindaweni zabo wayishisa.

Abantu babebaleka bagcwale izintaba zonke. Amanxuluma ahlonishwayo obukhosi, ezikhulu kanye nawabanumzana ayesephenduke amanxiwa. Amawa nemigede kwasekuphenduke amakhaya kubantu bakwaZulu. Izinyoka zase ziphenduke abahlobo babo bengasazibalekeli. Intukuthelo yoMntwana uZibhebhu yokuziphindisela yayinkulu. Kwakuthi lapho ekhuluma iphimbo lakhe ezitheni zakhe lalifana nombhongo webhubesi kanye nomlilo obhubhisayo. Intsisekelo ayenayo emphefumulweni wakhe kwaba ukuba aziphindisele kulabo ayebathatha ngokuthi bayusongo nezitha kuye.

AbakwaMdlalose babalekela kwelamaHlubi, kwathi abaQulusi babalekela eHlobane. Abanye banqamula umfula uBivane bayokhosela embusweni wamaBhunu aTilasivali. Kwathi lapho uMntwana uZibhebhu ethi uthathelela abakwaButhelezi wathola itshe selome inhlama, sekukhala ibhungane yonke imizi yakhona. Bona base bebaleke bayobhaca ehlathini eNgome. Wafika wayishisa imizi yakhona.

Kwathi laba ababethi babhace ngaphansi kwaGodlankomo wafika wabavundulula ngebhosho, baphuma belakanyana kuhle kwezimbila zikhishwa umhlwazimamba esixhotsheni. Wayidla imihlambi yezinkomo nakhona emzimkhulu kaNdunankulu uMnyamana Ekushumayeleni. Kwathi labo ababesahamba ngezindlela ezivundlayo bethi basayocasha, babona ngentuthu ukuthi konakele emuva, baqinisa kulo ijubane. Lapha imbongi yakhe iyixoxa ithi;
“Uphehl’ itshe lingenambobo
Ngaphansi kwaGodlankomo
Laze Iabhoboka”

Kwasinda labo ababaleka nezinkomo zabo bayobhaca, engakafiki kubo kepha abasindwa izinyawo labashonela. Kuthe kusenjalo wafika eNdlunkulu kwaMinyamanzi kuMntwana uNdabuko wafika wazidla nakhona wayishisa yonke imuzi yakhona. Uyasuka lapho uphikelela kuMntwana uZiwedu nakhona kwafika kwaba yiso leso wazithatha wawushisa umuzi waseMatheni.

Basuka aBantwana beNkosi uMntwana uNdabuko noMntwana uZiwedu kanye noNdunankulu uMnyamana bayobikela uMalimade eNhlazatshe inhialo ebuhlungu ababephethwe ngayo uMntwana uZibhebhu. Kwathi uma befika kuMalimade wabaphendula ngokuthi uMntwana uZibhebhu wenza kahle ngoba baphethwe nguye, bona bala lapho uHulumeni ethi nabo ubanika amandla okuziphatha njengoMntwana uZibhebhu.

See Also

Kwathi uma bezwa Iawomazwi kaMalimade basuka eNhlazatshe bagonda enkantolo eMahlabathini bayocela ukuba uHulumeni abasikele izindawo lapho bezoba namagunya okuziphatha baphume ngaphansi kwesandla soMntwana uZibhebhu.

UMantshi wasamukela isicelo sabo njengoba kwakuyinjongo kaHulumeni ukuba alisike iziqeshana izwe IakwaZulu, nokuba alibekele ababusi abaningi. Wasebanika onembe bokuthi sebengaMakhosi azimele abasekho ngaphansi koMntwana uZibhebhu.

Wasebasikela amazwe abo ababezozibusa kuwo. UNdunankulu uMnyamana wasikelwa elaseMadaka kwaButhelezi, uMntwana uNdabuko wasikelwa elakwaGgikazi kwathi uMntwana uZiwedu wasikelwa elaseMatheni.

Kwathi uma esuka lapho waqonda Okhonjweni emzini woMntwana uMawu kaTokotoko uyafika khona sebebaleke baphonseka ehlathini eNgome bashiya izinkomo. Bathi wafika wathi; “Awu Iokhu okungumfowethu kanti kulivaka sekubaleke kwashiya nezinkomo” Washo wazidla uGwavumane. Uzidla nje akakho noyedwa obuye azilandele. Kanti usedle nezeNkosazana uMntwana uBatheni. Kuthiwa uMntwana uBatheni wasuka waphikelela khona kumnewabo eBanganoma.

Scroll To Top