Now Reading
Ubani Obulele AboHlanga? Ingozi yokubuza ibhasi libhaliwe
Dark Light

Ubani Obulele AboHlanga? Ingozi yokubuza ibhasi libhaliwe

Yize umlilo kubukeka usubhuliwe kuyaqapheleka ukuthi asakhona amalahle angahle aqubule omunye nongaba yingozi. Ukubulwa kwaboHlanga ngenhloso nangesihluku ezindaweni oningi lazo kuwumphakathi wamaNdiya sekudale inkulumompikiswano ekutheni ngabe lokhu kumele kubhekwane kanjani nakho noma kubizwe ngani.

Kukhona abathi isehlo lesi asingabekwa esigabeni sokuxabana kwezinhlanga kunalokho asifakwe ngaphansi kwezigameko zobugebengu. Lokhu okungasho ukuthi abenzi bobubi bangeke babukwe njengengxenye yomphakathi wamaNdiya obunezinhloso zokuhlasela aboHlanga. Nokho lombono uphikiswa ngabanye emphakathini wamaNdiya nabathi laba abasolwa ngokubulala ngamadoda namadodana abo ayevikela imphahla nemindeni yabo. Ngamafuphi, yebo lokhu abasolwa ngakho bakwenzile kepha bekunezizathu futhi ezibenza babe bahle. Kulaba kuyinhlamba ukubiza izigameko zokubulwa kwaboHlanga ngamaNdiya njengesibhicongo.

Abanye bakhetha ukubiza abasolwa ngoqonda. Ekhuluma kuleli sonto uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uZikalala ucashunwe ethi: “Kumqoka ukuthi oqonda laba baboshwe”. UKhuzeni ugxile ekutheni sekwedlule konke kumele kube nezinhlelo zokubuyisana kwezinhlanga. Uveze nokuthi abantu kababulawanga ePhoenix kuphela kepha kube ngesifanayo eChatsworth naseNorthdale eMgungundlovu nokuyindawo ehlala umphakathi wamaNdiya.

Khona lapho bakhona okubalwa nosopolitiki kanye nezikhulu kuhulumeni asebephumele obala ukuthi aboHlanga ezindaweni ezifana nePhoenix babulawe ngonya ngabantu abaqhutshwa wubuhlanga, futhi ukubulawa kwabo kungathathwa njengesenzo sobulwane nesibhicongo.

Omunye wabo nguMphathiswa uNonhlanhla Khoza weZenhlalakahle KwaZulu-Natal nothe akungadlalwa ngamagama:
“Okwenzeke ePhoenix yisibhicongo. Abanganyanyalati ekutheni kusho ukuthini ukuthi lesi bekuyisibhicongo. Abantu babulewe ngesihluku. Iningi labo libulawe lihamba emgwaqeni yomphakathi. Usho kanjani ukuthi ubuvikela imphahla uma ubulala abantu emgwaqeni?” kusho uMphathiswa. Omunye uMphathiswa kuHulumeni waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uKwazi Mshengu ucashunwe ethi “lokhu okwenzekile kungathathwa njengesenzo ebesinhloso yaso kuwukuqeda ngohlanga oluthile nobekuqhutshwa wubandlululo nokuyinto ebingalindelekile ngaphansi kwedemokhrasi”

Umhlahlo ngokwenzekile
Kukhona nokukhuluma ekutheni ngabe yini ezokwenza kufinyelwele ekuthini ngabe kwenzakani. INingizimu Afrika iyaziwa ngokuthanda ukwenza izigcawu zophenyo okungabayikhomishini ukuze ithole kokunye into esobala. Odabeni oluthinta aboHlanga namaNdiya uma uhulumeni oholwa nguKhuzeni eqoma ukuba nekhomishini noma uphenyo kuyobe kungaqali kanti futhi imbangela nezincomo kungenzeka zifane.

See Also

Ngonyaka we-1949 emuva kokuthathana kwalezi zinhlanga kwaba nombiko owaziwa ngokuthi yiReport of the Commission of Enquiry Into Riots in Durban. Akugcinanga lapho njengoba kuke kwaba nemihlangano eminingana nayilapho bekudingidwa udaba oluthinta ubudlelwane phakathi kwaboHlanga namaNdiya. Ngonyaka wezi-2002 omunye umhlangano wawuhlelwe yi-Institute for Democracy in South Africa (IDASA) uhanjelwe nayiSILO, osomabhizinisi nabaholi bemiphakathi yomibili. Nalapho kwakhulunywa izinto ezinkulu nezingenzekanga kwathi ezenzeka zangaba namiphumela.

Kuzo zonke izithangami nophenyo kuyavela ubufakazi bokuthi lemiphakathi ayithembani nokuthi ithambo elibangwayo ngumnotho wendawo. Ekubhekwe ngabomvu ngokwenzeke kamuva yikuthi ngabe uhulumeni wakwaZulu-Natal uzokwenzani ukuthola umyoluka; ngabe uzokwenza uphenyo lwento enobufakazi noma uzoyekelela emaphoyiseni ukuba aphenye kuboshwe abenzi bobubi?

Abantu baseNingizimu Afrika babukeka bengasawathembi amakhomushini nabawasola ngokuchitha imali ngaphandle kwezixazululo ezithintekayo. Kulokhu nje kwakamuva kwabakhulume nelaboHlanga kukhona ukucabanga ukuthi ikhomishini inganyanyalata umyoluka, kubuzwe ibhasi ibhaliwe.

Scroll To Top