Ubhoboka ngokumenze wagoba uphondo kuSundowns uComitis
Ngemuva kokudayisa isibabuli somdlali uSuprise Ralani kuMamelodi Sundowns ngetshe lemali elaboHlanga lithole ingxoxo ekhethekile nosihlalo weCape Town City, uJohn Comitis (JC).
UComitis uphumele obala ngesinqumo sakhe sokudayisa uRalani, wudaba lukaThabo Nodada omataniswa ne-Orlando Pirates nokulambela ukwenza kahle kuNedbank Cup.
Ingxoxo yakhe noZipho Singela (ZS) ihambe kanje:
ZS: John, asikubingelele onyakeni omusha bese sihlala odabeni. Kungani nithathe isinqumo sokudayisa uRalani?
JC: Sibheke izinto ezintathu ngaphambi kokuthi sidayise uRalani. Sibheke iminyaka yakhe (unama-34), yisicelo seMamelodi Sundowns ebisibeke etafuleni, yindlela abeziphethe ngayo eqenjini nezinto ezinhle azenzele iqembu. Besingazimisele ngokuma endleleni yakhe. Ukuyodlala kuSundowns kumfanele futhi ukusebenzele. ISundowns ibimnika inkontileka econcisa amathe. Akukho ebesingakwenza ukumvimba. Siyamjabulela njengeqembu futhi sesidlulile odabeni lwakhe.
ZS: Sisekuzo ezithinta ezokuhwebelana ngabadlali. Omunye umdlali wakho omqoka uThabo Nodada ukhonjwa ku-Orlando Pirates. Ngabe lezi zindaba ziyiqiniso kangakanani?
JC: Iyangidida nami indaba kaNodada. Wonke umuntu umkhomba kuPirates kodwa akekho noyedwa oseke wangithinta ngasohlangothini lwayo. Thina sivule izandla. Yebo, angisho ukuthi siyamdayisa kodwa uma kukhona abasithintayo sizobalalela. Okwamanje akekho osasithintile ngoNodada. Indaba kaNodada nePirates akuyona yinto engizihlupha ngayo ngoba yinto engekho.
ZS: Ukhuvethe luwaphazamise kangakanani amaqembu ebhola kuleli?
JC: Ukhuvethe luphazamise wonke amaqembu ebhola. Alikho iqembu elingathi aliphazamisekanga. Injongo yethu sonke ngokuba sebholeni ngabalandeli. Ngaphandle kwabalandeli kunzima nokuthola abaxhasi. Amaqembu alahlakelwe yizindodla ngokungavunyelwa kwabalandeli ezinkundleni ngenxa yaleli gciwane. Kumele siqhamuke namaqhinga okubuyiswa kwabalandeli ezinkundleni ngoba sizolahlekelwa ngabaxhasi.
ZS: Ngabe nizofuna sibuyekezwe isinqumo senu sokuhlawuliswa yikomidi eliqondisa ubugwegwe kuPremier Soccer League (PSL) ngokuntshontshelwa amakhadi ngesikhathi nibhekene neMaritzburg United?
JC: Angeke sisifake isikhalo ngesinqumo esithathwe yikomidi eliqondisa ubugwegwe. Sizowukhokha u-R50 000 esihlawuliswe wona ngoba omunye uyalenga ngemibandela yokuthi singatholakali necala elifanayo zingakapheli ezinyanga ezili-12. Silivumile icala ngoba indaba yokuntshontshelwa yinto engekho emandleni ethu. Isimo ebesingeke sikwazi ukusigwema kodwa ngebhadi-ke kumele sikhokhe.
ZS: Senikuphi nezinhlelo zokuzama ukwakha inkundla yenu yasekhaya?
JC: Izingxoxo ziyaqhubeka phakathi kwethu nomasipala waseKapa. Sizama ukuthola igunya lokuthi indawo ibe ngaphansi kwethu. Uma ngihluleka wukuthola leli gunya ezinyangeni ezili-12 ezizayo ngizophoqeleka ukuthi ngiphose ithawula. Okuhle wukuthi umasipala uyangigqugquzela.
ZS: Kulo nyaka yini enibheke ukuyizuza njengeqembu?
JC: Inhloso yethu enkulu wukufinyelela kowamanqamu koweNedbank Cup. Sikuqonda kahle ukuthi angeke kube lula ngoba sibhekene neqembu elinzima iRoyal AM ekuhambeni. Okwamanje kodwa into esemqoka wukugcina indawo yethu kuTop 8. Angiboni kukhona elinye iqembu elingaphazamisa iSundowns embangweni wesicoco seligi. Asisebenzise leli thuba ukwakhela ukufaka umbango kuSundowns ngesizini ezayo. Yizona izinto esizibhekile. Sinethemba lokuthi sizokwazi ukuzizuza zonke.
ZS: Ngabe iqembu selikulungele ukufaka umbango oshisayo kuSundowns?
JC: Uma kuqala isizini usuke uzethemba ukuthi ungasinqoba isicoco seligi. Nakanjani phakathi nesizini izinto ziyaguquka. Uma ngibheka izikwati zethu ziqine kuzo zonke izinhlangothi ukuthi singakwazi ukulwela ukuqeda sibalwa namaqembu amane aphezulu esicongweni. Izinto ziyenzeka. Ushweba amathuba, ugeje namaphethi. Nathi sizithola silapho manje.
ZS: Kuzoba mqoka kangakanani ukugcina abadlali abawumgogodla weqembu uma nifuna ukuqeda ukucanasa kweSundowns embangweni wesicoco seligi?
JC: Ibhola akuwona umdlalo omile. Ebholeni izinto ziyaguquguquka. Abadlali bayafika baphinde bahambe. Uma kukhona abahambayo kumele senze izinhlelo zokuvala izikhala zabo. Akuyona into esizihlupha ngayo. Yebo, kunabadlali abamqoka eqenjini esingafuni ukuthi basilahlekele.