Now Reading
Ophromotha batusa ukunqoba kwembokodo kwezamankomane
Dark Light

Ophromotha batusa ukunqoba kwembokodo kwezamankomane

Imbokodo iyaqala ukuzibonakalisa kwezamankomane


Impelasonto edlule iphele befa injabulo abathandi besibhakela basesifundazweni iKwaZulu-Natal, kwazise kwashona usuku langeSonto sekunompetha omusha weWorld Boxing Federation (WBF) Africa Female Junior Bantamweight.

Lo mpetha nguBathabile “Fill It” Ziqubu ongowokudabuka eKuvukeni eLadysmith, oguqise uRavai Madondo waseZimbabwe ngamaphuzu emva kwemizuliswano eli-10 kungekho efuna ukugoba uphondo. Le mpi ibibanjelwe eWell Estate Multipurpose Centre, eGqeberha obekugcwele phama kwebeziqhathwe iZantsi Showtime Boxing Promotions kaMbali “Don Queen” Zantsi.

UBathabile unqoba lempi nje ezimpini zakhe zakamuva ubesehlulwe kabili umngani wakhe uThema Zuma, waqale wamhlula eGreyville nyakenye bebanga ibhande leSA Junior Bantamweight elabe lingaphethwe umuntu. Kuthe ngoNhlolanja nonyaka sekuyimpinda uThema waphinde wakwazi ukulivikela kuye uBathabile. 

ElaboHlanga likhulume nophromotha bakulesi sifundazwe  ukuzwa ukuthi kusho ukuthini ukunqoba kukaBathabile. Le ntokazi ngaphandle kokuba ngusomankomane iphinde ibe uthisha kanye nombhali wezincwadi.

  • Zandile Malinga weStarline Boxing Promotions:

“NgoNhlolanja nonyaka eCecil Emmett Hall, eVryheid ngesikhathi uBathabile ebhekene nomngani wakhe uThema kwese-SA Junior Bantamweight ehlulwa wakhala kwaze kwaba buhlungu kumina.

Kodwa amazwi engamtshela wona ukuthi akakhohlwe ileli bhande eliphethwe uThema maningi amabhande, nebala akuphelanga isikhathi esingakanani uMbali wamemezela ukuthi uyamfaka ezimpini aziqhathayo. Ukunqoba kwakhe uBathabile kungijabulisile kakhulu, ngiyambongela uyintokazi esebenza kanzima kakhulu” kusho uKaMalinga.

Lo phromotha uthe kuyajabulisa ukunqoba kowesifazane, kusho ukuthi impela liyakhuphuka izinga kwabesifazane njengoba nophromotha besifazane khona KwaZulu-Natal beqhatha izimpi eliseqophelweni eliphezulu.

  • Hlengiwe Sithole weHle-Jobe Boxing Promotions:

“Yinye into esilwa nayo muva nje ukuthi sikhuphule isibalo sabantu besifazane kwezamankomane. Ngokunqoba kukaBathabile kunginika ithemba lokuthi baningi abazokhuthazeka, ekuthenini okwenzeka kwabesilisa nakwebesifazane kuyenzeka.

See Also

Okunye njengoba ewuthisa uBathabile iningi lentsha nalo ngikholwa ukuthi lizofuna ukuba libukele kuyena, ngalokho isifundazwe sinyukelwa isibalo” kubeka uKaMasithole ofike kwezwakala. Uphinde wabalula ukuthi bazimisele ukuthi kuzona zonke izimpi abazoziqhatha isibalo sabesifazane naso sibe siningi.

  • Nomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing Promotions:

“Ukunqoba kwakhe (uBathabile) akukhona nje ukuthi uzinqobele yena kodwa unqobele isifundazwe saKwaZulu-Natal sonke. Lokhu kuzoba isikhuthazi esikhulu entsheni yesifazane elandela ngemumva.

Lokhu kungenza ngisho isisho esithi ukuhlehla kwenqama ukulanda kwayo amandla, uBathabile uhlulwe kabili uThema kodwa wakwazi ukuthi abuye ngeshodi wanqoba isicoco seWBF. Angingabazi ukuthi sizosifeza isifiso sethu okuwukhuphula isibalo sabesifazane” kusho uMagcaba-Shezi.

UBathabile wandise isibalo kosomankomane abaphethe ibhande lazwelonke kulesi sifundazwe. Abanye uThabiso “The Rock” Mchunu ophethe eleCruiserweight, uPrince Dlomo eleJunior Welterweight, uMapule Ngubane eleSupper Middleweight noThema ophethe eleJunior Bantamweight. Babili abaphethe elesifundazwe okunguMduduzi Mzimela ophethe eleJunior Featherweight kanye noSanele Mahlangu yena ophethe eleJunior Flyweight. UPhromotha olekelele kakhulu ekutheni uBathabile akwazi ukulwa lempi uHlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions obekhona ukuyoyiseka le ntokazi.

Scroll To Top