Inkantolo yaseSwitzerland igwebe owaseLiberia iminyaka



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umkhuzi wamavukelambuso aseLiberia ugwetshwe iminyaka engama-20 ebhadla ejele eSwitzerland ngoLwesihlanu ngecala lokudlwengula, ukubulala kanye nesenzo sokudla umuntu, kwelinye lamacala okuqala alahla abathize ngempi yezakhamuzi kuleli lizwe laseNtshonalanga Afrika.
Leli cala futhi kwakuyicala lokuqala laseSwitzerland lobugebengu bezempi enkantolo yomphakathi. Bekubandakanya u-Alieu Kosiah oneminyaka engama-46 owayebizwe ngegama elithi “bluff boy” eqenjini lezihlubuki i-ULIMO elalwa nebutho lowayenguMengameli uCharles Taylor ngeminyaka yama-1990.

UKosiah, ubebhekene namacala angama-25 futhi walahlwa ngamacala amane kuphela kulawa abekwe wona, kukhombisa amaphepha avela eNkantolo yaseSwitzerland.
Waboshwa ngowezi-2014 eSwitzerland, lapho ayehlala khona njengomhlali ogcwele. Umthetho waseSwitzerland ka-2011 uvumela ukushushiswa kwamacala abucayi enziwa noma yikuphi, ngaphansi komthetho wolawulomandla jikelele. IHuman Rights Watch ibize ukugwetshwa kwangoLwesihlanu ngokuthi “yingqophamlando”.


“Imizamo yaseSwitzerland kuleli cala kufanele isize ekuhlanganiseni ukuphendula okubanzi eLiberia ngoba lokhu kukhombisa ukuthi la macala angashushiswa. Lokhu ngikubona njengethuba,” kusho u-Elise Keppler waleli qembu iHuman Rights Watch. ILiberia iyishaye indiva ingcindezi yokushushisa amacala asezimpini zayo ezazibuyela emuva phakathi kowe-1989 nowezi-2003, lapho izinkulungwane zamasosha ezingane zaboshelwa izimpi zamandla okwandiswa umbango woHlanga nobuzwe..
Ukuxoshwa ubuyiselwe ezweni lakho (Deportation), isihlawulelo
Izishoshovu enhlokodolobha yaseLiberia iMonrovia zisijabulele lesi sinqumo. “Lokhu kuzosebenza njengesikhubekiso kwabanye emhlabeni jikelele. Ngicabanga ukuthi ubulungiswa buqhubekile,” kusho uDan Sayeh, ohola umkhankaso womphakathi. UJefferson Knight, esinye isishoshovu eLiberia, uthe unethemba lokuthi lesi sigwebo sizokwengeza engcindezini ekhulayo yokuthi uHulumeni akhe uphiko lwamacala ezimpi, njengoba iKomidi Lamaqiniso Nokubuyisana ezwe lancoma eminyakeni edlule.
UCharles Taylor wagwetshwa ngamacala ezimpi ngowezi-2012, kodwa kuphela ngezenzo ezakhelene neSierra Leone. Indodana yakhe, uChuckie, yagwetshwa ngokuhlukumeza eLiberia yinkantolo yase-USA ngowezi-2009.
UKosiah uwaphikile wonke amacala futhi watshela inkantolo ukuthi wayemncane ngesikhathi eqala ukubuthelwa empini. Unqobe ngoLwesihlanu icala lokuzama ukubulala isakhamuzi, ukusekela kwakhe ekubulaweni komuntu, umyalelo wokuphanga nokuqashwa kwengane eyisosha.
Inkantolo esitatimendeni esithunyelwe nge-imeyili ithe isigwebo seminyaka engama-20 yisona esiphezulu evunyelwe ukusikhipha ngokomthetho waseSwitzerland. “Akukho zimo ezehlisayo ezanakwa kulesi sigwebo. Waxoshwa nokuxoshwa eSwitzerland isikhathi esiyiminyaka eli-15,” kusho yona le nkantolo.
UKosiah uphinde wayalelwa ukuthi akhokhele abamangali abayisikhombisa, yengeza inkantolo. Akukacaci okwamanje ukuthi ukudingiswa kuzokwenzeka nini. Isigwebo sikaKosiah sifaka phakathi izinsuku eziyizi-2 413, noma cishe iminyaka eyisithupha nengxenye, asevele egcinwe ejele ngaphambi kokuqulwa kwecala, kukhombisa amaphepha asenkantolo.
Konke lokhu okwenzekile kukhombisa ngokusobala ukuthi icala kaliboli futhi kuyindlela yamazwe asentshonalanga ukulekelela amazwe ase-Afrika ukujezisa abenzi bobubi ngezikhathi zezimpi kwamanye amazwe alelizwekazi. Iqiniso ngukuthi abenzi bobubi bavame ukubaleka emazweni asentshonalanga izinto uma seziqala ukuba nzima emazweni abo ngenxa yokufunwa ingalo yomthetho, kepha kwezinye izikhathi abenzi bobubi amazwe abo ayabasaba okwenza kube nzima ngisho ukubathwesa icala.