Now Reading
OweBanyana uthole ikhaya elisha ePortugal
Dark Light

OweBanyana uthole ikhaya elisha ePortugal

nguLinda Ximba

Umgadli weBanyana Banyana uJermaine Seoposenwe usethole ikhaya elisha kuSporting Braga ngemuva kokuhlala isikhashana eSpain.

USeoposenwe oneminyaka engama-26 ubudalala usayinde inkontileka yeminyaka emibili kuBraga ngemuva kokudlala izinyanga eziyisithupha kuReal Betis.

Wayejoyine iBetis ngoNhlolanja kodwa watabalasa ukuthola ijezi njalo njengoba ekwaze ukudlala imidlalo emithathu vo. Nesizini yebhola ibuye yavalwa ngenxa yokubhebhetheka kokhuvethe.

EPortugal uzofike ahlangane nomkhaya wakhe uThembi Kgatlana adlala naye kuBanyana Banyana. UKgatlana ongomunye wezithenjwa eqenjini likaDesree Ellis usemabhukwini eBenfica kuligi ebizwa ngeCampeonato Nacional Feminino,

USeoposengwe, ozalwa eMitchell’s Plain eCape Town, uthe wethemba ukuthi uzohanjelwa kahle izinto ezweni elisha. Icashunwa kusafa.net, le ntokazi ithe: “Ngithandazela ukuthi konke kuhambe kahle laphaya. Ngisophe ukuthi ngisheshe ngijwayelane nozakwethu abasha bese silwela ukunqoba izicoco. ILiga BPI iyiligi enzima njengoba igabe ngabadlali abaphiwe ngezindlela ezahlukene.”

Lo mgadli oqale ukugqama esagijma kuJVW FC yaseGauteng wake wathi qu kuGintra Universitetas yaseLuthuania, lapho afika wathola isipiliyoni sokudlala ku-Uefa Women’s Champions League. Ube nesandla ekunqobeni isicoco seligi nendebe yomkhumulajezi. ELuthuania waficana noNothando Vilakazi naye odlale kakhulu kuBanyana Banyana.

Leli qembu lakhe elisha liqede endaweni yesithathu ngesizini edlule. Ufika nje lisanda kudedela abadlali abali-17 kanti useqalile ukuzihlanganisa nozakwabo njengoba kulungiselelwa isizini okungaziwa ukuthi izoqala nini.

USeoposengwe wake wathola umfundaze webhola wachitha iminyaka eSamford University e-Alabama, e-USA. Eqenjini lesizwe usegijime imidlalo engama-78 kanti usahlohle amagoli ali-18.

See Also

Wayekhona elakuleli lithola indondo yethusi ku- Africa Women’s Cup of Nations ngowezi-2018 eGhana. Ngokudlala ifayinali oSeoposengwe nozakwabo bazifaka okokuqala ngqa kuFifa Women’s World Cup eyabanjelwa eFrance kuwo lowo nyaka.

Le ntokazi ezalwa umfundisi ibukeka ihlelekile njengoba ngaphandle kwenkundla iyikhonzile imfundo. Ihlela ukwenza izifundo zeMaster of Business Administration. Ngesikhathi iseSamford University yayisheba ibhola nemfundo.

Ike yabamba itoho enkampanini enobudlelwano neSafa iSasol okungabaxhasi abakhulu bebhola labesifazane ezweni. ESamford University washiya umsizilo njengoba igama lakhe lisabekwe phezulu. Wake waqokwa njengomdlali ovelele wonyaka weSouthern Conference (SoCon) amahlandla amabili.

Wahamba nerekhodi lokuhlohla amagoli angama-35.

Scroll To Top