Kunezinhlobo ezahlukene zenkokhelo kubabhali



USphindile Mthethwa, uyingxenye yethimba lakwaShuter & Shooter Publishers
Siyazi ukuthi imali ibalulekile futhi iyasisiza ukuze sikwazi ukuziphilisa. Ngakho-ke sizama ngezindlela eziningi ezahlukene, sikhande amasu okuyithola le mali. Emandulo izindaba zazixoxwa nje noma kuphi, kuyindlela yokufundisa, yokuxwayisa, noma zichithisa isizungu.
Kepha ngokuguquka kwesikhathi, akuselula ukusabalalisa ulwazi ngendlela yokuxoxa ezithangamini. Ilapho-ke izinkampani zokushicilela ziklama khona indima ngokubamba iqhaza ngokuqinisekisa ukusabalala kolwazi.
Lokhu kwenzeka ngokuthi abashicileli batshale izimali, bakhokhele zonke izindleko zokushicilela. Zishicilela imibhalo eyahlukene, efundisayo, eyexwayisayo, nezinye izinhlobo zemibhalo. Lokhu kuholele ekutheni kube nezindlela ezahlukene zokukhokhela umbhali wencwadi eshicilelwe.
Izinhlobo zenkokhelo
Njengoba sibalulile ngenhla ukuthi abashicileli yibona ababhekana nazo zonke izindleko zokushicilela, ukudidiyelwa komsebenzi wombhali, ukugaywa kwencwadi. Umbhali uyabhala, alungise lapha nalaphaya, bese edlulisela kubashicileli ukuze bawupheke umsebenzi awubhalile uze ulungele ukushicilelwa.
Umbhali ukhokhelwa ngohlobo lwenkokhelo olubizwa ngamaroyalties. Amaroyalties kuba yingxenye yamaphesenti enzuzo evela ekudayisweni kwencwadi. Kanti avame ukukhokhwa kanye noma kabili ngonyaka. Abashicileli babuka isamba semali esitholakele ngokudayiswa kwencwadi, bese bebamba ingxenye yezindleko zokushicilela. Le enye ingxenye elingana namaphesenti okuvunyelwene ngawo nombhali ngenkathi kwenziwa isivumelwano, ikhokhelwa umbhali.
Yize kungavamile, ngesinye isikhathi abashicileli bayakwazi ukucela umbhali ukuthi abhale okuthile. Lapha bajweyele ukukhokha isamba okuvunyelwana ngaso. Lesi samba sikhokhela umbhalo kanye nawo wonke amalungelo aphathelene nalowo mbhalo, okubalwa ilungelomnikazi.
Abashicileli baba negunya lokuwusebenzisa nganoma iyiphi indlela lowo mbhalo. Lapha ubudlelwano phakathi kombhali nabashicileli kuba obesikhashana ngoba buyaphela emva kwenkokhelo. Kanti uma umbhali ekhokhelwa ngamaroyalties, le nkokhelo eyaminyaka yonke, uma nje incwadi isadayiswa ngaphansi kwegama labashicileli.
Ngakho-ke, kubalulekile ukuzikhandla ngoba ukudayiswa kwencwadi yakho ikona okunomthelela enanini lenkokhelo oyitholayo. Phela ukhozi olubambayo ngoluzulayo.