Kuhle ukuba nombono nentshisekelo kwazise kuthuthukisa umphakathi


Umuntu ozaziyo ukuthi uyini, akazenzi izinto ezimbi, akabaxovi abantu, akanawo umgolo, kusukela ekukhuleni kwakhe (esengumfundi). Ungumveliveliyo, kufise nabaningi ukwenza kahle njengaye, nokuba nezenzo ezinhle emhlabeni ezithandwa nguMdali, nethongo lakhe uma evunyelwa ithuba ezweni.
Sizothunga imbenge ngaboHlanga, ngomphakathi, ngezinye izizwe nezinhlanga, zase-Afrika nakwelengabade.
Ngamaqhaza obunye nentuthuko abawabamba, abasawabambile, abaziqalela ngabodwana nganoma iyiphi indlela. Kwayima kungenelela uHulumeni, umasipala neminye imikhakha yezwe labo. Kwakuhle kwethu!
Kwazoba nababhali ababhala ngabo ngenkathi bevunyelwa ithuba lokubagqamisa. Ukuze labo bantu abenza kahle baziwe, kwaziwe ngabo, bakhunjulwe yizizukulwane zabo. Ukuze izizukulwane zenze kahle njengabo besaphila noma sebekobandayo. Hhayi ukuziba okuhle umuntu esaphila, ufuna kugqame wena,uhubhu kabhejane.
Banenhlakanipho kaMdali nezimfundiso ezinhle zasemakhaya ikakhulukazi komama, bebe bengafundanga kakhulu noma befunde ngokuthe thuthu.Kuba yinhlanhla enkulu uma bezifunde kobaba izimfundiso ezinhle.Kuyinaphakade nobufakazi ngabo besaphila noma sebengasekho.
KwakunoMnu uMohammed Lappa Sultan, owanikela ngezimali zakhe ekusungulweni kwekholiji iML Sultan Technikon ngowe-1956, manje seyibizwa ngeDurban University of Technology.
Kwazoba nguMntwana uMangosuthu Buthelezi owaba nomuzwa ngowe-1974, ingakasungulwa inhlangano yepolitiki i-IFP ngowe-1975. UMntwana wanxenxa uMnu uHarry Oppenheimer, owayenguSihlalo we-Anglo American Corporation kanye neDe Beers Consolidated Mines, ukuba aphonse esivivaneni sokwakhiwa kweMangosuthu Technikon osekuyiMangosuthu University of Technology eseMlaza.
Kwazoba nemiphakathi ezindaweni ezahlukahlukene eyaphonsa esivivaneni sentuthuko nesemfundweni yezingane ngalapho yakhe noma ihlala khona.
Yaqalwa ngabantu ababembalwa, ababebhunga ngentuthuko ababeyifisa ukuyibona yenzeka noma ababefuna ukuzibambela mathupha. Bachazela ikhansela lendawo ngohlobo lwentuthuko ababelufisa. Abanye bafingqa imikhono baxova udaka bazakhela izikole.
Waqinisekisa ubaba uShangase owayeyiMeya yokugcina KwaMashu onyakeni we-1996, wokuqala kwedemokhrasi eNingizimu Afrika. Ukuthi umphakathi wambikela ngesifiso sokwakhiwa kwesikole iKwesethu High School kwa-F, ehlathini lezigameko, elalibizwa ngokuyhi kusemphelandaba.
Kwakunalesi sithombe eningini esasingapheli sengane yentombazane eyayisencane eyabulawa kulelo hlathi, ngumbulali wagetshwa iminyaka. Sasingapheli ikakhulukazi kumama kaDoobsie uma ebuka njalo, ngaphesheya kulelo hlathi. Wafisa kube nesikole esasizocima leso sithombe emehlweni akhe.
Kwamshiya ebambe ongezansi uDoobsie, udadewabo kaMtungaye, uBonginkosi ukuthi kwakungumama wakhe lowo. Kwakungubaba uPP Cele wabanewethu uBhukhi, uBhoyzie, uMuntu, uJabu, uDondo nodadewabo. Ubaba uPP Cele wacela uloliwe, ukuba engeze amasango amabili okuphuma abagibeli besitimela KwaMashu, emva kokucindezelana kwabagibeli.
Kwakungumama wakwaSibisi kamnewethu uMandla, ubaba uMhlongo owayeyiphoyisa woMbongeni noVusi, kube ubaba kaDaniel, uDapheny, uDecent, uDulcie, uDavid noBonga bakwaNdlovu kwa-H.
Kwabakwa-F kwakungubaba uMhlongo emgwaqeni uMsweli osehlala eNtuzuma. UMnu uPat ‘uSihluthu’ Ngcobo umalume kaThemba maqondana nesango leKwesethu High School.Ubaba uMagagula. AbakwaMatlaivana ebaSuthwini, enyathini (ekhonteyna ebomvu), kwaNozibele umama kaSibusisiwe Rachel. Abakubo kaThulani Mpisi. AbakwaMazeka nabanye ababeyithanda intuthuko yomphakathi KwaMashu eminyakeni yowe-1981.
Abakholwanga oSiya benoKwazi ababefunda eKwesethu, ukuthi yakhiwa ngenxa yemibono kagogo nomkhulu wabo uPP Cele. IKwesethu iba nemiphumela emihle minyaka yonke yebanga leshumi nambili. Ingakho kunezingane zakwezinye izindawo ezizotapa ulwazi.
Kufundwa nangemiGqibelo esikoleni iKwesethu ukuze abafundi nothisha babe nesikhathi esanele sokulungiselela ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka. Ngamanye amazwi, othisha nothishanhloko, abafundi,isigungu sesikole, abasebenza imisebenzi eyahlukene, babambisene.
Kwakuyinqubo yaseZakhe Secondary School kwa-L, ngeminyaka yowe-1975 kuya kowe-1979, esaphekwa khona ngayo, yokuziqoqa ngendlela kwabafundi. Yabukelwa yizikole eziningi zaKwaMashu kubalwa neKwesethu. Yayithela izithelo ezinhle. Kwakuba nenqwaba yabafundi eyayiphumelela ngonombolo wokuqala.
Abafundi baseZakhe bebanga eliphakeme, babeqala ukufunda kusasele imizuzu engamashumi amathathu, kuqale sonke isikole ukufunda. Kwakufundwa ngemiGqibelo nangamaholidi. Uhlelo lwezifundo lwaluqedwa ngoNtulikazi. Kube nezivivinyo izinyanga ezimbili, kulungiselelwa ukubhala izifundo zokuphela konyaka.
Kunabambalwa kwa-H, abaletha intuthuko emphakathini. Kwakungubaba uMhlongo kaVincent osebenza Kwesethu, uPretty, uZanele, uDennis, umzukulu uBuya. Wayesiza imiphakathi ngezibonelelo zezempilo zakwaKhuphukani ngaphandle kwenzuzo.
Kwazoba nguMandla Stanley “iQola” Dladla owayengukaputeni, umnewabo kaThuthukani “uCaptain”, owayesilandela ezempilo kwababa uMhlongo sisadlala ku-Animals FC.
SekunguMadoda umnewabo kaLawrence ‘uBete’ Duma, umbhali wemidlalo yomoya, base-Underberg. Wanxusa uMasipala ukuba alethele umphakathi waKwaMashu imoto yamathikithi ngowezi-2009, ema ngakwa-H, esikoleni iKwesethu ngemiGqibelo ekuseni.