Now Reading
INgonyama uNyangayezizwe ibeka uMelamani wayo oyiNkosana yayo
Dark Light

INgonyama uNyangayezizwe ibeka uMelamani wayo oyiNkosana yayo

INgonyama uNyangayezizwe yabona kungcono ukuba ibhalise eMantshini yakwaNongoma uMelamani wayo, kuthamunda uMnu uMthenjana:

“Ngaphambi kokuba ikhothame iNgonyama uBhusha, yayisiwulungisile umuzi wayo, yababeka ngezindlu zabo bonke eyayithande ukubabeka. UMntwana uMphengulajozi waba nguMelamani wayo wesithathu. Kayibekanga muntu ngalena oSuthu. Umzala uMntwana uMadalambana owayeganwe nguNdlunkulu uKaMasondo eyayimkhonze kakhulu iNgonyama, imvakashela njalo oSuthu. Nguyena ongomunye waBantwana ababengakuyo ngenkathi kusuka umbango phakathi kwayo noMntwana uThandayiphi. Nguyena-ke okwathiwa akabheke oSuthu. Kwathi ngemuva kokuba iNgonyama isiwabile umuzi wayo, mina yangivusa ekuseni ngakusasa, yathi kangihambe ngiyobiza uMntwana omkhulu uMcwayizeni, ngifike ngimtshele ukuthi akagqoke kahle, abeseza kuyo. Angibuze uMntwana omkhulu ukuthi kwenzenjani. Ngithi angazi nami. Abuze ukuthi iyahamba yini iNgonyama? Ngilandule, kepha ngigcizelele ukuthi iSilo sithe akagqoke kahle. Ngibuyele ekhaya KwaKhetha.

Afike-ke uMntwanomkhulu emuva kwami, ayohlala lena ngezansi lapho ayejwayele ukufikela khona, kwamama. Kosiwe inyama kudliwe. INgonyama bese ithi angilethe imoto ngaphambili. INgonyama yangitshela ngayizolo ntambama ngalelo langa lohambo, sasiphuma kwaDumisa. Yathi kimi; “Kunengozi lapha engibona ukuthi ingavela uma ngingayigwemi manje. Ngibona kangiyibhalisile inkosana yami eMantshini, ngakho-ke izohlupha le nto, ngoba ngeke umethembe umuntu. Kungahle kusuke umbango ongawazi uma ngingasekho, engibatshelile ngayo inkosana yami bakuphike konke lokhu engabatshela khona ngisaphila.”

Ngaphendula ngathi: “ISilo sicabanga kahle impela kungcono uyoyibhalisa inkosana yakho, Silo.” Sathi iSilo: “Hhayi ngiyovuka ekuseni, ngiyoyibhalisa, kodwa ungatsheli muntu ngaleyo nhloso yami.”

Nanxa iNgonyama yangithuma kuMntwanomkhulu ngafike ngamtshela nje kuphela ukuthi kuthiwe akagqoke kahle, kepha ngangamtshela ukuthi kuyiwaphi. NoMntwana uHellen engamtshela ukuthi iNgonyama ithi izohamba naye, naye angikaze ngimtshele ukuthi kuyiwaphi. ABantwana uGretta noKhelina babekhona mhla kuhanjwa, kepha angikaze ngiyithi vu kubo eyohambo. Kwathi uma iSilo sishaya insimbi, ngangena lapho kwakuhlezi khona uMntwanomkhulu ngathi: “Ndabezitha ngiyabona iSilo sifuna wena.” 

UMntwana uHellen nguyena owayesondele kakhulu eSilweni, ngangokuthi wawungaze uthi nguyena owakwabo impela uma ufika kuhleziwe. UMntwana uHellen wayelokhu ebuzile ukuthi: “Yini? Kwenzenjani, kuze kuthiwa kasigqoke kahle?” Abuye athi kimi: “Uzwe kahle nje? Singahamba kanjani singaphethe izimpahla?”

Ngiphendule ngithi: “Mina kangazi noma siya eNhlwathini, nokuthi uma sihamba manje sizobuya nini. Kangazi.” Ngoba babedlela ngalena egunjini lokuphumula, baqhamuke, bese singena emotweni, mina uMntwanomkhulu kanye noMntwana uHellen. 

Kwathi lapho sikhuphukela kwaNongoma, yase iyabatshela iNgonyama ithi: “Chabo, nina boNdaba, sengibona ukuthi singaze sifike kobelungu ningazi ukuthi siyaphi. Ngibuka ukuthi ukugula kwami kucishe kwangizuma obekuzokwenza ukuba kusale kubanga izingane zami. Futhi ngibona noMduduzi omalume bakhe sebelokhu bemletha njalo lapha, kanti nangu noNdlunkulu uMaZungu usezele izikhweqe zamadoda amabili. Ngisola ukuthi kungahle kube khona ukungahambi kahle uma ngingashiya ngingalungisanga lutho. Ngoba noMaZungu usengahle athi, nami yimi. Ngifuna ukuyobhalisa uZwelithini eMantshini namhlanje.” ABantwana bakhuleke bonke bathi: “Bayethe!” ISilo sibatshela konke lokhu nje, imoto iyakhuphuka njalo, ibheke kwaNongoma eMantshini.

See Also

Kwathi lapho sifika enhlukanweni yomgwaqo obheke kwaHlabisa, uMntwanomkhulu athi kimi: “Ukugcine konke lokhu okukhulunywa ngakho lapha.” INgonyama imbuze ukuthi ngifike ngathini kuye? Aphendule athi: “Ufike wathi iNgonyama ithi kangigqoke kahle.” Ibisithi yona iNgonyama “Yikho lokho-ke okubanga ukuba ngikhulume ekhona ngoba ngiyazi ukuthi ngeke atshele muntu.”

Safika kwaNongoma uKhanyi esesilindile iSilo. Wasithatha wasingenisa ngaphakathi naBantwana. Bese mina ngisalela emuva ngoba ngesaba ukungena neSilo eHhovisi likaMantshi. Iphenduke ingibheke iNgonyama, bese ibuza ukuthi ngisalelani. Ngikhuleke, ngibalandela ngemuva, ngingene nami. IMantshi u-Otty yona yayazi ukuthi iSilo naBantwana bazokwenzani. Kuthi uma ibona mina ngibalandela ithi: “Iyaphi-ke le ngane?”

Imphendule iNgonyama ithi: “Ngufakazi wami lona.” Ibe isithi iMantshi kulungile. Bese nami ngihlala phansi. Phela ngangingalingi ngihlale esitulweni ngaphambi kweSilo. Ngisho ngabe iNgonyama ihlangene nabelungu, mina ngangifike ngizihlalele phansi lapha eduze kwesihlalo seNgonyama.

Ithi-ke iMantshi uZulomhlophe angikhombe esitulweni. Mina ngithi: “Awu! Angikaze ngihlale neSilo esihlalweni.” INgonyama bese ilubeka lonke udaba eze ngalo. Kuthi uma isiqedile ithi: “Ngofakazi bami-ke laba enginabo lapha namuhla. Yibona asebeyokwazi ukuthi uma sengihambile, basho ukuthi iNgonyama yambeka uMntwana uZwelithini.” Kwase kuthiwa kasisayine, sasayina sonke.

Scroll To Top