Akangenwe ntola emadolweni uHunt ngomsebenzi wakhe
Akanalo uvalo ngomsebenzi wakhe uGavin Hunt ohlezi ngesinqe esisodwa kuChippa United edume ngokudedela izembe uma izinto zingahambi kahle.
UHunt obecija iKaizer Chiefs ngesizini edlule ujoyine iChilli Boys ekuqaleni kwesizini. Uvale isikhala sikaLehlohonolo Seema oshiye iqembu ngemuva kokulisindisa ezembeni wajoyina iLamontville Golden Arrows.
UHunt ufike kuChippa ethwelwe ngeqoma ngenxa yamagalelo akhe okudla izicoco yonke indawo lapho afika khona. Nokho kuze kube yimanje izinto zisamphika kuChippa osekwenze kwaqubuka imibuzo ngekusasa lakhe.
Exoxa nelaboHlanga ukubeke kwacaca ukuthi akakhathazekile ngekusasa lakhe kuChilli Boys. “Ukuphikwa yimiphumela yakamuva akungishayisi ngovalo. Angithukile nakancane ngoba sengibesebholeni isikhathi eside. Izimo ezifuze lezi ziyenzeka ebholeni. Kwesinye isikhathi imiphumela iyakuvuma kwesinye isikhathi ikuphike. Ibhola linjalo-ke. Nokho angeke ngitatazele ngoba sisadlale imidlalo eli-10 kuphela. Sisasalelwe eminye imidlalo engama-30. Iligi ayipheli ngemuva kwemidlalo eli-10. Ngumjaho lo. Ukube besingadlali kahle ngabe ngithukile manje sidlala kahle. Inkinga esisabhekene nayo wukuthi asiwasebenzisi ngendlela amathuba esiwatholayo,” kusho uHunt.
IChippa ihlezi endaweni ye-14 kulogi ngamaphuzu ayisikhombisa. Ihlukaniswe ngamaphuzu amathathu neMarumo Gallants ebambe ibhuleki ku-log yeDStv Premiership. “Akukho okonakele. Sidinga ukushaya amagoli. Uma singathola amabili nje emdlalweni wethu olandelayo angingabazi ukuthi sizonqoba. Phela sidinga iwini eyodwa ukubuyisa ukuzethemba. Uma singaphumelela umdlalo owodwa, umgqigqo wokunqoba angeke siwulahle. Usihlalo weqembu siyaxoxa naye. Akaneme ngemiphumela kodwa weneme ngohlobo lwebhola esiludlayo. Uyabona lapho sibheke khona. Yingakho nami ngingakhathazekile ngoba sikhuluma into eyodwa,” kuqhuba uHunt.
IChippa sekuphele imidlalo eyisishiyagalolunye inganqobi emidlalweni yeligi. Selokhu yagcina ukunqoba ngesikhathi kuqala iligi ngoNcwaba. Yaguqisa iSekhukhune United ngelilo-1/0. Ngemuva kwalokho idlale ngokulingana neMamelodi Sundowns eqhwakele kulog ngo-0-0.
Nokho ngemuva kwalokho ishaywe imidlalo emithathu ilandelana.
“Iqembu lisebenza ngokukhulu ukuzikhandla. Okwamanje yilokho okumele sikwenze. Imiphumela izoziqhamukela yona. Okuhle wukuthi nemimoya iphezulu ejimini. Akekho okhombisa ukuthuka,” kusho uHunt.
Iwindi lokuhwebelana ngabadlali lizovula ngoNhlangulana.
“Indaba yokuqinisa iqembu akuyona into eseqhulwini okwamanje. Okumqoka manje wukuthola imiphumela kule midlalo esele kulo mzuliswano wokuqala. Uma sesiqedile ngomzuliswano wokuqala sizohlala phansi nezikhulu zeqembu sibone ukuthi mhlawumbe sikhona yini isidingo sokungena emakethe. Njengamanje asifuni ukucabanga ngezinto ezikude. Inhloso yethu wukugxila kulokhu esingakwazi ukukulungisa manje. Njengoba ngishilo into esiyidingayo wukusebenzisa amathuba esiwakhayo. Yilokho-ke esisebenza kukona kulezi zinsuku,” kuchaza uHunt.
Ngesizini edlule iChippa isinde ngokulambisa ezembeni. Igcine isinde kuma-play off.
“Indaba yezembe yinto esingayikhulumi nokuyikhuluma lapha eqenjini. Iqembu esinalo liqine ngokwanele ukuthi lingabanga indawo emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kulogi. Emlandweni wami njengomqeqeshi angikaze ngigawulwe yizembe. Angiboni-ke ukuthi lokho sekungaqala manje la kuChippa. Mhlawumbe izinkulumo ezikanjalo yizinkulumo ezikhulunywa ngaphandle hhayi lapha eqenjini. Igebe phakathi kwethu namaqembu angaphezulu lincane kakhulu. Uma singanqoba imidlalo emibili ilandelana ungawubona umehluko.” kuphetha uHunt.