Umbango useZululand: Akukho ukungabaza ukuthi iNFP izogqisha ngaphi kugingwe indlovu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Bathi isifiso sikaKaMagwaza Msibi nabazosifeza bekuwukuthi kukhishwe Inkatha eZululand.
“Iyodwa nje into esiyifunayo, wukukhipha Inkatha lapha kula maHhovisi akhiphwa nguNjinji” lawa ngamagama aphinyiswa yiSekela Mengameli leNational Freedom Party (NFP) uMnu uJerry Mavundla. Lapha lo mholi ubethula inkulumo yakhe emsebenzini wokulondoloza obenguMengameli weqembu, okaMagwaza Msibi Olundi ngoMgqibelo owedlule.
Inkulumo kaMavundla yenanelwe ngamalungu eqembu abekhona amanye akhulume nelaboHlanga. Lokhu kuphawula kukaMavundla kwendlalelwe yisethulo sakhe ngobunzima umufi ahlangabezane nabo ngesikhathi esengumholi we- Inkatha. Uthe angasuka kulokho wabe esengena emkhankasweni njengoba enxuse abalandeli nabavoti ukuthi kabahloniphe okaMagwaza Msibi ngokuba babuyisele iqembu lakhe emandleni. Okube sobala kule nkulumo wukuthi abeNFP kabafihli ukuthi uma kuvela ithuba bazosebenza nabanye kepha hhayi Inkatha.
Efakazela inkulumo kaMavundla, uNobhala Jikelele weNFP, uMnu uCanaan Mdletshe uthe nembala isifiso somholi wabo bekuwukuba baginge indlovu kuphathe ezabo. “UMhlonishwa uMengameli wethu, uNkk uVZ KaMagwaza Msibi wakuveza ukuthi ufuna ukubuyisa iZDM. Ubekhala kakhulu ngokuthi akukho okwenziwayo ukusiza nokushintsha impilo yabantu, nokuyinto ebimkhathaza kakhulu”, kusho uMdletshe.
Uqhube wathi: “Emihlanganweni eminingi, ubekuveza ukuthi uyothokoza kakhulu uma umkhandlu uphathwa yiNFP emva kokhetho futhi ubekuveza ukuthi inkinga yamanzi iyona okuyofanele siyisukumele kuqala ngoba ayisidingo-ngqangi. Njengeqembu nobuholi, safunga kuye ukuthi isifiso sakhe sizoqinisekisa ukuthi siyasifeza. Ngakho-ke sizinikele ukusebenza ngokuzikhandla ukuze sifezekise isifiso sakhe. Sifuna ukumwinela iZDM ukuze nalapho ekhona ajabule. Kukhona konke okunye, sifuna ukubona abantu base-ZDM bejabulela intuthuko engezukukhetha iphela emasini. Sizosebenza ngokuzinikela ukuze izifiso zika Mengameli zifezeke.”
Uthe uma ebuzwa ngelaboHlanga ukuthi nxa kuvela isimo lapho kungeke kube khona iqembu elinqoba lodwa, lapho kunesidingo sokubambisana kachithanga sikhathi ngokuphendula: “Uma kwenzeka sizithola siphoqeleka ukuthi sibambisane namanye amaqembu ezombusazwe, sizokuzoxa lokho ngaleso skhathi. Kepha ngingaqinisekisa ukuthi ngeke nangengozi sibambisane ne-IFP. Noma kungathiwa ilona lodwa iqembu elikhona, ngeke size sisebenzisane nabo. Basihlukumeze kakhulu, bekhombisa inzondo ejulile kuMengameli wethu. Bamzonde ephila, bamnyanya kakhulu noma esedlulile emhlabeni. Babukise ngaye okaYengwayo ngoba esethule engasenamandla okuzilwela. Ngakho njengeNFP, ngeke sisebenzisane neNkatha noma ngabe kunjani”, kusho uMdletshe. Ukunganambithisisani kobuholi namalungu e-IFP neNFP akuyona imfihlo. Abe-IFP basola iNFP ngokuba yimpi ye-ANC ebhekiswe kubo nonhloso yabo kwabe kuwukuqeda ngabo.
Enza isethulo seqembu kuKhomishini kaMoerane eyabe iphenya ngokusocongwa kwabaholi bepolitiki kweleNdlovukazi uMthaniya, uSihlalo kazwelonke we-IFP uMnu uGwala akananazanga ukuthi izalwa ngubani iNFP. “Udlame oluyame kwezepolitiki olusaqhubeka kunamhlanje – lapho iKhomishini yethweswe umthwalo wokuthi iphenye – lubandakanye bona abamelene. Ukufakwa kweNFP akubaluli lutho olusha nokungqubuzana okwehlukile okungacwaningwa ngokuzimele kwanoma yini eyenzeka ngaphambi kokubumbeka k eNFP.
Ngempela, ukungqubuzana kweNFP ne-IFP kuwukuqhubeka nje kokungqubuzana phakathi kwe-ANC ne-IFP, ukuba khona kweNFP kwasekelwa ngezimali futhi kuyiqhingasu le-ANC,” kusho uGwala.
Amagama kaGwala ayehamba kulawo oMntwana waKwaPhindangene nowayengumholi we-IFP ngaleso sikhathi. UMntwana wasola uKhongolose noZuma ngokuqembuka kwamalungu agcina esungule iNFP. Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ngaleso sikhathi babukuphikisa lokhu buthi yimizamo nje ye-IFP yokufihla ihlazo lokuthi ihlehlelwa zikhuni. Uze waba uyahamba okaMagwaza Msibi ekuphika ukuthi yena neqembu lakhe bawutho lwe-ANC.
Amalungu eNFP akhulume nelaboHlanga acela ukuba amagama awo angavezwa athi yebo khona izinto ziyenzeka kupolitiki kepha ukuzwana ne- Inkatha nokubambisana nayo kubukeka njengoku “thengisa” okaMagwaza Msibi. “Nanikhona nibhala njengeBAYEDE ngesikhathi ziqala izingxoxo zokuthi kubuyiswane. Ningofakazi ukuthi kwaba yiNkatha eyabe itubula iqhubeka
nokusicokofula thina nomholi wethu. Kwathi uyintethe. Manje kuzothi ngoba esesenhlabathini bese thina sikhekhezela siye kuyo?” kubuza lo mholi.
Omunye uthe empeleni ukungabi bikho koMntwana njengomholi yikho kanye okuzokwenza
kungabi nokubuyisana noma ngabe bekunesidingo: “Khumbula okaMagwaza Msibi wadudula iziqhotho samadoda nayefunza uMntwana yonke into lena. Akaze axabane noMntwana, nathi esamlandela asikaze sixabane noMntwana. Kasekho-ke uMntwana ebuholini sekusele wona lawo madoda. Wena ungabuye kubantu abakede bekusoconga , ngeke”, kusho lo mholi.
Ukungabhalisi kucishe kwawuguqula umdlalo
Muva nje uKhongolose ikakhulukazi khona eZululand usinde ehlazweni ngesikhathi kuvela ukuthi ubungabhalisile abantu abazovotelwa oPhongolo lapho kwaba li-15 bekubhalise abali-12, kungekho noyedwa obhalisele lawo makhansela aqhamuka ngokwabiwa kohlu (PR). KwaNongoma bekuyiso leso lapho kumagama angama-23 bekubhaliswe nje ali-19 lutho kulawa ohlu. Olundi nakhona bekonakele njengoba kwabangama-25 bekubhalise abangama-22, kumakhansela ohlu kumnyama. Yize iDumbe beliwabhalise onke amakhansela azobanga kumawadi kepha lapha ohlunwi do.
Ngakolunye uhlangothi abeNFP bebebhalisile kulokhu kanjalo ne-IFP Noma kuyakhulunywa ukumemezela kwenhlangano esingethe ukhetho ukuthi amagama kawafakwe kabusha
kwenze waphefumula uKhongolose ikakhulukazi eZululand. Ukuba lokhu akwenzekanga nakanjani impi ibizoba phakathi kweNFP ne-IFP. Kwizinkulumo zabeNFP nayo i-ANC kusobala ukuthi iNdlovu bahlela ukuyikaka, bayiginge baphathe iZDM nokungenza iphupho likaMagwaza Msibi lifezeke ngisho esengasekho.