Umkhalambazo uyalekelela ekuzivikeleni kwabesifazane



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sikhulu isikhalo sokungaxhaswa kwalo mdlalo obamba iqhaza elikhulu ekulweni nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane emiphakathini
Indaba yokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane iwudaba olukhulunywa nsuku zaphuma, kanti abanye baze babulawe ngenxa yokuthi abakwazi ukuzivikela.
ElaboHlanga lixoxisane noShihan uSihle Nojiyeza Nyanda, nothe bazivulile izandla ekutheni bangasiza kakhulukazi abesifazane ukuze bakwazi ukuzivikela.
Lo makadebona kumkhalambazo waseThekwini ushaya ikhwela kuHulumeni ukuthi avumele abazi kabanzi lo mdlalo ukuba baqeqeshe abesifazane ukuze bezokwazi ukuzivikela ekuhlukunyezweni.
UNojiyeza Nyanda oneminyaka yobudala engama-53 weShoman Academy elwa isitayela seKyokushinkai, uthi ukholwa ukuthi ulwazi abangalwedlulisa kwabesifazane abancane nabadala lungasiza ekulweni nezigilamkhuba ezihlalise lubhojozi isifazane kuzwelonke.
“Singamakarateka ngikholwa ukuthi singalekelela ekulweni nalesi sihlava sokuhlukunyezwa kwabesimame ezweni. Singabacebisa ngamaqhinga okuzivikela uma behlaselwa. Ayikho imali abazoyikhokha uma uHulumeni engasinika amahholo, sibacobelele ngamaqhinga. Kungaba kuhle uma singanikwa izimpelasonto okuyisikhathi iningi labantu elisuke liphumule ngaso. Akukhathaleki noma ulwa kusiphi isitayela sekarati, inqobo nje uma kuhlomula owesifazane,” kubeka uNojiyeza Nyanda owafuqa umkhalambazo ezikoleni esenguthisha eVukuzakhe High, eMlaza eminyakeni engaphezulu kwamashumi amabili eyedlule.
Uthe kumuphatha kabuhlungu ukuthi lo mdlalo awunakwa ekubeni emazweni aphesheya kwezilwandle bekholelwa ukuthi i-Afrika iphethe ompetha balo mdlalo. Utshele elaboHlanga ukuthi ukuqala ukuzibandakanya nalo mdlalo kwaba umhla zintathu kuNdasa wangonyaka we-1978.
Ngonyaka wezi-2014 uNojiyeza Nyanda waphakamisa i-Afrika emqhudelwaneni oba njalo emva kweminyaka emine ohlelwa abe-International Karate Organisation (IKO), obanjelwa eJapan okuyilapho okwasungulwa khona lo mdlalo. Emdlalweni wamanqamu wayetholene nebhungu laseRussia, walibeka phansi waba esethola igama elithi “African Lion”.
Ebuzwa ukuthi ubona kuyini isixazululo ukuthi lo mdlalo uthuthuke, uthe: “UHulumeni ukuthi usilekele ekutheni sifake lo mdlalo ezikoleni, lapho okwenzeka khona izinto zibe lula. Uma ngingakwenzela isibonelo nje, abadlali bakanobhutshuzwayo engibala uSiyabonga Nomvethe, uVuma Mfeka, uJoel Faya nabanye abaningi amakhono abo agqama bedlalela izikole.”
Uthe kumuphatha kabuhlungu ukuthi bayangena bayaphuma abaphathi boMnyango Wezemidlalo kodwa akukho abakwenzayo ukuthuthukisa lo mdlalo. Ubuye wathi lokho ikhona okwenza abantu abaningi babuke umuntu othi udlala lo mdlalo engathi “akasile ekhanda” kwazise kunzima ukuphumelela kuwona.
UShihan uNojiyeza Nyanda ogabe ngamabhande amnyama ayisithupha nozungeze umhlaba ngenxa yalo mdlalo, uqhube wathi abaningi abawuqondi umkhalambazo ukuthi umqoka ekuthuthukiseni impilo yomuntu.
Igama elithi Shihan ulithole ngokwezinga akulo kulo mdlalo.
Ugcizelele nokuthi ufundisa inhlonipho nokucijeka kwamakhono okuhola abantu emphakathini nakweminye imikhakha.
“Kubantu abayisibonelo ngingabala uThabani Mdlalose oyiMeya yaseMandeni onamabhande amathathu amnyama, uThanda Ndlovu obengumsakazi wezemidlalo ku-Ukhozi FM, uRicardo Mthembu ongasekho owayeyiMeya yaKwaDukuza, uSensei Sifiso Msomi oyiHOD eSipingo High School, uSipho Nzimande onguRector eGamalakhe TVET, uMoses Mchunu oyiMantshi eMnambithi, uShihan Happy Gumede oseMnyangweni Wezemfundo eMgungundlovu, uMnu uMpanza onguthishanhloko waseSomshoko High noConred Magwaza owayelingisa indawo kaSenzangakhona emdlalweni uShaka Zulu. Abantu ngiyafisa ukuthi bawuthande lo mdlalo, ufundisana kakhulukazi indlela yokuziphatha,” usho kanje.
Njengawo wonke umuntu, naye ukhale ngokhuvethe oluphazamise ikhalenda lenkulisa yakhe enamagatsha ezindaweni eziningi kuleli nasemazweni afana neLesotho, iMozambique, iBotswana, iZimbabwe namanye.
Uthe bekumele ayosebenza ekhaya lakhe lesibili eJapan adlulele eRomania naseHaiti kodwa ukhuvethe lwavimba konke lokho.
Ukubekezela kwakhe kwenze wahlonishwa inhlangano ephethe umkhalambazo umhlaba wonke i-IKO emcimbini owawuseTokyo, eJapan. I-IKO yasungulwa uSensei Masuti Oyama ongasekho owayishiya kundodakazi uKuristina.
UShihan uNojiyeza Nyanda waphinde wagixabezwa ngesikhundla sokuba uSihlalo nomgqugquzeli we-IKO e-Afrika. Uphinde abe yilungu le-International Karate Board (IKB).
Ngaphandle koxhaxha lwemiklomelo ayizuzile egcwele igumbi lokuphumula kwakhe eNyoni, eNanda, ugabe nangesitifiketi seHonorary Doctorate asizuze e-University of Theology Impact, e-USA. Lezi ziqu zigxile ezifundweni zeMinistry nakuCommunity Development.
Ekhuluma ngesifiso sakhe esikhulu uthe, njengoba esesigungwini se-IKB uyafisa ukuba anxenxe ukuthi kuze umqhudelwano omkhulu wamazwe ozosingathelwa lapha eNingizimu Afrika.