Ayifuneki inhliziyo engaphandle kulesikhathi sonyaka



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Sesibala izinsuku ngaphambi kokuthi sifike emaphethelweni onyaka. Angifuni ukusho lutho ngawo kodwa ngifuna ukusika elijikayo mayelana nalenyanga esikuyo. Okusemqoka ngalonyaka ukuthi mina nawe sisaphila noma kube khona ubunzima kanye nezihibe endleleni. Kuningi engikufundile kulo nyaka nengicabanga ukuthi nawe ukufundile. Kuningi okungithusile ngomuntu kulo nyaka kodwa ngiphinde ngaduduzwa ukuthi umuntu vele uyashintshashintsha. Sisesendabeni yokushintsha komuntu, ngicabanga ukuthi kuzoba yingozi futhi kuhlezi kuyingozi ukushintshashintsha ngalesikhathi sonyaka.
Iningi labantu liziphatha kahle unyaka wonke kuthi kungafika lesikhathi sonyaka konakale konke. Izinkumbi zabantu ziba ngamakholwa unyaka wonke kuthi kungafika lesikhathi sonyaka bathathe ijazi lenkolo balibeke endlini baphumele ngaphandle bazibonakalise ubungibo babo. Kubuhlungu ukuzwa umuntu ethi wakhulelwa ngoZibandlela futhi akanaso isiqiniseko sokuthi ngubani uyise womntwana ngoba wayedle amanzi amponjwana kulezo zinsuku futhi baningi alala nabo engazivikelanga. Kuningi ukonakala kwezinto ngalesikhathi sonyaka. Kukhona abazolala bebaliwe, belahlekelwe ikusasa labo ngenxa yobumnandi obuza nenyanga kaZibandlela. Abantu bakithi balahlekelwa isimilo kanye nokuzazi ukuthi bangobani uma kufika lesikhathi sonyaka. Angiyiphathi eyezingane eziqala ukuphuza uma kufika lesikhathi sonyaka.
Yonke imiphumela emibi evela kule nyanga noma ngemuva kwalenyanga kungenxa yokuhluleka ukuzibamba kanye nokuzikhuza. Le nyanga esikuyo ayibafuni abantu abanenhliziyo engaphandle. Uma ungenza ucwaningo ungathola ukuthi baningi abantu abangena kwenkulu incindezi uma kufika lesikhathi sonyaka. Incindezi kwabaningi idalwa ukuhluleka ukwamukela lokho abanakho. Singabantu siphila impilo engafani unyaka wonke kodwa kuthi kungafika lesikhathi sonyaka konke kushintshe. Wonke umuntu uyaguquka afune ukuphila impilo yobukhazikhazi kanye nempilo yobucwebe. Okubuhlungu ukuthi abantu abaningi abayilungiseleli lempilo abafuna ukuyiphila kulenyanga. Sivele sihalele izimpilo zabantu kanye nezinto zabo, sikhohlwe ukuthi basebenze unyaka wonke ukuze babenalezinto abanazo. Sithi singabona umuntu efika ngemoto emakhaya nathi sifise sengathi singavuka ekuseni siyoyithenga. Okuzwisa ubuhlungu ukubona abanye bevuka ngempela ekuseni beyoyithenga ngenxa yokukopela kamakhelwane.
Angifuni ukuthi kube sengathi uzwe ngami ukuthi lobumnandi obufika nenyanga kaZibandlela buyaphela futhi obesikhashana. Uma umuntu esho lamagama angaphezulu kuzwakala sengathi unomona futhi ukhulunyiswa ukweswela kanye nokuba ungoqo. Ziningi izinhlamba ozithola kubantu abasha uma uke wakhuluma indaba yokwaneliseka ngalokho onako. Uma uke wakhuluma indaba yokuziphatha kahle kulenyanga kuba sengathi ubathukile abantu bakithi. Okubuhlungu ukuthi uma sebekhala, ngenxa yemiphumela emibi, basikhalela sonke. Ayikho into eyisimanga eza nenyanga kaZibandlela ngaphandle kobumnandi bokuhlangana kwemindeni ngemuva kwesikhathi eside. Iningi labantu bakithi bayakukhohlwa lokho futhi abazi nokuthi lenyanga kumele kube yinyanga lapho sizimisele ngokuhlangana nemindeni yethu. Abanye abafiki ngisho nasemakhaya. Lenyanga yinyanga yokuphumula ngemuva kokusebenza kanzima kodwa abaningi abakwazi lokho ngenxa yokuzula.
Kunokungena ezinkingeni kanye nasezikweletini, nakhu esingakwenza singaboHlanga:
Qinisekisa ukuthi awenzi izinto ngokungahleleki. Lokhu kufaka phakathi ukuthenga izinto ongazidingi kanye nokuhamba izindawo obungahlelile ukuthi uzozivakashela. Asikho isindingo sokufuna ukushintsha impilo yakho ngenyanga eyodwa. Njengoba unganayo imoto, unganawo umuzi, unganazo izimpahla ezintsha, ungaganiwe, unganayo imali yokuvakasha, kulungile futhi ngeke ufe ngokuthi awunakho. Ubufakazi ukuthi uphilile unyaka wonke ungenazo lezinto ezifaka phakathi lezi engizibalile, okusho ukuthi ngeke ufe ngokuthi awunazo manje. Ungaqali ushintshe abangani uma kungesikhona ukuthi laba onabo bayakudukisa. Iningi lethu singena ezinkingeni ezinkulu ngenxa yabangani abasha abeza nempilo entsha empilweni yethu futhi abeza nezinto ezintsha esingazazi. Angimelene nokujabula kanye nokuzijabulisa, kodwa qinisekisa ukuthi ujabula nje zonke izidingo zakho uzinakekele. Ayikho into ebuhlungu njengokubona abantu bejabulisa abanye abantu kodwa bengajabulile bona.
Ungalandeli igama lenyanga esikuyo, uZibandlela, ngokuthi uzibe zonke izinto eziphilayo kanye nezindlela ezizokuphilisa futhi zikuphumelelise. Akube nomehluko empilweni yakho kulo nyaka. Uma sewake wagileka eminyakeni edlule, thatha isinqumo, kulo nyaka, sokuthi awugqemeki ingozi endaweni eyodwa. Khumbula ukuthi uZibandlela yinyanga engahlukile kakhulu kunezinye izinyanga. Ngakho, qaphela ukuthi impilo yakho ayimosheki ngenyanga eyodwa.