Ubuhlakani bendalo busemqoka ebuholini nasekuholeni
Sekuwumlando ukuthi sasiyizigidi eziyishumi nambili, isibalo sabavota ngomhla lulunye kuLwezi wezi-2021,ngoMsombuluko, okhethweni loHulumeni Bendawo namakhansela azosebenza koMasipala eNingizimu Afrika.
Ngasibalula, ngokusiqobela phansi kusasele amasonto amahlanu ukuthi sasizoba sincane, ukwedlula esangokhetho lukaHulumeni Bendawo olwalumhla zintathu kuNcwaba wezi-2016. Iqiniso, babethe sasehle ngoba kwakunobusela, kwakunababengafundile.
Kwamenyezelwa emithonjeni yokusakaza, mhla zingama-28 kuMfumfu, nguMnu uMawethu Mosery, owathi elinye igama lakhe uMbuso,nongumphathiswa enhlanganweni ezimele neyengamele ukhetho, ukuthi sasiyizigidi ezingamashumi amabili nesithupha isibalo sababebhalisele ukuvota.
Abezinhlangano nabamaqembu epolitiki abangaphumelelanga njengokufisa kwabo, balinyazwe ukweswela inhlakanipho kaMdali, engawadingi amajazi eziqu zemfundo. Kubheda uhlelo phezu kwalamajazi eziqu zemfundo.
Ukuba kuningi kwezinhlangano namaqembu epolitiki kwatolikeka njengokuzinquma amaphiko e-ANC, ayezosilutha ngegama idemokhrasi, ayezofuna ukuphatha izwe. Kwakungekho okusha ayeza nakho ngaphandle kokuzozuza imali.
Limile iqiniso, akusekho lizwe elisaphethwe, elisabuswa ngaboHlanga. Kwagcina ngaboHlanga nangaMakhosi azozonke izinhlanga, ngenkathi yeNgonyama uCetshwayo kowe-1879 wempi yaseSandlwana.
Okunye kwakuwukungena kwemfundo nemali engokomqondo wabelungu. Kuze kube manje imfundo nemali ayikakabi ngokwase-Afrika ngenxa yokwesaba abelungu, yobugwala kwasebefundile kakhulu. Sangenza ngobu-Afrika njengoba kwenza abase-China naseJapan.
Balinyazwa ukweselwa ubuntu, unembeza, ukwethembeka nezimfundiso ezinhle zasemakhaya, isikompilo lobu-Afrika abalishalazelayo uma sebefundile.
Kwadalwa izinto ezincane abazizibayo, abazaziyo ikakhulukazi abe-ANC nezaziwa ngumphakathi. Ukuzibukela phansi izinto nokubukelana phansi kwabo bebodwa isikhathi eside bekuqala besemazweni angaphandle. Zaze zabaningi belokhu bechizela umphakathi kweve.
Eyokulumana bephephethana, eyokuchizelana, eyokungasizani ngeqiniso bebodwa, eyokukhohlisana nokuluthana, eyokubulalana isinyelela nokuzama ukubulalana. Kuze kugcina sebebulawa ngabantu abayisandla sesithathu ngenxa yemali,edunga abantu ezweni.
Zalinyazwa ukungezi emphakathi kusenesikhathi, kusekuhle namakhansela angezi ukuzochaza, uma ezinye izidingongqangi zingezukufinyelela emphakathini, zingezokwenzeka njengokuthembisa kwawo.
Ukungalandeli kwalawo makhansela, kwaba yizisebenzi nezikhulu zaleyo minyango, ukuqinisekisa ukuthi benza ngayo indlela elindeleke kubona emsebenzini. Kanti nalabo bantu, nalezo zisebenzi zinawo umthelela omubi emakhanseleni. Kufanele zibhekwe ngelinye iso nazo.
Ukuyalwa nokucebiswa ngabantu abathile ngoba bebathemba, befundile bebahlomekisa. Kuvetezwa ngesiNgisi bethi ukuze aphathe izwe nenhlangano, akagudluze iziphazamiso, abadlelana nezimo nabantu abathile. Kanti kuyamlimaza noma yimuphi umholi lokho.
Ingasaphathwa eyokusoleka kwalowo mengameli, kwalowo mholi ukuthi ulawula, ululekwa noma ulalela kakhulu abezinye izinhlanga nokuthi uzohlakaza inhlangano emfake lapho noma abantu abamkhethile. Konke kuyingozi uma engenayo inhlakanipho kaMdali, yize efundile.
Bese lowo mengameli, lowo mholi egudluza, noma ahlakaze izinhlaka nabantu acabanga ukuthi zizomphazamisa ekuphatheni inhlangano nezwe. Nokuzenza umuntu ongenachashazi, omsulwa kunowayengaphambi kwakho. Kanti wayedinga ukuba angabaphikisi isidana, ukubalela, angenzi konke ababemtshela kona.
Abantu, izisebenzi, abasezikhundleni ezehlukene abangamavila bengasebenzi noma sibengamavila singasebenzi ngendlela elindelekileyo, singazimiseli ngeqiniso emsebenzini.
Ukukhala komphakathi osemazingeni aphansi naphezulu empilo ngabantu abasezindaweni zemisebenzi elawulwa nguhulumeni.
Basukumele phezulu abahlonishwa bezinhlangano, bamaqembu abakuHulumeni beyozwa izikhalo zomphakathi kulezo zindawo usuku olulodwa qhwaba. Kube njalo sebezixhazululile izinkinga nezikhalo zomphakathi uma sebevele kuthelevishini.
Benze iphutha ngokungabuyeli kulezo zindawo ezazinezinkinga nezikhalo kathathu ngonyaka. Ize ixazululeke inkinga owawukhala ngayo umphakathi, weneliseke. Kwaba nomthelela ukuvela kwezindaba zokuntshontshwa kwemali nokunye okubi okwenzeka ngesikhathi sokhuvethe, phezu kobumsulwa obabucatshangwa, kube kufana. Singakhohlwa yindaba yomjovo wekhuvethe. Umphakathi wazibona kudlalwa ngawo, uzobulawa, usokoliswa, uncikiselwa, ngezimo nezinto uma ungenasitifiketi esiqinisekisa ukugomela ukhuvethe.
Ubuze umphakathi ukuthi bagula noma bafa kanjani abantu uma sebejoviwe, ngoba ubuzitshela ukuthi ngeke usaguliswa ezinye izifo, ngeke usafa uma usugomile. Ukwehluleka ukulawula, ukuhola izwe ngendlela, ukuntshontsha okwenzeka kufundiwe kuneziqu zemfundo, izinto zimapeketwane bekula mazinga emfundo.
Kubuya umbuzo obuhlungu wokuthi kuyiqiniso imfundo nemali abamhlophe baseNtshonalanga engokomqondo wabo, bayitshala, bayifundisa aboHlanga e-Afrika. Sebevele sebeyakhile imigogo yokubacupha noma sebethi bafundile noma sesithi sifundile sinemali.
Imfundo yenza balibala, sakhombana ngeminwe, kwagxekwana kugaqelwe amavoti nokuthandwa kodwa kungenziwe lutho, kungaqhamuki izisombululo eziyintuthuko.
Siyobona umphakathi unquma ukuduba, ungayi ukuyobuka nokungena kwezinye izindawo. Unquma ukungena ngendlov’yangena nangobuningi kwezinye izindawo, ungazifakile izifonyo ukuzwakalisa ukunengwa nokungagculiswa kwawo.

