Imiqondo ayingahambi uma kucisha ugesi



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Isimo sezwe kwezomnotho, ezenhlalakahle, kwezamabhizinisi, kanye nezinhlaka eziningi zempilo yabantu bakuleli zime manzonzo. Wonke umuntu ubhekene nobakhe ubunzima futhi bungangaye. Akusiso isikhathi sokukhombana emehlweni kanye nokudikibala. Kungekudala siyobe siwugojela lo nyaka, okusho ukuthi kumele kube khona esikukhombayo esikwenzile noma okwenzile uwedwa.
Ngiyazi ukuthi izwe lonke libhekene nengwadla yokwentuleka kwemisebenzi kanye nezinkinga eziningi abantu ababhekene nazo kodwa akusiso isikhathi sokucishelwa umqondo lesi. Akusiso futhi isikhathi sokuncela isithupha ubukele abantu beguqula impilo yabo.
Abantu abaningi badumele futhi baphonse ithawula ngenxa yesimo esibhekene naso. Abanye ungaze ucabange ukuthi imiqondo yabo ihambe uma kuhamba ugesi. Okubuhlungu ukuthi kubonakala sengathi uthe uma ubuya ugesi izinqondo zabo zangabuya nawo. Mina angibasoli, kodwa ngiyezwelana nabo.
Uma uthi uyababuza ukuthi bazimisele ngani empilweni bakutshela ukuthi sebeyobona ngonyaka ozayo. Imibuzo engiye ngizibuze yona ukuthi bazi ngani ukuthi bazobe bephila ngonyaka ozayo futhi uma bethi bazobona ngonyaka ozayo basuke bezobona ini, kanjani?
Iningi lethu likhala ngonyaka ongabanga muhle, osekwaba amahlalakhona. Kunabantu abakhala njalo uma kuphela unyaka, bakhala ngokuthi izinto azihambanga kahle futhi abaphumelelanga njengabanye abantu. Umbuzo omkhulu abaye bahluleke ukuwuphendula ukuthi bebafuna noma bebafisa ukuthi unyaka wabo uhambe kanjani. Akuve kubuhlungu ukubona umuntu ethatha uhambo engazi ukuthi uyaphi.
Abantu abaqale unyaka benganayo imigomo abazibekele yona bafana nomuntu othatha uhambo oluya endaweni ethize engaphathanga inkombandlela yalapho eyakhona. Sinabantu abafisa ukuzibona bephumelele kodwa lungekho uhlelo abanalo oluzobenza baphumelele. Abanye ababoni noma sebeyongena emhosheni ngoba abawazi umehluko phakathi komhosha kanye nomgwaqo.
Awuke uhlale phansi uzibuze ukuthi yini obuzimisele ngayo kulo nyaka, yini ephumelele, yini engaphumelelanga futhi kungani ingaphumelelanga. Engizama ukukuveza lapha ukubaluleka kokuphonsa amehlo emuva ekuqaleni konyaka ubone ukuthi wenzeni futhi yini ongayenzanga. Ibuhlungu lento engithi yenze uma kungekho okwenzile, ikakhulukazi uma ubunawo amathuba okwenza kancono. Noma ngabe awenzanga kahle kusemqoka ukuthi ufunde emaphutheni akho. Uma kukhona okuhambe kahle, kubalulekile futhi ukuthi uzibuze ukuthi yini owayenza ukuze kuhambe kahle. Lokhu kuzokunika isithombe sokuthi yiziphi izinto okumele ufake umfutho kuzo.
Abantu abaningi abasafuni ukuzwa lutho, bajahe amaholidi kakhisimusi ungaze ucabange ukuthi kukhona eza nakho okuzokwena izimpilo zabo zishintshe. Ungangizwa kabi, angimelene namaholidi kaKhisimusi. Nami ngilangazelela ukuyophumula kancane. Enginenkinga nakho ukuthi uyekelele yonke into, uphonse ithawula ngoba ucabanga ukuthi unyaka usuphelile. Ziningi kabi izinsuku ezisele ngaphambi kokuphela konyaka. Kuningi kabi okusengenzeka empilweni yakho futhi luningi ushintsho osengalwenza ngempilo yakho. Okusemqoka ukuthi ungafani neningi labantu eselizitshela ukuthi akukho okungenzeka manje. Ngiyazi ukuthi uzamile futhi usebenze kanzima, angiqondile ukukubukela phansi konke ukuzama kwakho, kodwa ngiqonde ukuthi qeda unyaka ngomfutho. Ngithe komunye obengitshela ukuthi ayisekho into engenziwa ngoba unyaka usuphelile isikhathi sisekhona.
Wabuza ukuthi ngisho ngani ukuthi isikhathi sisekhona? Impendulo yami ibelula. Ngithe kuye, kunabantu abaqashiwe namuhla, kunabantu abathole ithuba lokwenza ibhizinisi, kunabantu ababizwe kuhlolovivinyo lomsebenzi njengoba ngikhuluma nawe. Into ebengizama ukuyiveza kuye ukuthi, kuningi okungenzeka futhi kuyenzeka. Into eyenza ukuthi ucabanga ukuthi akusekho okungenzeka ukuthi kusengakenzeki kuwe ngoba usuphonse ithawula.
Engingajabula ukukubona ukwenza kulonyaka ukuthi uvale lonyaka ngendlela ehlukile futhi engafani neminye iminyaka. Hlala phansi uzibekele imigomo ngezinto ofuna ukuzibona zishintsha empilweni yakho ngonyaka ozayo. Thatha isinqumo, kusukela namuhla, sokwenza kangcono kanye nokuguqula impilo yakho. Ngiyazi sibhekene nobunzima kodwa into enye eyenza kubenzima empilweni ukuphila ngaphandle kwenhloso ethize. Kwenza ukuthi noma ekhona ofuna ukukusiza engazi ukuthi uzoqala ngaphi ngoba awunayo imibono kanye nemigomo ozibekele yona. Lonyaka akube unyaka wokugcina uphila lempilo. Lonyaka akube unyaka wokugcina uphila impilo engakujabulisi.