Now Reading
Imbokodo kamagayisa: Ukuphokophela kumzuzisa lukhulu uBongiwe
Dark Light

Imbokodo kamagayisa: Ukuphokophela kumzuzisa lukhulu uBongiwe

Intokazi yaseHammarsdale ilokhu iqhubekile nokuphakamisa abantu besifazane kwezemidlalo emhlabeni wonke jikelele. Leyo ntokazi ngukaputeni weqembu lesizwe kwelomnqakiswano uBongiwe Msomi.

UBongiwe maphakathi nesonto kuvele izindaba ezijabulisayo zokuthi izindaba zakhe sezizophathwa ngabakwaRoc Nation okuyinkampani yase-USA ephethwe umculi ohlonishwa umhlaba wonke uJay-Zee. Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-33 ilandele uSiya Kolisi ongukaputeni weqembu lesizwe lombhoxo, uThemba Bavuma ongukapueni weqembu lekhilikithi iProteas emdlalweni ye-One Day International (ODI).

Abanye uLungi Ngidi ongumshwibi kuProteas, uChelsin Kolbe ongumdlali wamaBhokobhoko noTendai “Beast” Mtawarira osewathatha umhlalaphansi kumbhoxo. IRoc Nation akuyona nje inkampani kodwa isezingeni eliphezulu njengoba iphethe izindaba zabadlali abahlukene emhlabeni okubalwa uKevin De Bruyne waseBelgium odlalela iManchester City, uRomelu Lukaku naye waseBelgium odlalela i-Inter Milan, uMarcus Wilson odlalela iqembu leBasketball iLos Angeles nabanye abaningi.

UBongiwe uhole iProteas endaweni yesine endebeni yomhlaba eyabe ise-England ngonyaka wezi-2019. Ungowesifazane owokuqala wesifazane eNingizmu Afrika ukuthi ajoyine le nkampani. Ungumdlali wesithathu kubadlali abanemidlalo eminingi eqenjini lesizwe njengoba esedlale imidlalo eli-126. “IRoc Nation Sports izophatha uBongiwe ngaphakathi nangaphandle kwenkundla ngokugxila ezintweni zakhe zonke ezithinta impilo yakhe,” kusho isitatimende esibhalwe ngabakwaRoc Nation.

Ngenyanga edlule uBongiwe igama lakhe lavela ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni umqhudelwano weNetball wezikole iDStv Netball School Challenge. Livela ngokuthi uzoba inxusa lalo mqhudelwano obandakanya izikole eNingizimu Afrika.
“Ngijabule ngokujoyina umndeni weRoc Nation Sports ekugcineni. Into ekade ngayifisa le, ngihlezi ngizibekela izimfuno ezinkulu ngenze isiqiniseko sokuthi laba abakholelwa kumina ngihlezi ngibajabulisa,” kusho uBongiwe esitatimendeni.

Le ntokazi yaqala ukudlala lo mdlalo ngonyaka wezi-2004 nalapho yabe ineminyaka eli-16 ifunda eChief Luthayi High School. Ngonyaka olandelayo yaqokelwa ukuthi ibe ngabanye abamela iTheku emdlalweni yaminyaka yonke ebizwa ngokuthi iSouth African Local Government Association (SALGA) Games.

See Also

Kusukela lapho akabange esabheka emumva njengoba wadlulela eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kweli-19 nelabaneminyaka engaphansi kweminyaka engama-21 nalapho aba khona ngukaputeni kumqhudelwano obizwa ngokuthi iWorld Youth Netball Championship. Wadlala umdlalo wakhe wokuqala kumaProteas ngonyaka wezi-2011.
Wake wathola inkontileka emaqenjini amabili ase-United Kingdom, iSurrey Storm eyabe iqeqeshwa uTemsin Greenway owachazwa ikhono likaBongiwe ngonyaka wezi-2014 emdlaweni yamaCommonwealth Games ayeseGlascow. UTemsin wabe eseya eqenjini iWasps wahamba naye uBongiwe, waba ngumpetha nawo womabili lamaqembu adlala kwi-UK Netball Super League.

Ngonyaka wezi-2017 wajoyina iqembu lase-Australia iThunderbirds nahlala kuyona unyaka owodwa kuphela. Uneziqu zeSport Management azenza e-Durban University of Technology (DUT), kuyimanje uyiMenenja aphinde abe ngumqeqeshi we-University of Johannesburg (UJ).
Ezinkundleni zokuxhumana intokazi yakwaMsomi ibhale kanje: “Ngiyabonga kubona bonke abangisekile, nabadlale indima enkulu ekutheni ngibe lapho engikhona. Ngiyafisa kubadlali abancane bazinikele kuyona yonke iminxa yezemidlalo ikusasa alaziwa, kungenzeka noma yini” ubhale kanje.

Umsebenzi omkhulu manje abhekene nawo ukuhola iNingizimu Afrika kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba ezokuba kuleli ngonyaka wezi-2023.

Scroll To Top