Now Reading
UMntwana uZibhebhu nezithulu
Dark Light

UMntwana uZibhebhu nezithulu

UMntwana uHhayiyana yisokanqangi loMntwana uMaphitha. Ibutho lakhe KwakuyiMboza noma uThulwana eyintanga yeNgonyama uCetshwayo. UMntwana uMaphitha wayenezinsizwa eziyishumi ezazibuthwe zingamaMboza. Bathi iNgonyama uCetshwayo yayithanda kakhulu ukuvakashela emzini wasElawini ngoba yilapho kwakuneningi laBantwana baseKhohlwa ababeyintanga yayo aMaMboza.

Kwakluthi uma kufike iMboza elikhulu abanumzane bonke baphelele Elawini bezosina. Abantu babeletha izinkomo kanye notshwala beqhamuka kuzo zonke izintaba nezinkalo zezwe lakwaMandlakazi bezokwethulela iMboza elikhulu. Kuthiwe kufike iMboza elikhulu. Bathi kwakusinwa kuze kuse, kuthiwa uMkhosi WamaMboza. Ihubo lawo lalithi:

Elawi—ni Mntwana
Impi ise—Lawini,
Yim—khonto,
AMaMbo—za ase—Lawini
AMaMbo-za
Yim—khonto.

UMntwana uMaphitha wakhela uMntwana uHhayiyana umuzi waseLawini, owawakhiwe endaweni namuhla eseyaziwa ngokuthi kuse-Injimpela. Kuthe lapho uMntwana uHhayiyana eseshiya indawo yakhe yasElawini, waseyokwakha eNkunzi umuzi wasEbathweni. UMntwana uZibhebhu wabe esekhipha uMntwana uBhubha kaMaphitha Ekuvukeni wathi akayokwakha endaweni yaseLawini eyayishiywe uMntwana uHhayiyana. Wafika wakha umuzi wawuqamba igama wathi “Sengiyinja impela” Sebengikhiphe kwethu Ekuvukeni.

UMntwana uHhayiyana ugomunye wabaNtwana abakhonza ubukhosi kwaze kwaba sekugcineni. Nanxa wayengeyona iNkosana yeWombe, kepha lalimazisa kakhulu njengesokanqangi lalo. Umntwana uMaphitha kwathi uma esemkhipha uMntwana uHhayiyana eNkungwini wamnika izinkomo zenyoni kayiphumuli. Lezo nkomo zazingenampondo. Zazi zinhle kakhulu, kuthi uma wedlula kuzo ziklabile edlelweni, kube sengathi ungebe usadlula ubukana nazo.

Lezo zinkomo zazibizwa ngokuthi izithulu, ngoba zabe ziyizingqudulu. Sekwenzeka ngelinye ilanga uMntwana uZibhebhu egeza emfuleni, kanti izithulu lezi zoMntwana uHhayiyane ziklabile nje edlelweni ngenhla kwalapha ageza khona. UMntwana uZibhebhu abe esethi zimdungela amanzi egeza ngoba phela yena engelutho iNkosana sekunguHhayiyana. Wase ethi ezinsizweni ayehamba nazo azizithathe sekungezaseBhanganoma.

Kwabonakala ngalelolanga ukuthi uMntwana uZibhebhu wayelokhu enenzondo yokuthi ngelinye ilanga uMntwana uHhayiyane wamemukisa nomfula iMfolozi ngoba efuna ukumbulala ukuze athathe uBukhosi bakhe. Futhi uMntwana uZibhebhu wayekuqonda kahle ukuthi uMntwana uHhayiyana nguyena omdala, nanxa engabekwanga njengenkosana yeWombe. Manje uma esebona uyise esenikeza uMntwana uHhayiyana izinkomo zekhethelo, wabona kamhlophe ukuthi uBukhosi sebumlahlekele. Izithulu lezi zenza into engajwayelekile lapho sebezikakile behamba nazo. Zivele zithwale amakhanda ziwabhekise eBathweni. Baze bazinqoba ngokuba bashaye izihlangu zabo ngezinduku baqala ukukhuza isaga esithi:

Khuz’ izithulu ziyasithulukela!
Khuz’ izithulu ziyasithulukela! X2
EBathweni!
Izithulu x2

Lesi saga yisona esaba umsindo owathambisa izithulu ukuze bakwazi ukuhamba nazo. Izaga, nezisho, nezifenqo eziningi kanye namahubo kwakuqanjwa kususelwa ezenzweni ezenzekayo ezinye zazo zizinhle kanti ezinye zizimbi. Kuthe uma sebezithathile izithulu, uMntwana uHhayiyana, wasuka wayobikela uMntwana uMaphitha kwaNodwengu.

See Also

UMnwtana uMaphitha wathukuthela wathelwa ngamanzi ethi uZibhebhu uzifunani izinkomo zikaHhayiyana, uMntwana uZibhebhu waphendula ngokuthi ngezakhe. Wathi uma uHhayiyana sekunguyena iNkosana kuhle azilande ngejozi. Kanti uzithatha nje ukhumbula isisho seNgonyama uMpande esithi inkunzi iyazibeka. Abone uMntwana uMaphitha ukuthi kungahle kuphinde esaseNdondakusuka, waseqonda kwaNodwengu eseyobika. Udaba walubika eSilweni uMpande. ISilo sathi akabikele uMntwana uCestwhayo ngoba izindaba zonke zombuso seziphethwe nguye. ISilo uCetshwayo sathi akalandwe uMagasa.

Ekufikeni kwakhe uMntwana uZibhebhu wamlandisa uMntwana uCestwhayo, yonke indaba yezithulu. Waphetha ngokuthi useyabona ukuthi uMntwana uMaphitha usefuna ukubeka umfowabo uHhayiyana njengeNkosana yakhe. Esezwe konke uMntwana uCetshwayo waphendula wathi “Konje ukuma kwenu nina bobaba niyasenyanya thina maKhosana nifuna ukuzibekela abathandwa yini njengaMakhosana enu.” UMntwana uMaphitha wathi; “Cesthwayo ngithi mubi uZibhebhu unenhliziyo embi ngithi mbulale.” UMntwana uCetshwayo waphendula wathi; “Angisoze ngambulala uZibhebhu, iqhawe lami leli, ngisazolwa ngaye eSandlwana.” Ngemuva kwaleli cala uMntwana uZibhebhu wathi; “Ngibanga noma ngizazi izinkomo ukuthi ngezaseBathweni” wabe esethi umuzi wakhe kuse “Banganoma”

UMntwana uZibhebhu KwaNyawo
Inkosi uSambane Nyawo yahlasela yabulala iNkosi uLubele Mngomezulu endaweni yakwaVuma. AbakwaMngomezulu base bethumela kuMntwana uZibhebhu becela ukuba azobavikela olakeni lwabakwaNyawo. Wasehloma uMagasa waphikelela khona kwelakwaNyawo. Kuthe lapho efika kwelakwaNyawo uMntwana uZibhebhu wasethumela eNkosini uSambane ethi ayize kuye bazoxoxa. INkosi uSambane yayisikhulile kakhulu, sekungumdodovu nje wekhehla. Kuthe lapho iNkosi uSambane izwa ukuthi uMntwana uZibhebhu uyayifuna uthi abazokhulua, yakhumbula okudala abakwenza eNdlunkulu ukubulala iNgonyama uDingana.

INkosi uSambane izibonela nje ukuthi namuhla konakele, kusho ukuthi uMagasa uzophindisela iNgonyama uDingana. Phela kwase kufinyelele ezindlebeni zeNkosi uSambane ukuthi uMntwana uZibhebhu uhamba nempi.

Scroll To Top