Ishoshozela laboHlanga elaliyiphela endlebeni
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Emkhakheni wezobuciko kukhona abantu okubukeka sengathi kabayidingi inhlolokhono ukuze balingise ezindaweni ezithize. Omunye ongena khaxa kulolu luhla nguDkt uBonisile John Kani. Lona ngunogwaja ozikhundlakhundla njengoba ebukhali njengomdlali wemidlallo yeshashalazi, ukuba ngumbhali nomqondisi kanye nomlingisi emidlalweni yethelevishini kanye nenqayi.
Kwezeshashalazi ngubani ongakhohlwa wumdlalo iSizwe Banzi is Dead (1972) kanye ne The Island ( 1975) ? Le midlalo yamukelwa emhlabeni jikelele yaze yathola indondo yeTony Award for Best Actor nayithola mayedlala naye uWinston Ntshona. Wabuye waklonyeliswa nge-Obie Award (2003) e-USA.
Lapha ekhaya wanikwa okukhulu ngesikhathi enikwa indondo i-Order of Ikhamanga in Silver (2005). Ubuye waklonyeliswa ngeHiroshima Peace Culture Foundation Award (2000) ne-Olive Schreiner Prize (2005). Lesi sobudokotela wasinikwa mhla enhlonishwa yi-University of Cape Town ngowezi-2006. Akagcini ngokulingisa kepha ubuye athuthukise namakhono abeza emuva kwakhe njengoba enoBarney Simon basungula iMarket Theatre Laboratory ngowezi-2014.
Nasengqayini akathintwa
UKani ubukhali nangapha kwezengqayi. Ukhona kuMaster Harold and The Boys (1985), iKilling Heat (1981), iDry White Season (1989), iSarafina (1992), iThe Ghost and Darkness (1996), iFinal Solution (2001), iNothing But The Truth (2009), iWhite Lion (2010), iThe Suit (2016), iBlack Panther (2018) kanye neThe Lion King (2019) nezinye.
Le mpunga yakwethu iyaqhubeka nokuba yisibani saboHlanga kanjalo nobufakazi bokuthi ukwenza into ngokuphelele kunomvuzo. Igama layo liyongena emlandweni waboHlanga kuleli nasemhlabeni jikelele njengoba ekwenzeni kwakhe usiphakamisile.