Now Reading
Ifisa ukudlalisa iSoweto Derby intokazi yase-Eastern Cape
Dark Light

Ifisa ukudlalisa iSoweto Derby intokazi yase-Eastern Cape

Iningi labadlali bakanobhutshuzwayo bakuleli isifiso sabo ukudlala umdlalo obizwa ngeSoweto Derby, kulo mdlalo kusuke kutholene phezulu iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Kuliqiniso ukuthi lo mdlalo iwona obukwa izinkumbi zabantu emakhaya kanye nasenkundleni ukuyidlula yonke. Unompempe wesifazane igama lakhe okungu-Akhona Makalima ingakho naye iphupho lakhe elikhulu ukuthi ngolunye usuku adlalise iSoweto Derby.

Lo nompempe ugubha iminyaka eli-10 eyibambile ekudlaliseni imidlalo, kwenzeka ngonyaka wezi-2011 ngesikhathi ebeka phansi amakhokho edlalela iThunderbirds Ladies. Umdlalo wakhe wokuqala kwabe kungumqhudelwano owawungoNcwaba e-East London ngowezi-2011.

Unompempe u-Akhona Makalima

“Ngiyazibongela kakhulu ukuthi kule nyanga yabesifazane ngigubha iminyaka eli-10 ngiwunompempe. Lokho kusho lukhulu kumina, ngangingazi ukuthi sofika lesikhathi lapho sengikwazi ukubala iminyaka eli-10 ngikulendima. Ziningi izinqinamba ebezikhona endleni omunye umuntu obengavele ashiye phansi kodwa mina ngaqhubeka nokusebenza kanzima kanye nokubekezela” usho kanje.

Kule minyaka eli-10 le ntokazi ikwazile ukuthi idlalise kuzona zonke izigaba lapho kubalwa iSAB League, i-ABC Motsepe League, GladAfrica Championship nakuDStv Premiership. Nemidlalo yeligi yabesifazane iSasol League udlalisile khona.

Umdlalo omkhulu aseke wawudlalisa owawphakathi kweCameron Women ne-Cote d’Ivoire Women, la mazwe ayetholene emdlalweni wokuhlungela ama-Olympic asanda kusongwa eToyko.

“Neminye imidlalo kuDStv Premiership mikhulu, kodwa mina isifiso sami ukuthi ngidlalise umdlalo omkhulu i-Africa yonke lowo mdlalo iSoweto Derby. Lapho ngobe sengisho ngithi isifiso sami seminyaka sifezekile” usho kanje u-Akhona.

Le ntokazi eneminyaka engama-33 yaseNqamakwe e-Eastern Cape ibilokhu yazi njalo ukuthi yehlukile. Uhlobo oluhle lomehluko. Ithe isikhathi esiningi ibisichitha ezinkundleni ifuna ukwazi kabanzi ngezemidlalo, lokho kwaze kwenza unina ongasekho emhlabeni abe nokusaba ukuthi ingazithola isithanda amanye amantombazane, Yize kunjalo lokho akuyivimbanga ekutheni iqhubeke nokuhubha amaphupho ayo.

Ukuba ngumsubathi nokuba umdlali webhola wabona engekho amathuba okuthi engaphumelela, ingakho abe eseqoka ukuba ngunompempe.

Ukwenza i-Athletics ne-football kuncishiswe kuphela ukungabi bikho kwamathuba, bese ephendukela kunompempe, uthi ufunde ukuqinisela, ukuyala nokusebenza kanzima. Le ntokazi inothando olukhulu kwabesifazane ingakho ihlezi ibakhuthaza, “Ngihlezi ngifisela abesifazane abancane ukuthi baphumelele ngomso. Ngibayala ukuthi umuntu iphupho analo alisebenzele ngoba ngelinye ilanga liyofezeka” usho kanje.

See Also

Okuwubufakazi bokuthi le ntokazi iyafisa ukuthi abantu abancane bafunde bephinde baphumelele ngonyaka wezi-2016 yasungula uhlelo olufana nengane yayo olubizwa nge-Inter-Refs, lapho afundisa intsha ngamakhono nemithetho yalo mdlalo.

Lolu hlelo lusesifundazweni sakubo e-Eastern Cape. “Ngihlala ngibatshela abesifazane ukuthi ngihlangana nezingqinamba ezinkulu kodwa angizibukeli phansi okanye ngidikibale ingakho nje ngilapho engikhona namuhla. Ngohlelo lami ngiyafisa kube khona umuntu oyobonga u-Akhona lo oyimina” usho kanje.

Le ntokazi iqokiwe kumncintiswano wabesifazane iMomentum Gsport Awards 2021 kumunxu weBest Style Star, uqokwe noMamelo Makha kanye noKesa Molotsane.

UMakalima udalula ukuthi umama wakhe, owadlula emhlabeni ngasekupheleni konyaka owedlule wayengumholi wakhe omkhulu. “Nginokuthula, ngokwazi ukuthi umama wayeziqhenya ngami futhi eyibonile indlela yami eya empumelelweni. Inhliziyo yami inokuthula, ”kusonga yena.

Scroll To Top