Now Reading
Sisobishini inkinga ukuthi siphuma kanjani
Dark Light

Sisobishini inkinga ukuthi siphuma kanjani

Ngesikhathi iNingizimu Afrika ithatha izintambo zokuhola i-African Union (AU) ngoNhlolanja wonyaka odlule uMengameli uCyril Ramaphosa wenza isibophezelo phambi kozakwabo bamazwe akuleli zwekazi ukuthi enye yezinto azoyisukumela, ngukuqinisekisa ukuthi kuhlaliswana ngokuthula nangokubekezelelana kuma-Afrika noma ngabe bakuphi nezwekazi. Okunye akubalula ukuthi wayezoqinisekisa ukuthi akagudluki kwisiqubulo salowo nyaka se-AU esabe sithi; “Silencing the Guns” okungahunyushwa ngokuthi “Ukunciphisa ukusabalala nokuqhuma kwenganono”.

Le nkulumo yakhe yabe ingayi kude kodwa ngayo wayezama ukwehlisa amaphaphu kozakwabo bakwamanye amazwe ngenxa yengcindezi ayeyithola ngokuthi iNingizimu Afrika ibahlalise lubhojozi abokufika ikakhulukazi abaphuma kulo izwekazi. Ngesikhathi elakuleli lithatha izintambo zokuhola lo mbuthano wezizwe, kwabe kuyisikhathi lapho kwakubikwa khona iziqubu zeziwombe zokuhlaselwa kwabokufika emadolobheni amakhulu njengeGoli, eThekwini naseKapa. Ehambele umngcwabo wowayenguMengameli eZimbabwe uMnu uRobert Mugabe ngowezi-2019, uRamaphosa waxolisa kubantu bakhona ngokwakwenzeka kuleli. Eqala inkulumo yakhe kwaba nemvunge bengamnike thuba befuna aphendule ngokwakwenzeka.

Kwabaningi bakuleli akwehlanga kahle ukuxolisa kukaRamaphosa ngoba babethi empeleni akukho ukuhlaselwa kwabokufika kodwa kunempi ewumshoshaphansi ekhona ngoba nabakuleli bayahlaselwa kodwa kugcine kube yibo ababhecwa ngobende. Lokhu ababekusho kwakufakazelwa nayizithombe ezazisabalele kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana kubonakala abokufika behlome bephelele ezindaweni esezithathwa njengezizinda zabo njengasePhoyinti eThekwini, eHillbrow eGoli nakoKorsten eGqeberha. Kwabuye kwasabalala nevidiyo eyaqoshwa eGoli abokufika behlasela iphoyisa likaMasipala wakhona labonakala libaleka lizephula nokwacacela wonke umuntu ukuthi sebeyazilawula.

Cishe bonke abaholi ikakhulukazi abeqembu elibusayo bayikhulumile indaba yokubuyisana nokuhlalisana ngokuthula kodwa bonke bayikha phezulu kungabikhona ofuna ukuzishisa izandla. Umholi onesibindi wayikhuluma ngokungahlonizi eyabokufika abakuleli ngokungemthetho uMnu uMosioua Lekota weCongress of the People (Cope). ULekota wakusho kwagcwala umlomo ukuthi abokufika abakuleli ngokungemthetho bayinkinga, kumele kubhekwane nabo. NoMnu uHerman Mashaba we-Action SA kudala akusho ukuthi abokufika abakuleli ngokungemthetho kumele bakhucululwe ngoba banesandla ezenzweni zobugebengu.

Lo mkhankaso wawuqala eseyiMeya eGoli ngaphansi kweqembu iDemocratic Alliance (DA), kanti namanje usamile emazwini akhe. Ukunkwankwaza kosopolitiki ngodaba lwabokufika abakuleli ngokungemthetho kwaze kwaholela ekutheni kugcine sekukhonjwa bona ngenjumbane ngokuqhubeka kwezigameko zokungahoshelani ngoba kuthiwa yibo abanamandla okuqeda lesi sihlava.

Okwenzeke eGqeherha akwethusanga
Isigameko sangoLwesithathu esibe phakathi komshayeli wetekisi wakuleli nowokufika ongowokudabuka eSomalia ongosumabhizinisi kule ndawo esiphethe ngodlame nokushiswa kwamatekisi nezimoto ezincane asethusanga ngoba kukhulu ukukhohlisana ihlomile kwabukuleli nabokufika. Ngokwemibiko yamaphoyisa nabazibonele umshayeli wetekisi kuthe uma kwenzeka ingozi wehla kuqala wagadla, kanti usezithintele abokudabuka eSomalia baziphindizelela ngokungqongqosa ngomlilo amatekisi ayisi-8 abepake erenki.

Emuva kwalokho kube ukuqala kothuthuva kwazwamula inganono phakathi edolobheni kwabuye kwathungelwa ngomlilo nezimoto ezimbili ezincane zabokufika. Konke lokhu bekwenzeka emgwaqeni uDurban Road, eKorsten enkabeni yedolobha. Lesi sigameko sesiqubule ingebhe yokuthi kungaphinda esangonyaka wezi-2016 lapho kwaba nokuhlaselana phakathi kwabokufika nabakuleli kwagcina kuphume izidumbu.

Lezi zigameko zagxekwa nxa zonke kwadingeka ukuthi nowayenguMengameli ngaleso sikhathi uMnu uJacob Zuma axolise ngesithombe esadalekayo ngeNingizimu Afrika ezwenikazi. Okungazange kubhekwe ukuthi nabakuleli babehlaselwa. UNdunankulu waseGauteng uMnu uDavid Makhura wakhuluma ezinhlelweni zezindaba ethi unolwazi lokuthi ubugebengu obuningi esifundazweni asiholayo benziwa abantu bokufika futhi uyazi nokuthi ngabokudabuka eNigeria abenza inkohlakalo.

“Kumele sizibuze ukuthi kungani sinezidleke zezidakamizwa ezingaka eziphethwe ngabokudabuka eNigeria? Kwenzeka kanjani lokhu. Kumele siyixazulule le nkinga futhi siyenze kube yinkinga yaseNigeria sibatshele ukuthi abantu bezwe lenu yibona abagqugquzela lobu bugebengu ezweni lethu, lokhu akukhona ukucwasa ngokobuzwe,” kusho uMakhura ngaleso sikhathi.

EyaseGqeberha ingagcina isabalale ezweni lonke ngoba sekucacile ukuthi kukhulu ukungaboni ngasolinye kwabokufika nabakuleli. Izolo ekuseni abakuleli bashise izitolo zabokufika eSomalia kuleli dolobha bethi bayaziphindiselela.

Izibhamu ziphathwa udede
Ubungafunga ukuthi ukwelinye lamazwe amaSulumane adume ngezimpi uma ubuka izithombe ebezisabalele kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana abaseSomalia bazimboze ubuso behlome ngezinhlokohlela zezibhamu eziyimishini ezishintshayo bengafune lutho olusondela emabhizinisini abo. Okucacile ukuthi abokufika bakhombise ukungayigqizi qakala imithetho yakuleli elawula ukuphathwa nobunikazi bezibhamu, ingasaphathwa eyezibhamu eziwumshini ezishintshayo. “Nathi singabase-Afrika asikwazi ukuthula sibulawa kumele sizivikele,” kusho omunye waseSomalia obehlome ngesibhamu esikhulu nesincane phakathi edolobheni.

Ukuhambela kukaNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele kule ndawo izolo akubonakali kuzobuyisa uzinzo lwesikhathi eside ngoba naye esikhundleni sokuvalela labo ababonakale bephethe izibhamu, uqhakambise ukuthi kuhlalwe phansi kubuyiswane okuyinto abangayamukeli labo abashiselwe amatekisi abo.

Ohlelweni lwezingxoxo uMxholo olungena phakathi kwamabili esiteshini somsakazo uMhlobo Wenene, iningi labalaleli abebeshaya izingcingo baseGqeberha bathe okwenzekile kudala bakulindela ngoba ngaphakathi kuleli dolobha sekunezindawo abangakwazi ukuya kuzo eziphethwe ngabantu baseSomalia.

“Kunemigwaqo asebayivala bahlohla amabhizinisi abo ahlukahlukene okungangeni noma ubani, uma ungowakuleli uhlohlwa ngemibuzo eminingi ugcine uhoxile ngoba ubona nokuthi impilo yakho isengcupheni,” kuphawula omunye umlaleli. Abanye bathe izibhamu baziphatha udede futhi hhayi lezi ezijwayelekile, abanye baze basiqhoshele ngokuthi bona baqeqeshwe kakhulu kwezempi, futhi bayakwazi ukuzivikela uma kusuka uthuthuva”. Umbuzo omkhulu ngothi ngabe zonke lezi zibhamu ezibonakele eGqeberha zisemthethweni yini nokuthi abanikazi bazo banayo yini imvume yokuba kuleli.

See Also

Okwenzekile kwembule izinqe iNingizimu Afrika nobuholi obukhona kwaveza ngokusobala ukuthi elakuleli selisobishini inkinga sekungukuthi liphuma kanjani. Uma ingasukunyelwa ngokushesha eyabokufika ingagcina ngokuliqumba phansi leli lizwe kulimale wonke umnikelo owenziwa ngabaholi bangaphambili wokubuyisana.

Uthini umthetho olawula ngobunini besibhamu

Umthetho olawula izibhamu eNingizimu Afrika iFirearms Control Act yowezi-2004 unemibandela eminingi ebekelwe umuntu ofaka isicelo sokuba nesibhamu. Lo mthetho wathatha indawo yalowo omdala wangowe-1968 owawungenayo imibandela eminingi kodwa uvumela abantu abaningi ukuthi babe nezibhamu.

Umthetho uthi ofaka isicelo sokuba nesibhamu kumele kuqalwe ngokuthi abhekwe imuva lakhe, njengokuthi akakaze athinteke yini emacaleni.

Ngaphezu kwalokho kumele aphumelele ukuhlolwa kokuthi ukufanele yini ukuba nesibhamu. Kumele kube ngumuntu oneminyaka engaphezulu kwama-21.

Ofaka isicelo kumele enze izincomo ezizwakalayo zokuthi kungani kumele abe nesibhamu.

Scroll To Top