Iguqile iNjinjikazi yepolitiki yakuleli



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Isonto esikulo liqale ngezindaba ezishaqise izwe lonke ngaphakathi nangaphandle kwepolitiki. Lezi bekuyizindaba zokudlula emhlabeni komholi weqembu eliphikisayo i-National Freedom Party (NFP), uMhlonishwa uZanele Msibi, okaMagwaza. Akukho ukungabaza ukuthi lesi sigameko sizophazamisa kakhulu izinhlelo zeqembu lakhe ebelisanda kukhuluma nelaboHlanga mayelana nezinhlelo zalo zokungenela ukhetho lohulumeni bendawo oluzayo.
Engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga emasontweni amabili edlule, uNobhala Jikelele we-NFP, uMnu uMdletshe uthe nakanjani ukungenela kwabo ukhetho kusho izinguquko ezizayo kumbusazwe wakuleli njengoba bezoqinisekisa ukuthi badunga amanzi nokuzophazamisa amaqembu amakhulu afana ne-African National Congress (ANC) kanye ne-Inkatha Freedom Party (IFP). UMdletshe kananazanga ukusho ukuthi inxeba balibona ngakuphi:
“Isifundazwe esifuna ukugxila kuso yiKwaZulu-Natal. Sizimisele ngokubuyisa uMkhandlu wethu iZululand okumanje usezandleni zeNkatha Freedom Party(IFP). Siyafuna nokudla umhlanganiso kuMasipala iDumbe kanti sizimisele ngokwenza kahle nakuMasipala uNongoma ngoba nakhona sike sahola” kusho uMdletshe. Waqhubeka wathi isifiso sabo esikhulu ukuthi kuyo yonke imikhandlu kwaNatal -Zulu-Natal babe namakhansela azobamela. “Lapho singaphumelelanga khona sifuna ukuthi kube yithi esizonquma ukuthi ngubani ozohola umasipala,” kusho uMdletshe.
Yize bekungeyona imfihlo ukugula komholi weqembu kepha iningi labantu belimagange ukubona ukuthi ‘Amawolitshi’ azoqhuba kanjani kulokhu. Okubuye kwenza ukulangazelela kwakuningi kube wukuvela kwezindaba zokuthi iqembu elibusayo i-ANC iyaxhuga njengoba ibingabhalisanga emikhandlwini ethize okubalwa neZululand elinini kuNFP ne-IFP.
Isibunge esasingokaMagwaza Msibi
OkaMagwaza Msibi ubenogazi kubalandeli bakhe nakubavoti jikelele. Lokhu kuqale esengumholi weqembu ahlubuka kulo i-IFP nayenguSihlalo kazwelonke kulo. Ukungena kwakhe esikhundleni sokuba yiMeya eMkhandlwini iZululand kwamenza waba ngomunye wabaholi abahlonishwayo eqenjini nesandla sokuphosa somholi weqembu uMntwana waKwaPhindangene. Ukuzwana kanje nokusebenzisana kwabo kwenza abanye bakholwa ukuthi okaMagwaza kungahle kube nguye owabe ezothatha izihlangu zomholi uma esethatha umhlalaphansi noma eqhela esikhundleni. Lokhu kwakukhulunywa nje ngabantu bayo Inkatha kungemfihlo.
OkaMagwaza ubegcwalisa izinkundla namahholo, ekhuluma izinto zenzeke eZululand. Ukwenza kwakhe bekwenza namanye amaqembu abhukule njengoba ubeyisishingishane ebesifika siqoqe abalandeli. Ubethathwa njengengcwepheshi kwezohulumeni bendawo ngendlela abenza ngayo eZululand. Ukubonakala emi nabafelokazi, ehambela izikole, aMakhosi nabantu abayizakhamuzi zaseZululand ezizinze eGoli kumenze waba wubuso obumnene bepolitiki nokuyinto eyabe ingejwayelekile kwipolitiki yakuleli ngaleso sikhathi.
Uthando kanjalo nokuhloniphana phakathi kokaMagwaza Msibi noMntwana nakho kwabe kungeyona imfihlo. Lapho ayefika khona okaMagwaza wayesho kugcwale umlomo ukuthi “Ngithunywe nguMtwana”. Kanti naye uMntwana wayeziqhenya ngeMeya yaseZululand ayeyibiza ngendodakazi yakhe. Nokho kwathi ngesikhathi kuba ‘nesehlukaniso’ngesikhathi okaMagwaza Msibi eshiya iqembu esungula elakhe kwaba nzima kubo bobabili abaholi. Kukhona ababethemba kwaze kwaba sekugcineni ukuthi ufa olwadaleka phakathi kokaMagwaza noMntwana luyophela.
Yize kungekho oke wayithi vu phakathi koMntwana nokaMagwaza ngezinhlelo zokubuyisana kepha leli phephandaba like labika ngezifiso nemizabo yabathile ekuqedeni ukungaboni ngaso linye. Ngaleso sikhathi kwakunokusaba emalungwini e-NFP ukuthi ngeke kube lula ukuthi umholi wabo (OkaMagwazwa) eseke ukuba kube nokubuyisana phakathi kwalezi zinhlangano zombili.
“Umama wethu wethukwa nhlangothi zonke ngesikhathi akha le nhlangano, lokho naye uhlale ekuphawula, ngakho impela siyesaba ukuthi angase angakunambithisisi ukuthi sibuyisane ne-IFP. Sengathi inxeba liselisha,” kuzikhalela osondelene noMhlonishwa Magwaza-Msibi ngaleso sikhathi.
Khona lapho omunye ongasohlangothi lwe-INkatha wathi ekhuluma nelaboHlanga “Mnewethu, akuyona imfihlo ukuthi uMntwana wayemthanda okaMagwaza-Msibi, emihlanganweni yeqembu wayemvikela. Kanti futhi wayemthatha njengendodakazi yakhe. Njengoba wazi-ke nawe eyezithandani kakulula ukuba iphele,” kusho osebuholini be-IFP nowacele ukuba angadalulwa.
Ubukhona be-NFP kwadunga umbangazwe waKwaZulu-Natal njengoba kwaphenduka amatafula, abe-IFP balahlekelwa ngomasipala kwathi uKhongolose wona owawunesivumelwano ne-NFP wazuza. Kwaba yiso leso ngesikhathi leliqembu lenza iphutha lokungabhalisi okhethweni nokwaholela ukuthi lingangeni nokwanika intuba abe-Democratic Alliance (DA) ithuba lokuba sezikhundleni kwaba omasipala KwaZulu-Natal. Khona lapho ubukhona beNFP kwazamazamisa uKhongolose kuzwelonke njengoba wagcina ngaphansi kukaMnu uZuma usumeme okaMagwaza ukuba abe ngungqongqoshe okuyinto eyabe ingalindelekile.
Okuyoshiwo ngumlando
Babambalwa abangaphikisa umbono othi umlando wepolitiki yakuleli uyombeka kahle okaMagwaza Msibi. Umlando uyombeka ngokukhethekile njengowesifazane owaba nesibindi sokuphuma inxiwa emdlalweni (ipolitiki) owabe unzima weseka ubuholi bamadoda. Uyombeka njengoveze ubumnene bepolitiki kanjalo nengcwepheshi yezokuxhumana kwepolitiki kanye nokukhankasa. Izwi lakhe kanjalo nokumamatheka kwakhe kuyokhumbuleka kakhululukazi eqenjini lakhe ebelazi ukuthi yize ubesexhuga (ngokwempilo) kepha ubukhona bakhe bekubanika ugqozi lokuthi bazonqoba. Abanye yize bese benengekile ngenxa yezinkinga zeqembu bala ukulishiya ngoba benzela yena okwabe kuwubufakazi bogazi lakhe kubalandeli. Nembala iwile injinjikazi yezombusazwe wakuleli. Ngezikhwepha zakhe uzakhele igama nogazi wabumba neqembu elidunge amanzi kwanezinguquko.