Now Reading
Ukushaywa kwemithetho: Ngabe abantu baphakelwa osekuphekiwe noma baba yingxenye yokuqala ukupheka?
Dark Light

Ukushaywa kwemithetho: Ngabe abantu baphakelwa osekuphekiwe noma baba yingxenye yokuqala ukupheka?

NgoMsombuluku esiphuma kuwo ohlelweni ‘Hlaziya Ipolitiki Ngolimi Lwakho’ sikhulume ngesihloko esimqoka. Lapha besikhuluma ngobungozi bokuyekelela osopolitiki ukuba balibuse ngaphandle kokweluswa. Emveni kohlelo iningi labalaleli liphawulile ngalokho. Ingxenye enkulu yabo ibilahla ithemba ngosopolitiki nepolitiki yakuleli. Isikhalo sithi; ‘osopolitiki bethu kabalaleli muntu’ bazi ukuthi yibo bodwa abaziyo nabangenza.

Ngikholwa wukuthi lo muzwa unabo ubufakazi. Kule minyaka izwe libuswa ngenqubo yedemokhrasi kukhona okungaguqukiyo; nanamuhla osopolitiki ngezinhlangano zabo abakenzi okufanele ukwenza imiphakathi (hhayi abavoti kuphela) ukuba ibe yingxenye yokushaywa kwemithetho kanjalo nokuyelusa. Akugcini lapho ngoba nezinhlelo ezinqala zisaba wumkhusu wamaqembu, okungaba zinhlaka zeqembu njengemagatsha noma amakhokhasi.

Uma uya nje ePhalamende, eZishayamthetho noma lapha komasipala uyabuthola ubufakazi bokuthi abantu abamele amaqembu kabavamile ukuthathisela kwabanye abantu kunalokho bama kunqubomgomo yeqembu. Ungebasole bonke ngoba kuleli okwamanje ePhalamende naseZishayamthetho kasivoteli bona laba abasimele kepha sivotela iqembu bese kuba yilo elisinika amagama abantu. Uma lisinike abenza kahle kuba kuhle kepha nxa lisinike imihlola nakhona kuyabonakala.

Uzothi omunye sithi osopolitiki bazenzela bodwa nje sikhuluma iphutha ngoba bayaba nalokhu okuthiwa yizimbizo noma njengoba kwenzeka KwaZulu-Natal babe nohlelo lokuyisa iSishayamthetho kubantu. Esimweni esejwayelekile lolo wuhlelo olumqoka kakhulu nolunesifiso esibalulekile sokuba abantu babe yingxenye yokubuswa kwabo. Nembala bayaya abaholi, sekusuke nje kwaphazamisa nalu ukhuvethe kepha esimweni esejwayelekile ubona sekuphithizela endaweni ame amatende bekhona nabantu.

Indaba isekuphenduleni imibuzo nje embalwa. Owokuqala wukwehlukanisa phakathi kokuyisa into esiphekiwe kubantu kanye nokuqala phansi upheke nabo abantu lokho okungagcina njengomthetho. Ngamafuphi umbuzo uthi nxa iSishayamthetho noma iPhalamende liya kubantu basuke beyoqala nabo yini noma beyokwethula abakupheke bona ezindlini zeSishayamthetho?

Lo mbuzo kanjalo nezimpendulo zawo umqoka. Kuwo kuvela ukuxhumana phakathi kwabashaya umthetho namahhovisi abo akhona ngokusemthethweni nemiphakathi abasebenza nabahlala kuyo. ENingizimu Afrika amalungu aseSishayamthetho anikwa imali yokuqhuba imisebenzi yawo emphakathini kusebenza amahhovisi esizinda. Esimweni esejwayelekule kumele kube yila mahhovisi enza osuke esebenza kulo akwazi ukuthathisela, ukubika nokwazi izindaba ezithinta lowo mphakathi.

Ngokuphawula kwabalaleli bohlelo kanye nabafundi belaboHlanga kuvela ukuthi abanye, okuliningi, kabazi ngisho nangawo la mahhovisi. Uma lokhu kuliqiniso, umbuzo olandelayo ngothi pho laba abashaya imithetho bathathiselaphi? Lezi zindawo lapho kunodlame abantu befuna izidingo ngobani abazimele ePhalamende naseSishayamthetho? Bathini uma kunje ? Khona bayazi yini ukuthi kusukwe kubangwani?

Udaba oluthinta umhlaba
Ngifisa ukuphetha ngodaba olungikhathazayo nolukhomba khona lokhu engikubalula ngenhla. Lolu wudaba oluthinta ukuchitshiyelwa koMthethosisekelo ukuze kuguqulwe imithetho ephathelene nomhlaba kuleli.

See Also

Yingane kuphela engazi ukuthi umhlaba wabe ungumongo walokho okwasiqhatha nabacindezeli. Kwakunjalo ngoba umhlaba kithi uyikho konke, ungumama, ungubaba, uyindawo yokufihla ikhanda, uyinsimu yokukhiqiza ukudla, ungamadlela kanti khona lapho yilapho uma sesiya kweleZinyandezulu siphumula khona, amathambo ethu alondolozwe khona. Lokhu nje kukodwa kukhomba ubumqoka benhlabathi kithi. Namuhla lolu daba olumqoka kangaka ngakho belu ngoba ikhona ingozi yokuthi abathunywa bethu bagcine sebepheke konke bengathathiseli kithi. Uzothi omunye ingani bakwenza ukuba sibe nezithangami lapho abantu babephawula khona.

Nalapha indaba ikulokhu esikubuze ngenhla; kwakuziwa kithi nje kuzoqalwa noma kuzofunwa isigxivizo sento okwabe sekuvunyelwene ngayo? Khona lokhu okuthiwa (emuva kokuphawula kwabantu) sebephikisana ngakho kuseyikho yini lokho okwabe kuyiva kwaboHlanga noma sekungokwabo nje ukukhuluma?

Okunye okumqoka okumele sikubheke edabeni lokuba yingxenye yokushaywa nokweluswa kwemithetho yezwe, ngulwazi lwezakhamizi ngokushaywa kanjalo nokweluswa kwemithetho.
Bayazi yini abantu ukuthi kuze kube sekufika isikhathi sokushaywa kwemithetho kusuke kusukwaphi? Mhlawumbe lolu ngudaba lwangelinye ilanga nesidingayo ukuba silubheke ngelibanzi.

Scroll To Top