Ukuxokozela eNdlunkulu nasesizweni yinhlamba kuMdlokombana



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Iminyaka yokugcina yomholi ivame ukuqoshwa njengemqoka ngezizathu ezahlukene. Kosomlando nabacwaningi basuke bebheka ukuthi engabe loyo abasuke bebuka impilo yakhe kukhona yini akuguqulile ekuhambeni kwakhe. Lokhu kumqoka ngoba izigaba zokukhula ngeminyaka kanye nasebuholini ziyenza kube khona ukwehluka ekuhambeni kokunye amabatha. Uma kufika empilweni yeSILO esisanda kwebuza, uMdlokombana abacwaningi abebekude naye bazothwala ubunzima ngoba ngisho abebeseduze bazoba nenkinga efanayo ngoba iSILO sinyamalale kungazelele muntu. Nokho phezu kwalokhu kukhona wonke umuntu angavumelana ngakho uma kufika ekubukeni ngelibanzi impilo kanjalo nokunyathela kweSILO esesebuzile phakathi kwethu – imilomo iyavunana ekutheni sabe singumbumbi, sibumba uZulu neNdlunkulu ngokufanayo.
Kuso uZulu wabe ubanzi. Ngokwezinhlelo zaso kanye nezinhlaka ezisondelene naso uZibandlela ubuzoba ngohlabahlosile. Sikhuluma nyakenye ngalokhu iSILO sathi: “Lo mgubho kumele kube ngowesizwe. Akuwona owamakhekhe kepha owokubuka emuva lapho sivela khona ukuze sihlelele isikhathi esizayo,” kusho sona. Okwabe kusezinhlelweni yinkomfa yokuhlela neyabe izohlanganisa zonke izinhlaka zoBukhosi noZulu. Lapha ingqikithi kwabe kuwukubheka ukuthi eminyakeni engama-50 ezayo iSihlalo noZulu uyobe unjani.
“Le nkomfa akumele ihanjelwa nje kuphela nguZulu okweleNdlovukazi uMthaniya noma eNingizumu Afrika, kepha kumele kube nguZulu kuwo wonke amagumbi amane omhlaba,” kusho iNdlondlo. Kufika lapha nje eminyakeni nje emine eyedlule yaqala umkhankaso ‘wokubumba’ iNdlunkulu. Lapha yathi lokho iyokwenza ngosuku eyabekwa ngalo yethulwa esizweni mhla zintathu kuZibandlela.
“Ukuze sikwazi ukubumba uZulu ube yinto ethule du kumele siqale ngokubumba iNdlunkulu. Ngiyakhathazeka uma ngibona behamba abadala balayikhaya kusala izingane ezinye ezingazi nhlobo ngeSihlalo nangamasiko. Ukuqinisekisa ukuthi inhlekelele yokuba noZulu owazi ukwedlula iNdlunkulu ngeSihlalo nesiko ngizofisa ukubumba zonke iZindlu zakwethu, abadala nabancane ngibasondeze kimi,” kusho Ongangenzwe Lakhe.
Nembala kwaba njalo njengoba kusuka sisho lamagama usuku lwangomhla zi-3 kuZibandlela bese laziwa njengalelo ‘lweNdlunkulu”. Ikhuluma ngalolu suku ngowezi-2019 ithi kuyoba zinkumbi zabantu eNyokeni:
“Lolu wusuku olumqoka kimi nakuZulu wonkana. Ngalolu suku iNdlunkulu kaZulu noZulu basulwa izinyembezi. Kwathi kimi njengebhungu elabe lineminyaka engama-23 kwaba wukufa kwami. Ngalolu suku loyo engabe ngizalwe nginguye washabalala, kwazalwa lo namuhla enginguye kuZulu. Kule minyaka engiyibiza ngokuthi ngeyomusa, uNkulunkulu ungivezele okuningi, okubi nokuhle.
“Kule minyaka ngizwe ubuhlungu kanye nokujabula. UNkulunkulu ungiphe imindeni emibili emikhulu okuyiNdlunkulu kanye noZulu. Yomibili le mindeni ime nami ngezikhathi ezinzima. Yize kube khona ukudumala njengakuyo yonke imindeni, kepha okukhulu kube wukujabula, yimfudumalo nothando. Ngezikhathi lapho eminye imizi ibhidlika, ingahlonishwa, uZulu uyaqhubeka nokungihlonipha kanjalo neSihlalo engihleli kuso,” kusho iMbube.
Amandla kaZulu alele ebunyeni Sikhuluma namaNazaretha eKhenani mhla zili-11 kuMasingana ngowezi-2020 sabalula ubumqoka bobunye lapho kubhekenwe nesitha lokhu sakwenza sakulumbanisa nokunqoba kukaZulu eSandlwana: “Okwenzeka ngaloluya suku lwamhla zingama 22 kuMasingana kwaguqula umlando womhlaba nowezimpi. Ngalolu suku uZulu wadla umhlanganiso emini libalele. Osomlando bayavumelana ukuthi okwanqoba lapha wubunye ngoba uZulu waya lapha uyimbumba. Waya lapha njengomndeni. EzikaJinindi zadla isitha njengezingane zomuntu oyedwa ngoba wabe wazi ukuthi ukunqoba kwesitha kwakungasho ukushabalala kukaZulu okungakhathalekile ukuthi ukuliphi uhlangothi,” kusho uMdlokombana kumaNazaretha.
Enye inkulumo esayithula esizweni eSandlwana ngomgubho weminyaka eli-142 yabambana iSILO sathi: “Umlando uyasivezela ukuthi noma ngabe yisiphi isitha siyanqoba uma labo esibhekene nabo bengaxoxi futhi bengathembani, uma bengalaleli futhi bengalalelani. IsiZulu size sexwayiso lapho sithi : “Impi yesongo kayilwi” ngoba belu kayibuyi kepha iphelela yonke empini. Ubufakazi bale nkulumo siyabubona emlandweni wempi enkulukazi lapho uZulu ayemele khona ama-Afrika onke ngonyaka we-1879.”
Iyaqhubeka iMbube ithi kule nkulumo: “Akuyona imfihlo ukuthi ngesikhathi uZulu ephoqeleka ukuyozovikela kubahlaseli okwabe kuyiziqhwaga zamaNgisi ngaleso sikhathi, kwabe kukhona ukungaboni ngasolinye kokuningi kusuka kuyo iNdlunkulu kaZulu nasemazingeni ezigodi nemizi. Kepha ngokwazi ubumqoka bale mpi kuso iSihlalo nasezizukulwaneni zikaZulu, isizwe ngaleso sikhathi sathatha isinqumo. Lesi kwabe kuyisinqumo sokuba phezu kwemibono eyahlukene, enkundleni yempi akubhekwane nesitha sinqotshwe okunye kwegceke kukhulunywe emuva kokunqoba.”
Lobu bufakazi obungenhla nobunye obuningi bukhomba ukuthi iSILO esisithele sabe sikholelwa ebunyeni bomndeni (iNdlunkulu), imindeni kaZulu. Lokhu kwenza izindaba zomsindo eNdlunkulu nasesizweni zibe yinhlamba kuMdlokombana. Lokhu kungaboni ngasolinye sekwenze nemigubho yeminyaka engama-50 eyabe ihleliwe ingabibikho, okulishwa.