Amavenge oMasipala uMngeni achitha iMeneja, aqhatha noKhongolose
Izulelwa amanqe imeneja kaMasipala uMngeni KwaZulu-Natal, uNks uThembeka Cibane emveni kokuthi uMkhandlu uthathe isinqumo sokuthi amiswe kulandela ukuvela kwegama lakhe embikweni oqukethe izinsolo zenkohlakalo nokungaphathi ngendlela kophiko oluphenya inkohlakalo ezikhungweni zikaHulumeni, iSpecial Investigative Unit (SIU).
Lo mbiko weSIU ongaphansi kwesihloko esithi: Investigation Under the Authority of Proclaimimg R23 of 2020 Regarding Certain Affairs of the UMngeni Local Municiplaity : Possible Misconduct By an Official Relating to Procumbent Irregularities Under The National State of Dissaster: Ms Cibane, nona makhasi angama-98, uphakamise ukuthi lesi sikhulu sithathelwe izinyathelo, ukhomba ngenjumbane uNks uCibane ngokuthi nguyena obe nesandla ekutheni kusetshenzisweni ngaphandle kwemvumo imali eyizigidi ezi – R19, esetshenziswe ezinhlelweni ezahlukene zokulwisana nokhuvethe kumasipala.
Ngokombiko weSIU izimeneja zemikhandlu zayalelwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu nokaMgcinimafa kuzwelonke ukuba zibhale uhlelo lokusebenza nokusebenzisa imali le eyizigidi ezi- R19, wemali yemikhandlu ebiyabelwe izinhlelo, iMunicipal Infrastructure Grant (MIG). Lokhu kwakwenziwa ukuze omasipala babeke eqhulwini izinhlelo zokulwa nokhuvethe.
NgokweSIU, uNks uCibane akazange alubhale uhlelo lokusebenza nokusebenzisa imali kodwa wakugunyaza ukuthi kusetshenziswe lemali, ngaphandle kokulandela imigudu efanele okuyinto engekho emthethweni nesimdonsele amanzi ngomsele.
UNks uCibane kuthiwa wasenga ezimithiyo wathi uMkhandlu uMngeni uhlalile wakugunyaza ukuthi kusetshenziswe le mali. Ngokwenza kwakhe lokhu ube esephula umthetho njengoba esesolwa ngokungaphathi ngendlela nokusebenzisa budlabha imali yabakhokhibentela.
Encwadini ebhalwe ngomhla zi-7 kuNtulikazi nonyaka , abe ISIU bancome ukuthi iMeya uMnu uSizwe Sokhela imthathele izinyathelo uNks Cibane. Nembala uSokhela umbhalele uNks Cibane emazisa ngezinhloso zokumumisa emsebenzini emveni kokuvela kombiko weSIU.
Ngokombiko weSIU uSokhela wamnika incwadi uNks Cibane neyabe imeluleka ngesinqumo sokumumisa emsebenzini. Incwadi lena yasayinwa yiyo iMeneja kwaphinde kwasayina ngisho ufakazi uMnu uXolani Nhlangulela. Ngemuva kokuthola incwadi lena uNks Cibane ube esethatha udaba walufaka kubameli bakhe ukuze baphikisane nokumiswa kwakhe. Abameli babhalele uSokhela bemcela ukuthi akabathumelele umbiko weSIU.
Ngokuthola kwelaboHlanga, amakhansela eAfrican National National Congress (ANC) ahlukene phakathi odabeni lokumiswa kwemeneja njengoba kukhona ayisishiyagalombili athi akamiswe, kanti amanye amahlanu wona ayamvikela.
Kulawa amahlanu asolwa ngokumvikela kubalwa noSomlomo woMkhandlu, uMnu uThulani Mthalane.
Lamakhansela okuthiwa avikela uNks uCibane kusolwa ukuthi acosha amavenge kumathenda amahlanu akhishwa ngesikhathi kuqhutshwa izinhlelo zokulwa nokhuvethe. Amathenda akhishwa kukhona eyokukhuculula zonke izindawo okulahlwa kuzo imfucuza ezingekho emthethweni, eyokufakwa kwepayipi lamanzi okudle izigidi ezi-R7.4, eyokulungiswa komgwaqo obuwubhuqu, eyokufakwa kompompi emiphakathini neyokuthenga izibulali magciwane nazo zonke izinto ezisiza ekulweni nokhuvethe.
ElaboHlanga lihabule ukuthi ikhokhasi yamakhansela e-ANC yanquma ukuthi amiswe uNks uCibane kodwa kunamakhansela aphikisana nesinqumo sekhokhasi yeqembu.
Umdidiyeli we-ANC esifundeni iMoses Mabhida uMnu uThulani “Two Ways” Xulu uthe bayazi ngesimo esiqhubeka kuMasipala waseMngeni kodwa wathi balinde umbiko ogcwele ovela kwiMeya noSotshwebhu wamakhansela abo ukuze bakwazi ukuphawula kahle.
“Sizokwazi ukuthi siphawule kahle uma sesithole umbiko ogcwele, okunye engathi udaba lwaseMngeni selusezingeni lwesifundazwe,” kusho uXulu.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnu uNhlaka Ntombela uthe udaba lwaseMngeni alukho kubona.
“Ngeke udaba lukaMasipala luze kuthina, mhlawumbe uXulu uyazibalekela nje kodwa ake uthinte uMdidiyeli wezithunywa zethu eMoses Mabhida uSomlomo wasesiShayamthetho saKwaZulu-Natal uNks Nontembeko Boyce ngoba ibona abebelusebenza lolu daba,” kusho uNtombela.
Okhulumela uMasipala UMngeni uMnu uThando Mgaga uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba lwadingidwa emhlanganweni owawuyimfihlo.
“Umhlangano okwakhulunywa kuwo lolu daba wabanjwa amakhansela kuphela, izikhulu zazingekho okwenza nami ngingazi lutho ngalo,” kusho uMgaga.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnu uSenzo Mzila uthe njengo mnyango ngeke bakwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba seluthinta nezinto zomthetho.
Umthombo welaboHlanga ocele ukuthi ungadalulwa ngoba usaba ukuthi ungabulawa nokubulawa uthe ikhokhasi ye-ANC yathatha isinqumo sokuthi imiswe imenenja inkinga ukuthi kunamakhansela amvikelayo aphikisana nesinqumo sekhokhasi.
“Kulawo makhansela kukhona noSomlomo, sithole ukuthi lamakhansela avikela imenenja kamasipala adlile ezinhlelweni ezenziwe ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokulwa nokhuvethe,” kusho umthombo.
Uthe isizathu esenza ukuthi kube khona amakhansela abo avikela uNks uCibane ukuthi uthe uma ecwila ngeke ahambe yedwa.
“Uyabona ukuthi lapha lamakhansela asekhalela ikusasa lawo ngoba ayazi ukuthi inhlanzi isishelwe amanzi manje enza ngakho konke okusemandleni ukuba ayivikele imenenja ukuze angaphenyeki izidwaba izinqe zisale obala,” kusho umthombo.
Umthombo upotshozele elaboHlanga ukuthi ukhona futhi omunye umbiko weSIU osuphumile onzima kakhulu kunalona osophumile nawo oqukethe izinsolo zenkohlakalo.
Uthe umbiko akhuluma ngawo usukhona kwiMeya uSokhela sekusele ukuthi wethulwe emkhandlwini.
“IMeya isimbhalele uSomlomo uMthalane imcela ukuthi akabize umhlangano khona izokwazi ukwethula lo mbiko, kudlala amabhulukwe emadodeni njengoba sekukhona omunye ombiko,” kusho umthombo.
NgoLwesibili olwedlule kuthiwa bekumele kube nomhlangano obekuzodingidwa kuwo lolu daba kodwa wahlehla emveni kokuthi kube khona omunye umuntu ovele wagula isigubhukane ngaphambi kokuthi uqale.
Kuthiwa kuphinde kwazanya omunye umhlangano lapho uSomlomo uMthalane evele khona waphuma kungazelele muntu umhlangano waguqa kanjalo. Imizamo yokuthola uMthalane ayizange iphumele ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Kanti nomyalezo athunyelelwe wona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakawuphenduli.
Uthe uNks Cibane nalamakhansela amvikelayo bazama ukuhambisa isikhathi ngenhloso yokuphazamisa iSIU. “I-SIU njengoba isikhiphe lo mbiko kumele iphinde ihambise umbiko wayo kuMengameli uMnu uCyril Ramaphosa,” kusho umthombo.
USotshwebhu wamakhansela eDemocratic Alliance(DA) kuMasipala uMngeni uMnu uSiphesihle Zondi uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngengqikithi yomhlangano ngoba lolu daba lwakhulunywa emhlanganweni obuyimfihlo.
Uthe bazodinga nokwethola izeluleko zomthetho ngaphambi kokuba bakwazi ukukhuphawula ngalolu daba.
“Kodwa njenge DA njalo sihlale singahambisani nezikhulu ezikhohlakele sihlale njalo sifuna ukuthi zithathelwe izinyathelo ngoba inkohlakalo eziyenzayo isikhathi esiningi igcina isiphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini,” kusho uZondi.