AmaNgisi akhetha ukubopha ISILO uCetshwayo ngoba yiso esasiphake impi
UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
Kuqhubeka kushicilelo olwedlule: Ngakho awaseyikubika lutho eNkosini uCetshwayo ngoba aseyalingana nayo ngokwezikhundla zawo. Asethi iSILO uCetshwayo naso sesizobusa ngaphansi kokuphathwa yiwo amaNgisi. AmaNgisi aseshayela laMakhosi umthetho wokuthi kawaqoqe izibhamu emabuthweni kaZulu abuya nazo empini eSandlwana. Aqoqe izinkomo zeNkosi uCetshwayo ezazijla kubantu ayihlawulisa ngazo. Athelise abantu bawo imali yezindlu. Izikhulu eziningi zakwala ukubekwa njengamakhosi ngohlelo lwamaNgisi okwathi ekugcineni zajoyina ngazinye njengoba izwe lakwaZulu sekunaMakhosi abalelwa kwama-350 ezweni elingaphansi kweSILO.
AmaNgisi asethi ukuze kungabuye kubekhona ukuvukelwa koMbuso wendlovukazi uZulu, bonke ababephathele iNkosi izwe kabathathe isifungo sokuthi bazokwethembeka kuhulumeni weNdlovukazi. Kwasekuthiwa kabakhombe imingcele lapho ababephathele khona inkosi ukuze kudwetshweibalazwe lendawo asebezoyiphathela iNdlovukazi. Kwathi labo abakwala ukufunga amaNgisi asethi amazwe abo azofakwa ngaphansi kwamaKhosi afungileyo ngoba akakho muntu oyozimela lapho ahlezi khona ngobas izwe lonke selenganyelwe yiNdlovukazi yamaNgisi.
Bathi iNkosi uMyandeya kaMbiya Mthethwa yathi kayiboni nkinga ukuba ifunge ngoba vele eminyakeni eyedlule babehlezi bezibusa ezweni laBathetwa bengabuswa muntu kepha labe selithathwa yiNkosi uShaka yalifaka ngaphansi kwelakwaZulu. Uma ke iNkosi emphethe yakwaZulu sebeyehlulile abeLungu yena usezophatha izwe laBathethwa aliphathele abamhlophe abehlule iNkosi yakhe. Namnye aMakhosi afakazelana ngezwi elilodwa evumelana neNkosi uMyandeya. Uluvuma kwezikhulu zoMbuso kaZulu ukuthi zona zaziphakwe yiNgonyama uCesthwayo, kwenza abeLungu babophe iNkosi yodwa zayekwa zona ngoba zathi zaziphakwe yiyo, zivikela umbuso wayo. Base bethi ukuze kunganiphindi lokhu enikushoyo kokuthi benilwela iNkosi uCetshwayo kuhle sinibeke nibe ngamaKhosi aziphathele amazwe awo. Isinqumo sase sithi kuzoboshwa iNkosi yodwa ngoba yiyo eyayiphake impi.
Abelungu bazazisa izikhulu zikaZulu ukuthi iNgonyama yabo sebeyibophile ngakho kuhle isho ukuthi ubani ezoshiya kuye ingane yayo uDinuzulu ukuba ayibheke ngoba yayisencane kakhulu.