Now Reading
IDemocratic Alliance isilimbile iqanda lenjelwane yazininda
Dark Light

IDemocratic Alliance isilimbile iqanda lenjelwane yazininda

Enye yezinganekwane ezindala nezabe ziveza ubuchule yileyo yomfana owabe ezama ukuphica ikhehla. Umfana uza nephuphu lenyoni alifihle ngemuva. Usuka lapho abuze ikhehla ukuthi ngabe leli phuphu liyaphila na? Lokhu umfana ukwenza ngenhloso yokuvezela ikhehla ukuthi uhlakaniphile kunalo. Kepha kuba yimpendulo yekhehla edumaza umfana lapho limphenduka ngelithi “ukufa nokuphila kwalelo phuphu kusezandleni zakho”. Lokhu ikhehla labe likusho ngoba likushiya kumfana ngoba lazi ukuba lathi liyaphila umfana wayezolipitshiza life, kanti umethi lifile wayezolidedela liphile.

Izigameko zakamuva eNingizimu Afrika kubukeka amandla okwenza omasipala baphile noma bafe ubekwe emahlombe eqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA). Esinqumweni esishaqise ngisho iDA qobo, lapho ‘izitha’ ezingazifihli’zeqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF) ne-Action SA benquma ukuyeseka iDA ukuba idle umhlanganiso. Lokhu kwenze yakwazi ukukhonya kulezi zindawo ezimqoka; eJohannesburg, eTshwane, Ekurhuleni, eMogale City. Nxa ukude lokhu kuhle kepha iqiniso lithi abe-EFF ne-ActionSA badlale umdlalo osezingeni eliphezulu, okuwukunika intambo iDA ukuba izikhunge. Izinombolo enqobe ngazo zincane kakhulu ukuthi ingenza ngokuthanda kwayo, izowadinga amaqembu lawa amancane.

Njengoba ibihlale ithi nje manxa uvotela yona uzothokozela isandla sayo njengoba yenza eKapa lapho inamandla amakhulu khona, akubukeki izokwazi ukukwenza lokhu. Ingcindezi ezobhekana nayo yilapho sekumele yabe khona izikhundla kulabo masipala ebanqobile. Kuzobhekeleka ukuthi iyawamema yini lawa amanye amaqembu ayilekelele yaphumelela. Uma ingenzanga njalo inkulumo ethi leliqembu liyibhoklolo, lizithwele aliwahloniphi amaqembu amancane izoba yiqiniso kwabanye. Kanti okunye okuzoqapheleka yikuthi ngabe iyabatshala yini aboHlanga ezikhundleni ezimqoka.

Lena yinkinga engavusa izinkulumo ezindala ngesimiso seqembu. Akubonakali ingaba nesikhathi esanele sokubakha labaholi boHlanga uma bengekho ngisho ohlwini nase zinhlakeni zeqembu. Uma ike yahlukela ukukwenza lokhu izimbangi zayo ziyogibela entabeni ziyisole iDA ngokuba yiqembu elingakholelwa ebuholini baboHlanga. Lapha akukhulunywa ngaboHlanga abasezingeni elithile lempilo nemfundo kepha kushiwo abantu lapha ezindaweni zakobantu.

Okunye okuzonqinda iDA izinombolo uma kufikwa kuzinqumo nenqubo mgomo komasipala laba. Kunezinto abe-EFF abavumelana nazo ne-ActionSA iDA engaphesheya kuzo. EGoli nje enye yezinto uMashaba aba nyamanambana kuDA ayeyilungu layo eseyimeya kwaba wudaba lokuqashwa ngokuphelele kwabasebenzi. IDA kuze kube yinamuhla ingaphesheya kulokhu, kanti abe-ActionSA ne-EFF kabafihli ukuthi yinto yokuqala abazoyenza.

See Also

Uma lamaqembu amabili ephumelele kulokho (ukuguqula inqubomgomo yokuqasha) kuyosho ukuthi i-DA ikhala ngaphansi ekubeni iphethe. Enye ingxenye okubukeka ingahle ibe yinkinga wukuphasiswa kwesabelomali kulemikhandlu. Ukungavumelani nje okuncane kungahle kwenze amaqembu amancane abaleke nevoti. Ngokomthetho uma umkhandlu ungasiphasisi isabelomali ngesikhathi esithile loyo mkhandlu ungafakwa ngaphansi komlawuli.

Lesi simo sisho ukuthi iDA imbiswe iqanda lenjelwane, futhi isizinindile njengoba kuleminyaka emihlanu izophathwa iphethe.

Scroll To Top