Ukukhula kukhilikithi ukwethula kobengumqeqeshi wakhe



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuyinto engajwayelekile ukuthi umuntu ethi kade ephansi bese kuthi uma esephezulu angakhohlwa ukutusa abantu noma umuntu obe lusizo ekutheni yena afinyelele esicongweni. Intokazi esencane edlala ikhilikithi ituse umqeqeshi wayo owayiqeqesha iqala ukudlala lo mdlalo.
UNondumiso Shangase (25) ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga ubonge uSandile Chiliza ongumphathi aphinde abe ngumqeqeshi weLindelani Cricket Club.
“Uma kungakhulunywa iqiniso angazi nokuthi ngingaqala ngamaphi amazwi okubonga umqeqeshi (uSandile). Ulime indima enkulu ekuthenini ngibe lapha engikhona namhlanje. Namanje noma ngingasadlali eqenjini iLindelani Cricket Club kodwa sisakhuluma naye, isakhona indima ayiklamayo ekutheni ngiqhubeke nokuveza ithalente lami,” usho kanje uNondumiso.
Le ntokazi ithi uthando lwalo mdlalo yalufakwa ngumalume wayo owayehlezi ehamba nayo uma eya enkundleni. Ibe isizifaka kuwona ngonyaka wezi-2013.
Ifunde ezikoleni eziseNanda eMatikwe, eThando Public Primary School naseSithabile Secondary School.
Ngaphandle kokuthi ibonge uChiliza iphinde yabonga uNonkululeko Mlaba naye okhiqizwe iLindelani Cricket Club, okuyimanje ugijima eqenjini lesizwe labesifazane lekhilikithi iMomentum Proteas.
“Ukuthi ngibe noNonkululeko eduze kwami ikakhulukazi eqenjini lesizwe ngikuthatha njengento eyisibusiso kakhulu. Ngimuthatha njengodadewethu, mina naye sikwazi ukuthi sikhulume yonke into njengabantu bandawonye. Uyakwazi ukuthi angikhuthaze uma ngingekho sesimweni esihle ngaphandle nangaphakathi kwenkundla. Okuhle ukuthi nami ngiyakwenza kuyena lokho, sihlezi sesekana,” kusho uNondumiso.
Uqale ukudlalela iqembu lesizwe emidlalweni ye-One Day International (ODI) ngoMfumfu wangowezi-2019 lapho iMomentum Proteas yayibhekene ne-India, kanti emidlaweni yeT20 International waqala ngoNhlaba wangowezi-2019 lapho elakuleli lalitholene phezulu nePakistan. Ngonyaka odlule ube seqenjini lesizwe elidlale iNdebe YoMhlaba ebise-Australia, elakuleli lenza kahle kakhulu njengoba laphuma kowandulela owamanqamu lihlulwa osokhaya.
Kuyimanje useqenjini leHollywoobets KZN Women’s. NgoNdasa nonyaka ubesesikwatini esibizwa ngeSouth Africa Emerging Women’s ebesihambele eBangladesh.
Uthe umdlali azifela ngaye uLaura Wolvaardt naye oyibamba eqenjini iMomentum Proteas. Omunye athe uhlezi emugqugquzela umqeqeshi wakhe uDinesha Dervanrain.
Isonga le ntokazi, ithe isifiso sayo ukuthi ibalwe kubadlali abali-10 abavelele emhlabeni kukhilikithi iphinde inqobe iNdebe YoMhlaba neqembu lesizwe.
Abanye abadlali abakhiqizwe iLindelani Cricket Club u-Asamkele Gawu noNobuhle Busane abangabesifazane asebekwaze ukuthi bamele isifundazwe iKwaZulu-Natal.
Kanti omunye ikusasa lakhe elibukeka liqhakazile u-Andile Mahaqane owamela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni iNdebe YoMhlaba eyabe iseNew Zealand ngokubambisana ne-England.
UCaluza ekhuluma nelaboHlanga emasontweni edlule wathi iyamujabulisa indlela lezi zintokazi ezesekana ngayo uma ziseqenjini lesizwe. Waphinde washo ukuthi uhlezi exhumana nazo ezifundisa kokunye kwazise uzazi zingakacabangi ukuthi zoke zigqoke umfaniswano weqembu lesizwe.