Now Reading
Asephumile amagama konke sekusele kubavoti
Dark Light

Asephumile amagama konke sekusele kubavoti

Selukhishiwe uhlu lwalaba abaqokelwe kwimikomelo yakaMomentum gsport Awards. Usuku lokukonyeliswa luzokuba mhla ingama-31 kwephezulu.

IMomentum sport Awards ingumgogodla omkhulu kubantu besifazane kwezemidlalo, njengoba ibhekelela kuyona yonke iminxa lapha e-Africa. Kulo nyaka kuzoba unyaka we-16 kuzokonyeliswa abantu abenze kahle.

Intokazi okuyiyo eqokelwe eminxeni emikhulu uKgothatso Montjane. Le ntokazi edlala ibhola lomphebezo ihamba ngesihlalo, iqokwe eminxeni yeSasol Global Woman in Sport Award noweBrand SA Para Sport Star of the Year.

Kwenzeka lokhu nje uKgothatso uzifake emlandweni okuthi abe ngintokazi yokuqala yaboHlanga ukuthi ifike kowamanqamu omqhudelwano iWimbledon idlala yodwa yaphinde yafike lapho kudlala khona ababili bebambisene.

IWimbledon akuwona umqhudelwano odlalwa inoma ubani, ubalwa nemine ngaphansi kweGrand Slam. Eminye imiqhudelwano emikhulu iFrench Open, i-US Open ne-Australian Open.

Kumkomelo weBrand SA Para Sport Star of the Year uKgotshatso uzobe ewubanga nalowo ophethe irekhodi emdlalweni weShotput F64 uMaria Combrink kanye noNoluthando Makalima onqobe indondo yesiliva nyakenye kumqhudelwano obizwa nge-ISA World Para Surfing Championships. KoweSasol Global Woman in Sport uKgotshatso khona uzobe ebanga no-Ashleigh Moolman-Pasio ongumdlali webhayisekili noThembi Kgatlana ongumdlali kanobhutshuzwayo osanda kusayiniswa iqembu laseSpain i-Atletico Madrid.

Kanti eminye iminxa ebhekiwe eyeMomentum Athlete of the Year, kuzobanga uCaitlyn Macabi odlala igalofu nokeliswe njengohamba phambili kuleli, uRhoda Mulaudzi ongumdlali kanobhutshuzwayo ogijima kuMamelodi Sundowns Ladies noShabaim Ismail.

UShabaim Ismail

UShabaim nguyena okubukeka esemathubeni okuthi enganqoba lo mkomelo, nyakenye ngoLwezi ube ngumdlali wokuqala ukuba umdlali onqoba umkomelo wePlayer of the Final kumqhudelwano iWomen’s Big Bash League e-Australia engumdlali oqhamuka ngaphandle.
NgoNdasa nonyaka ube ngumdlali wokuqala ukuthi abe ngoshaya amawikhethi ali-150 emdlalweni ye-One Day International (ODI) waphinde wanqoba umkomelo weSA Women’s Cricketer of the Year.

Kube oweCoach of the Year, kulomunxu kukhona uDelaine Mentoor osize iqembu leWater Polo lakuleli ukuthi libe yingxenye yama-Olympic okokuqala emlandweni, uJenny van Dyk ongumqeqeshi weNetball no-Ilse Pelser ongumqeqeshi koweLong Gymnastics.

See Also

KoweTeam of the Year kukhona iBanyana Banyana, iqembu leWaterpolo kanye neSpar Proteas okuyiqembu leNetball. OweNielsen Sports SA Sponsor of the Year, nalo mkomelo uzobe ubhekwe kakhulu njengoba uzobe ubangwa iHollywoodbets exhase iligi yabesifazane ebizwa ngeHollywoodbets Super League, uSasol osuneminyaka eli-12 uxhase ibhola likanobhutshuzwayo, uTelkom oxhase iNetball League.

Kanti koweTelkom Woman of the Year khona kuzobe kubambene u-Anne Vermaak oyisikhulu esiphezulu kumaGymnastics SA, uBongiwe Msomi ongumdlali weNetball abe yinxusa lakaDStv Schools Netball League, izindaba zakhe ziphethwe iRoc Nation okuyinkampani kaJay-Z. Omunye uKesa Molotsane obalwa nabadlale endima enkulu eTshwane University of Technology (TUT) ngaphandle nangaphakathi ukuthi ezemidlalo zithuthuke.

Eminye iminxa, eye-Imperial African Women of the Year, Federation of the Year neminye eminingi.

Okuyibo abaxhase le mikomelo iBrand South Africa, iNielsen Sports South Africa, i-Imperial, uSasol, uSuperSport kanye noTelkom.

Scroll To Top