Now Reading
Abadlali bakuleli bangabanqobi kweleziKoshi emaqenjini abawadlalelayo
Dark Light

Abadlali bakuleli bangabanqobi kweleziKoshi emaqenjini abawadlalelayo

Abadlali bakuleli ababili abagijima eqenjini leBanyana Banyana uJanine van Wyk no-Ode Fulutudilu, bajoyine uBongani “Ben 10” Zungu ekutheni banqobe iligi yaseScotland.
UZungu unqobe iligi yabesilisa neRangers F.C eqeqeshwa uSteven Gerrard. Kanti uJanine no-Ode abangabadlali beBanyana Banyana bayinqobe neGlascow City.

IGlascow City ithathe iligi emva kokuthi ihlule izimbangi zayo ezinkulu iRangers FC, lo mdlalo uphele ngamabili eqandeni. Lo mdlalo ububanjelwe eBroadwood Stadium, amagoli avalelwe phakathi uHayley Lauder noNiamh Farrelly lokho kuqinisekise ukuthi iGlascow City iyithatha okwe-14 iligi. UJanine ukwaze ukuthi awuqale awuqede wonke umdlalo.

UJanine emva kokunqoba iligi nezakhe uthe uswele amazwi angawaphimisa ngendlela azizwa ngakhona. Yize iGlascow City ithathe le ligi okwe-14 kulandelana kodwa kuyena bekungokokuqala ngqa enqoba isicoco egijima phesheya kwezilwandle.

“Kuyangijabulisa kakhulu ukudlalela iqembu elinomlando omuhle kangaka. Ngiyakuqonda ukuthi isinqobe iligi amahlandla amaningi kulandelana , kodwa okungijabulisayo ukuthi kule sizini ngibe abanye abasize leli qembu ekutheni liyinqobe” kusho uJanine.
Eqhuba uthe: “Kube isikhathi esinzima kakhulu njengoba siphila ngaphansi kokulandela imigomo yokhuvethe, umuntu ubejima ngayedwana. Ngithe ngifika ngabe ngilimala kanzima edolweni, umzuliswano wokuqala wesizini ungiphuthelile ngaqala ukudlala ngesiwombe sesibili. Besinengcindezi enkulu ngoba besilandela ngemumva iRangers okuyiyo ebizihola phambili” kuchaza uJanine.

IGlascow City ikwaze ukuba namaphuzu angama-56 ilandelwa iCeltic yona ebe namaphuzu angama-53, kodwa womabili la maqembu azokwazi ukuthi adlale umqhudelwano omkhulu i-UEFA Champions League ngesizini ezayo.

Omunye umdlali ozokwazi ukudlala umqhudelwano i-UEFA Champions League odabuka lapha eNingizimu Africa uRefiloe Jane, yena odlalela iqembu lase-Italy i-AC Milan elale isibili emva kweJuventus.
“Sibuye ngamandla kakhulu esiwombeni sesibili sesizini, sinabadlali abasha abebefikile ukuzoqinisa iqembu kancane. Ngiyidlalile imidlalo eminingi ngakho-ke ngiyajabula ukuthi ngibambe iqhaza elikhulu ekuthi sinqobe iligi. Iyamangaza indlela okwenzeka ngayo, ngithola imiyalezo ehlukahlukene ezinkundleni zokuxhumana ingibongela kanye nozakwethu u-Ode. Ngijabule kakhulu ukunqoba okuyona into engihlezi ngiyifisa. Ngibonga uNkunkulu ukuthi ngikwazile ukunqoba iligi” kusho uJanine.

See Also

UJanine unqoba indondo yegolide okokuqala nje u-Ode yena ubenqoba eyesibili, ngesizini edlule unqobe iligi ne-Aland United okuyiqembu laseFinland.
“Ngijabule kakhulu ukuthi nginqobe iligi lokho kusho ukuthi iCV yami izothi ukuqina manje. Okungichazayo ukuthi ngizokwazi ukudlala umqhudelwano i-UEFA Champions League” usho kanje.

Lo mdlali uneqembu eliyibamba kuNational League lapha eNingizimu Afrika elibizwa ngokuthi iJVW F.C. Usemlandweni wokuba ngukaputeni wokuqala wokuhola iqembu lesizwe ekutheni liyodlala iNdebe YoMhlaba eyabe ingonyaka wezi-2019 eFrance. Usedlale imidlalo engaphezulu kweli-150 eqenjini lesizwe.

Scroll To Top