Now Reading
ILimpopo endleleni yokuthuthuka kwezomnotho kutshalwa izimali
Dark Light

ILimpopo endleleni yokuthuthuka kwezomnotho kutshalwa izimali

Izinkampani ezimbalwa emkhakheni wezimayini kanye nezamandla zithembise ukutshala izigidigidi eLimpopo. Lezi zinkampani zenze izithembiso ngosuku lokugcina lwengqungquthela yezinsuku ezimbili yezimayini ebisePolokwane. Ushicilelo lwesibili lwengqungquthela yaseLimpopo emayelana nokutshalwa kwezimali kwezezimayini, ezamandla kanye nokuthuthukiswa kwezimboni, luphele ngoLwesihlanu, ngezithembiso ezenziwe yizinkampani.

Izinkampani ezingaphezu kwamashumi amabili sezizonke ezenze izibophezelo zokutshala imali engaphezu kwezigidigidi ezingama-R34 esifundazweni. Zihlanganisa i-African Rainbow Minerals, i-Ivanplants Mine, iJika Energy neLimpopo Central Hospital phakathi kwezinye. UNgqongqoshe Wezimbiwa Namandla uGwede Mantashe uthe unethemba lokuthi lezi zithembiso zizoguqulwa zibe wutshalomali lwangempela.

“Ngiyethemba ukuthi zonke izithembiso zizoguqulwa zibe wutshalomali lwangempela. Abatshalizimali abatshali imali ukuze basenzele umusa, batshala ngoba bebona amathuba okwenza imali futhi empeleni balindele ukuthi siwuhulumeni kuzo zonke izigaba senze lula njengoba benza amabhizinisi eNingizimu Afrika naseLimpopo jikelele,” kusho uMantashe.

Umqondisi wenkampani esebenza kwezezimayini uPower Motsileng uthe utshalomali akumele lube yimali kuphela kodwa luhlomise nabantu.

“Kulo nyaka asikuboni okuningi okwenzeka ngonyaka odlule, bakhuluma ngokutshala imali kuphela kodwa udinga ukutshala kubantu. Engangithatha ngokuthi uma sisuka lapha kubonakale kuphuma izimayini ezincane kule ngqungquthela futhi ngiyafisa ukuthi ngonyaka ozayo uma kungenzeka balethe lo mfana oselubambele mathupha wabanika amalungelo ezimbiwa ukuthi eze azosho. nathi indaba mayelana nempumelelo yabo,” kusho uMotsileng.

Eminye imiphakathi yezimayini ebihambele le ngqungquthela izwakalise ukuphoxeka ngokuthi
izinkampani azizange zimemezele izinhlelo zokuthuthukisa abantu bakule ndawo. UJack Dikobe no-Edward Phasha nabo bathi kuyinselele ukuthola amalayisensi okumba.

See Also

“Kuningi ukungalandelwa kwemithetho ikakhulukazi ekuthuthukisweni komphakathi ngasohlangothini lwamabhizinisi. Umphakathi uqobo uyaziphoqa ukuthi ungene emayini ukuze uphoqe ama-30% wawo kodwa okwamanje awusebenzi,” kusho uDikobe.

“Sidumele kakhulu ngoba bekumele basibize ngoba lo msebenzi wokumbiwa kwezimayini nokumbiwa okungekho emthethweni wenzeka eSekhukhune. Aseneme ngendlela izimvume kanye nohlelo lwezimvume oluhamba kancane ngalo eSekhukhune,” kusho uPhasha.

UMantashe uthe iBokoni Platinum kwa-Atok ngaphandle kwaseBurgersfort kulindeleke ukuthi ifake isandla ekuqashweni kwabantu uma ivulwa. Imayini ithengwe inkampani entsha.

Scroll To Top