Isikhungo i-IThala sizongenelela kumnotho namabhizinisi athintekile
ISikhungo i-IThala Development Finance Corporation sizibophezele ekweluleni isandla sifukule osomabhzinisi nezinkampani ezikhahlanyezwe yizibhelu ezihlasele izingxenye ezithile zaKwaZulu-Natal ngenyanga edlule.
Izibhelu ezihlasele izingxenye ezithile KwaZulu-Natal zishiye umonakalo obalelwa ezigidigidini ezi-R20 emnothweni. USihlalo weBhodi le-IThala, uMnu uRoshan Morar uthe izibhelu ezibekhona zibe nomthelela omubi kwibhange labo, amakhasimende abo kanye nasemphakathini abasebenzela kuyona.
Uthe umonakalo omkhulu olinganiselwa kwizigidigidi udalwe ukucekelwa phansi kwamabhizinisi nokuphazamiseka kokusebenza kwamabhizinisi. UMorar uthe amanye amabhizinisi kuphoqeleke ukuba avale , lokhu okubeka abasebenzi engcupheni yokuphelelwa yitoho.
Uthe kungenxa yalezi zizathu ezibaphoqe ukuthi babe yingxenye yezinhlaka ebezihlangene zisingethwe iMasakhe Stakeholder Engagement Webinar lapho bekudingidwa khona ngamasu okuvuselela umnotho nokutakula amabhizinisi.
Uqhube wathi iThala lihambele izingxenye zesifundazwe ngenhloso yokuhlola umonakalo odalekile. Uthe umonakalo odalekile ubashaye kakhulu njenge sikhungo njengoba ukukhula nokuphila kwesikhungo sabo kuncike ekukhuleni kwamabhizinisi kanye namakhasimende abo.
UMorar uthe lokhu kuphoqa ukuthi baxoxisane nazo zonke izinhlaka kubalwa uhulumeni kazwelonke, owesifundazwe omasipala kanye nemikhandlu yemiphakathi ngenhloso yokuthola isisombululo.
ISikhulu esiPhezulu kelsi uNks uPearl Bhengu uthe njengesikhungo sikahulumeni bazibophezele ekusizeni osomabhizinisi kanye nemiphakathi.
Uthe bazimisele ngokusiza amakhasimende abo nosomabhizinisi abashayekile ngenxa yezibhelu. UNks uBengu uthe ngeke bathule basonge izandla bebona amakhasimende abo nemiphakathi besokola.
Kuwo lomhlangano bekukhina uNks uStieneke Jensma oyisikhulu esibhekelele ukukhula kwezimboni naye ohambe emagameni kaNks uBengu wathi kumele basebenze kanzima ukuvuselela umnotho okhahlamezekile.
Uthe imiphakathi eminingi KwaZulu-Natal ithembele ekusebenzeni emafemini okubalwa kuwo koSithebe, eZakheni naseMadadeni, wengeza ngokuthi iMadadeni Industrial Estates ngaphansi kobuholi be-IThala idale amathuba emisebenzi angaphezu kwezi-30 000, okuyimisebenzi ephilisa abantu abalinganiselwa kwizi-300 000.
UMophathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal uMnu uRavi Pillay uthe iThala libambe iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni umnotho wasemalokishini nowasemakhaya. UPillay uthe njengo hulumeni bazimisele ngokunika amathuba labo abaqhamuka ezinhlakeni ezazincishwe amathuba phambilini ukuba nabo babambe iqhaza emnothweni.
Uthe ngemuva kwezibhelu zangenyanga edlule baphoqeleke ukuba basebenze ngokushesha ngenhloso yokugwema ukuthi ungabe usaqhubeka umonakalo obuvele kade usukhona.
“Omunye umsebenzi omkhulu esawenza ngezikhathi zezibhelu kwaba wukuvula umgwaqo u-N2 no-N3 ukuze kuzokwazi ukuthi kuqhubeke ukuhanjiswa kukaphethiloli siphinde siqinisekise nokuthi ukudla akuswelakali,” kusho uPillay.
Uthe abaningi bazokhumbula ukuthi bese kuba nolayini abade abantu befuna ukuthela uphethiloli ezomotweni abanye beyothenga ukudla ezitolo ngemuva kwezibhelu.
UPillay uthe ngokusebenzisana nosomabhizinisi nemiphakathi benze isiqiniseko sokuthi isimo siyabuyela kwesijwayelekile.
Uthe nakuba izibhelu zishaye amabhizinisi amakhulu namancane kodwa bona bakhathazeke kakhulu ngamabhizinisi amancane ngoba iningi lawo alinayo imishwalense.
“Uphenyo esilwenzile luveza ukuthi amabhizinisi amaningi amancane awanayo imishwalense okuzokwenza kube nzima ukuthi akwazi ukuvuka ngemuva kwezibhelu, ilapho singuhulumeni singena khona,” kusho uPillay.
Uthe benguhulumeni baqedela uhlelo lwabo lokusiza osomabhizinisi, wengeza ngokuthi umthamo omkhulu uzoya emabhizinisini amancane.
UPillay ubonge IThala ngokuzibophezela kwalo ekufakeni igxalaba emkhankasweni wabo wokuvuselela umnotho nokusiza osomabhizinisi. Uthe abangabazi ukuthi ngokusebenza ngokubambisana nazo zonke izinhlaka bazokwazi ukuphumelela. UPillay uthe emasontweni azayo bazomemezele izinhlelo zabo zokusiza osomabhizinisi okubalwa iZizamele Traders Fund. Uthe lolu sizo luhlose ukusiza abanikazi bezitolo emalokishini nasemakhaya.
Uphethe ngokuthi ngalolu xhaso bafuna ukuzama ukuvala igebe elikhona phakathi kwabanikazi bezitolo abazimele emalokishini nasemakhaya nalabo abasebenzela ezinxanxatheleni yezitolo.
Uthe njengoba ezinye izinxanxathela zezitolo emalokishini zishisiwe njengase-Edendele mall kumele benze isiqiniseko sokuthi ukudla kuyafinyelela kubantu. “Nakuba amabhizinisi amaningi amakhulu namancane ethikamezekile ngenxa yezibhelu kodwa amaningi azimisele ngokuqala phansi asebenze esifundazweni,” kusho uPillay.