Abe IEC bayavuma ukuthi inkantolo yenzele phansi i-PAC
IPan African Congress of Azania (PAC) igxeka inkantolo ngokuyihlinzela ezibini emveni kokukhipha ngomzuzu wokugcina isinqumo ecaleni lombango wobuholi beqembu okwenze yahluleka ukubamba umqamulajuqu wokuhambisa amagama abazoyimela okhethweni lohulumeni.
I-PAC inezinhlangothi ezimbili ezibanga ubuholi, kukhona olukaMnu uMzwanele Nyhontso nolukaMnu uNarius Moloto. Uhlangothi lukaMoloto yilona obelufake isicelo eNkantolo eNkulu eGauteng, ecaleni elingunombolo: 60975/2020, lifuna kuchithwe ubuholi bukaNyhonsto obakhethwa engqungqutheleni eyayiseBloemfontein ngoNcwaba wezi-2019.
Uhlangothi lukaMoloto belufuna lengqungquthela ithathwe njenge yayingekho emthethweni. Lolu hlangothi belufuna inkantolo ithathe ngokusemthethweni ingqungquthela yalo eyayiseLimpopo mhla zingama-29 – 30 kuNcwaba ngowezi-2019.
Kade zidlana amalunda
Lezi zinhlangothi ziqale ukufakana ezinkantolo emva kwalezi zingqungquthela zazo, kodwa izinkantolo zihlale zivuna uhlangothi lukaNyhontso. Kukhona nesinqumo senkantolo esaphakamisa ukuthi lezi zinhlangothi zenze ubuholi obubodwa ngenhloso yokudala ubumbano, kuleso siphakamiso kwathiwa uMoloto kumele abengumengameli weqembu kuthi uNyhontso ahole iqembu ePhalamende.
Isinqumo sakamuva senkantolo esiphume mhla zingama- 23 kuNcwaba nonyaka, naso sivune uhlangothi lukaNyhontso, sathi ingqungquthela aqokwa kuyo yayisemthethweni.
Okhulumela iPAC kuzwelonke uMnu uJackie Seroke uthe abaneme njengoba bengeke bakwazi ukungenela ukhetho ngendlela abebefisa ngayo.
“Cishe ingxenye encane kakhulu yethu ekwazile ukubamba umqamulajuqu wakwa-IEC lokhu kudalwe izinto eziningi kubalwa nokuthi bekunecala ebelisenkantolo, isinqumo salo esiphume ngosuku lomqamulajuqu wokuhambisa,” kusho uSeroke.
Uthe icala labo kade langena enkantolo kodwa abehluleli bekhiphe isinqumo ngosuku lomqamulajuqu.
“Sibona sengathi abehluleli bayenze ngamabomu lento ngoba icala kade langena enkantolo, isinqumo kumele ngabe kade saphuma kodwa size saphuma ngosuku lomqamulajuqu wokuhambisa amagama, kuyacaca ukuthi lamajaji abengafuni silungenele ukhetho,” kusho uSeroke.
Uthe ayikho into akade bengakwazi ukuyenza isinqumo secala singaphumile ngoba i-IEC yathi ayibathathi njenge qembu lezombusazwe elisesimweni esikahle njengoba isinqumo besingakaphumi.
USeroke uthe bekunzima ukuthi bangakwazi ukubamba umqamulajuqu wakwa-IEC njengoba isinqumo senkantolo siphume emahoreni ambalwa ngaphambi kwesikhathi somqamulajuqu.
“Cishe besinamahora amane kuphela ukuze sikwazi ukwenza amalungiselelo okufaka amagama, uma ubheka leso bekuyisikhathi esincane kakhulu ingakho singakwazanga ukufaka amagama ethu,” kusho uSeroke.
Uthe sebejube ithimba labameli babo ukuba baxoxisane ne-IEC ukuze ngenhloso yokuthi ibanikeze isikhathi sokufak amagaba wayo.
“Sisaxoxisana kahle ne-IEC ngalolu daba kodwa uma singavumelani mhlawumbe sizogcina siphoqeleka ukuba sithathe imigudu yomthetho,” kusho uSeroke.
Uthe banelungelo lokungenela ukhetho ingakho befuna i-IEC ibelulele isikhathi. Ngaphambi kokuba kuphume isinqumo uNobhala-Jikelele wePAC uMnu u-Apa Pooe ubhalele isikhulu esiphezulu kwa-IEC uMnu uGlen Mashinini mhla ziyi-19 kuNcwaba nonyaka, ecela ukuba banikwe isikhathi esihlukile kwamanye amaqembu ukuze bezokwazi ukuhambisa amagama abo.
“Usuku lomqamulajuqu lokuhambisa amagama umhla ziyi-23 kuNcwaba 2021, ngezizathu ezaziwayo yiwo wonke amaqembu, uma kwenzeka isinqumo singaphuma ngaphambi kwalolu suku, i-PAC ngeke ikwazi ukubhalisa nokwenza amalungiselelo okhetho, i-PAC ibuzile ehhovisi likamehluleli uMahlangu ibuza ukuthi singalindelwa nini isinqumo secala, umehluleli wazibophezela ekutheni uzosikhipha ngaphambi kokuba kuphela uNhlangulana noma esontweni lokuqala kuNcwaba, emveni kokuba isinqumo singazange sikhishwe ngezinsuku ebezithenjisiwe siphinde sabuza futhi umehluleli wathi uyakuqonda ukuphuthuma kodaba kodwa belixinwe ukuthi beligula, ngalezi zizathu i-PAC ibe isicela ukuba inikwe ithuba layo elikhethekile lokuhambisa amagama kwa-IEC,” kusho uPooe.
Abameli be-IEC nayo ebimangalelwe kulolu daba lobuholi bePAC iMoeti Kanyane Attorneys mhla zili- 19 kuNcwaba nonyaka babhalele umehluleli u-A Ledwaba bemcela ukuba abazame ukusheshisa ukukhipha isinqumo ngoba kunomqamulajuqu iqembu okumele liwubambe wokuhambisa amagama alabo abazolimela okhethweni. Abameli be-IEC lencwadi bayibhale mhla ziyi-19 kuNcwaba nonyaka.
Kule ncwadi abameli bathe, bayaphoqeleka ukuba babhale lencwadi njengoba amaqembu kunomqamulajuqu okumele awubambe okuhambisa amagama ngaphambi komhla zingama-23 kuNcwaba.
“Ngalesi sizathu isinqumo kuleli cala sibalulekile ukuze siveze ukuthi isimo sobuholi be-PAC simi kanjani, uma isinqumo singaphumi lokho kuzokwenza ukuthi iqembu lingakwazi ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya, sizwile ukuthi umehluleli uMahlangu uyagula, njengoba kunjalo sicela omunye umehluleli ukuthi akhiphe isinqumo kulolu daba,” kusho incwadi yabameli.
USeroke uthe kuyabadida ngempela ukuthi kungani isinqumo sikamehluleli siphume ngosuku lomqamulajuqu.
Isikhulu esiphezulu kwa-IEC uMnu uMawethu Mosery sithe bakhona omasipala i-PAC ekwazile ukuhambisa amagama alabo abazoyimela kubona kusenesikhathi okuzoyenza ikwazi ukungenela ukhetho kubona.
“Empeleni bona babe nesikhathi esincane sokulungiselela ukhetho njengoba nesinqumo senkantolo siphume ngalo usuku lomqamulajuqu,” kusho uMosery.
Uthe akusekho okungenzeka njengoba umqamulajuqu usudlulile.
“Kungabe kungcono ukuba ukhetho lukazwelonke, lapho umuntu ekwazi ukuvota noma ikuphi lapho ekhona ngosuku lokhetho ngaphansi kanti ngohulumeni basekhaya uvota lapho ubhalise khona kuphela,“ kusho uMosery.