Ziyoncintisana eNorth West ezaKwaZulu-Natal
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uyasuka uyahlala kusasa ngoMgqibelo umlenze wesibili weTelkom Netball League (TNL). Le ligi ingenkulu yamaqembu lapha eNingizimu Afrika.
Umlenze wokuqala wabe ubanjelwe ePitoli kusukela mhla zinhlanu kuya mhla zili-12 kuMandulo, njengoba kuzoqala umlenze wesibili nje kusasa wona uyoze usongwe mhla zili-17 kwephezulu eRusternburg.
ElaboHlanga likhulume noMengameli weNetball esifundazweni iKwaZulu-Natal uGugu Ngema, lesi sifundazwe sinamaqembu amabili ayibambe kulo mqhudelwano onezigaba ezimbili. Emaqenjini aKwaZulu-Natal kukhona iKingdom Stars egijima esigabeni esiphezulu, bese kuba khona iKingdom Queens yona edlala esigabeni esingaphansi.
“Lesi isikhathi esibalulekile kakhulu kula maqembu womabili. Ilapho okumele ngempela azibambe ziqine ngoba manje seziyela kumaliyethe” usho kanje uGugu. IKingdom Stars iyiqale kahle isizini njengoba kumlenze wokuqala inqobe imidlalo emithathu kweyisi-6 yabe isihlulwa kwemithathu. Lokho kuyenza ibe sendaweni yesine kumaqembu ayisi-6 inamaphuzu ayisi-6.
Esigabeni sokuqala iKingdom Stars iyibambe namaqembu okubalwa iStings yaseWestern Cape, iGolden Fireballs neJaguars baseGauteng, iFlames yaseNorth West neCrinums yona yaseFree State.
“IKingdom Stars isiqale kahle isiwombe sokuqala seligi, ngiyafisa ukuthi iqhubeke nokwenza kahle. Kongijabulisa ukubona leli qembu lidlala imidlalo eyandulela eyamanqamu, linqobe lifike kowamanqamu. Njengoba bematasa nje abadlali nabaqeqeshi bezilungiselela ngifisa kuhlale emakhanda ukuthi babhekene nokuthi bazifake kumlando wokuthi badlale okokuqala kowandulela owamanqamu. Engikufisayo ukuthi babheke imidlalo abahlulwe kuyona, besebenzele emaphutheni abawenzile,” usho kanje.
IKingdom Stars umlando uveza ukuthi ngonyaka wezi-2014 okwaba ukuqala kwayo le ligi yaqeda endaweni yesi-7, ngowezi-2015 kweyesi-6, ngowezi-2016 kweyesi-5, ngowezi-2017 kunombolo-6 nangowezi-2018 yaba kwefanayo, ngowezi-2019 yaba kweyesihlanu nyakenye ilale endaweni yesi-6.
“IKingdom Queens ayidlalanga neze kahle kumlenze wokuqala leyonto ayiyinhle neze njengoba kuyimanje nje ihlezi emsileni. Konke lokho ngifisa kushintshe, inqobe yonke imidlalo ezoyidlala kusukela kule mpelasonto. Ngifuna womabili amaqembu aqede endaweni enhle uma kusongwa isizini” kusho uMengameli.
IKingdom Queens yona ibanga ne-Aloes yase-Eastern Cape, iTornados yaseWestern Cape, iSunbird yaseMpumalanga, iDiamonds yaseMpumalanga, iBaobas yaseLimpompo neComets yase-Eastern Cape.
UMengameli uthe isifiso sakhe ukuthi sibe siningi isibalo sabadlali abazomela iNingizimu Afrika kumqhudelwano iNdebe YoMhlaba abadabuka kulesi sifundazwe. INdebe YoMhlaba isemome manje njengoba izokuba ngonyaka wezi-2023 eCape Town.
Kuzo ezithinta umdlalo womnqakiswano kuleli intokazi uBongiwe Msomi odabuka khona KwaZulu-Natal uqokwe njengenxusa elimele i-Afrika emazweni omhlaba.