Kuyathokozisa ukubona amaqembu aseKZN ephezulu kumalogi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Bafanelwe ukunconywa kakhulu abaqeqeshi bala maqembu abafike baguqula izinto kwabuya nethemba kubalandeli bawo
Kunenkulumo ejwayelekile ethi isifundazwe iKwaZulu-Natal siphethe inqwaba yabadlali bakanobhutshuzwayo abanekhono eliyisimanga.
Le nkulumo ihlezi ishiwo abahlaziyi bakanobhutshuzwayo, izinkakha kanye nabaqeqeshi abaningi abahlonishwayo.
Yize iyiqiniso, kodwa eminyakeni edlule lokhu bekubukeka sengathi akulona iqiniso. Okwenza ngisho lokho ukuthi amaqembu akulesi sifundazwe abengenzi neze kahle kuligi.
Isizini nesizini abathandi bakanobhutshuzwayo bakulesi sifundazwe bebehlala ngesinqe esisodwa uma isizosongwa ngenxa yokuthi bekuba neqembu laKwaZulu-Natal ebelibalwa nalwela ukuvika izembe.
Ngesizini edlule AmaZulu FC asinda ngokulambisa, anqoba imidlalo yawo yokugcina agcina elele endaweni ye-13.
Kodwa okwenziwa amaqembu akulesi sifundazwe muva nje okuyi-AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows kuyajabulisa kakhulu. Iqiniso ukuthi abalandeli bala maqembu bayafisa engabe bakhona ezinkundleni ukubona amaqembu abo enza kahle.
I-Arrows ihlezi endaweni yesibili kulogi, inamaphuzu angama-37 emva kwemidlalo engama-21. USuthu lukweyesithathu ngamaphuzu angama-37 emidlalweni engama-21.
Umqeqeshi we-Arrows uMandla Ncikazi udinga ukushayelwa ihlombe ngendlela adlalisa ngayo Abafana Bes’thende.
Leli qembu laseLamontville libuyisa isitayela sakudala sokudlala ibhola elinomjiko futhi lidlalise abafana abancane. Kufuze engabe uRocky Madlala (ongasekho) lapho akhona uyaziqheya uma ebona iqembu labo lenza ezibukwayo kanje.
Kubadlali baleli qembu abasebancane kukhona uNkosinathi Sibisi ohola leli qembu ngobunono njengoba engukaputeni walo. Okubuhlungu nje ukuthi kungenzeka alishiye leli qembu njengoba iMamelodi Sundowns imfuna uthuli.
USifiso Mulungwana ongunozinti naye mncane kodwa wenza kahle kakhulu, ingakho eze abizwa eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-23. UThabani Zuke obedlala eqenjini elincane, uSiboniso Chonco, uBrandon Parasnath noPule Mmodi osuka kuThongathi FC.
Kunabadlali abafana noNtsako Makhubela noLindokuhle Mtshali abalibamba engathi uLucky “Y2K” Sibeko owayelibamba kuchwaze izihlwele.
UNcikazi ngiyambongela kakhulu ngifisa engathi kungathi uma kusongwa isizini abalwe nabaqeqeshi ababanga umklomelo womqeqeshi ovelele. Leli qembu eliphethwe uMato Madlala, ngifisa engathi lingabalwa namane aphezulu uma kusongwa iligi.
Ngasohlangothini loSuthu, nakulona kuyajabulisa kakhulu indlela olwenza ngayo.
Umphathi walo uSandile Zungu wenza kahle kakhulu ukuthi athenge inqwaba yabadlali abanamava nabancane abanekhono.
Kulabo badlali kubalwa uLimbikani Mzava, uSiphelele Mthembu, u-Augustine Mulenga, uMakhehleni Makhaula, uXola Mlambo noSamkelo Mgwazela.
La badlali bafike benza omkhulu umehluko babamba iqhaza elimqoka ekutheni uSuthu lwenze kahle.
Ngaphandle kwalaba badlali okudinga kakhulu ukunconywa ukubambisana kukaBenni McCarthy ongumqeqeshi kanye nethimba lakhe.
UMcCarthy indlela enza ngayo ikhombisa ukukhula endimeni yokuqeqesha, kwazise iqembu lesibili leli aliqeqeshayo elokuqala okwaba yiCape Town City.
Njengoba uSuthu luhlezi endaweni yesithathu nje lwagcina ukuba kule ndawo ngonyaka we-1993 lapho laliqeqeshwa uClive Barker.
NgeSonto lwehlule iBlack Leopards ngegoli elilodwa eqandeni, lokho okwenze laba iqembu lokuqala kule sizini ukunqoba imidlalo emihlanu kulandelana.
Ngaphambi kokwehlula iLeopards luguqise iTshakhuma, iChippa United, iSuperSport United neKazier Chiefs.
Emidlaweni eli-10 yeligi induku aluyazi, lwehlulwe ngegoli elilodwa iLeopards koweNedbank Cup.
Naye uMcCarthy bengingamjabulela uma ubengabalwa nababaqeshi bonyaka kule sizini.
Futhi indlela asevuthwe ngayo uMcCarthy, ngiyambona engaba isixazululo eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
Unamava okuqeqesha nokudlala phesheya kwezilwandle njengoba anqoba nomqhudelwano omkhulu emhlabeni i-UEFA Champions League.
Kule sizini abathandi bakanobhutshuzwayo ngeke bazithole behlezi ngesinqe esisodwa, iMaritburg United yize ihlezi endaweni ye-13 kodwa indlela edlala ngayo muva nje inika ithemba lokuthi ngeke ilwele ukuvika izembe. NakuGladAfrica Championship amaqembu akulesi sifundazwe awazibekile phansi njengoba emabili asembangweni wokwenyukela phezulu okuyiRichards Bay FC neRoyal AM.