Now Reading
Zitholana phezulu ngeSonto ezaseSoweto
Dark Light

Zitholana phezulu ngeSonto ezaseSoweto

nguSabelo Maphumulo

Umdlalo owaziwa nge“Soweto Derby” lapho kusuke kutholene phezulu iKazier Chiefs ne-Orlando Pirates ungeminye yemikhulu kungekhona eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni wonke jikelele.

Iningi labadlali abagijima kuligi yakuleli iDStv Premiership kuhlezi kuyisifiso salo ukudlala lo mdlalo. Unezigameko eziningi  ingakho ngaphambi kokuthi udlale kuba khona izinto eziningi ezenzekayo.

Kuke kuthi ungakaqali lo mdlalo kodwa abalandeli bala maqembu basuke sebewuqalile ngokuklwebhana.

ElaboHlanga likhuluma nomlandeli wokuqina weZimnyama, uMama Joy Chauke uvele wakubeka kwacaca ukuthi iChiefs ngeke ilibone elidlalayo.

“Lo mdlalo noma kuthiwa akuyiwa enkundleni sizowunqoba noma ikanjani. Engikwaziyo ngeke siwunqobe ngegoli elilodwa, kodwa ngembudlu yamagoli. UGavin Hunt unenhlanhla ngoba abalandeli abekho ngoba indlela esizobukisa ngayo ngeChiefs ubezophuma ngesamagundane enkundleni,” kusho uMama Joy.

La maqembu azotholana emdlalweni ozobanjelwa eFNB Stadium, eGoli ngelesi-3 ntambama ngeSonto.

Lona kuzobe kuwumdlalo weligi we-100 la amqembu etholana phezulu njengoba owokuqala waba ngonyaka we-1971 lapho kwanqoba khona iChiefs ngamagoli amane kwamathu.

IChiefs kulo mdlalo inemiphumela engemihle neze njengoba emidlalweni eyisi-6 edlule ingakaze inqobe.

Ihlulwe kwemibili, yadlala ngokulinga kwemine. Lokhu kwenzeka ngesizini yangowezi-2004/05 inqoba ngamagoli amabili eqandeni ashaywa uDavid Obua noGert Schalwyk.

UHunt ubhekene nomqansa wokuthi anqobe okokuqala ebhekene nePirates okuyinto okubukeka kuzoba nzima ukuyenza njengoba eZimnyama zisefomini eyisimanga kulezi zinsuku. 

La maqembu asetholane kathathu kule sizini yonke imidlalo yanqotshwa iPirates. Atholana emlenzeni emibili yomqhudelwano womkhumulajezi iMTN 8 nakowodwa koweDStv Premiership.

UHunt uthe: “Iqembu lidlale kahle ngoLwesibili emdlalweni weCAF Champions League, kodwa sagcina singanqobanga okuyinto engeyinhle.” 

IChiefs idlale ngokulingana ngeqanda nhlangothi zombili nePetro. 

Ekhuluma ngomdlalo wangeSonto uthe: “Sidinga ukunqoba kulo mdlalo esiya kuwona, ungomqoka kakhulu. Kuyoba into enhle ukuthi sinqobe ngaphambi kokuthi siye ekhefini leFIFA.”

See Also

Umqeqeshi wePirates, uJozef Zinnbauer uzoya kulo mdlalo ejabule njengoba ngoLwesibili ebegubha imidlalo engama-50 engumqeqeshi waleli qembu.

Kusukela athatha izintambo, usenqobe imidlalo engama-30 wadlala ngokulingana kweli-14 wehlulwa kweyisi-6.

Kulogi iPirates isendaweni yesithathu ngamaphuzu angama-35 emva kwemidlalo engama-20, iChiefs yona isendaweni ye-11 emdlalweni engama-18 inamaphuzu angama-20.


Imidlalo yeDStv Premiership kule mpelasonto ihlelwe kanje:


Namuhla

  • IStellenbosch neSuperSport United, eDaine Craven Stadium ngele-17:00 

Kusasa

  • ILamontville Golden Arrows neCape Town, eSugar Ray Xulu ngele-15:00 
  • IChippa United neSwallows FC ngele-15:30 eNelson Mandela Bay
  • IBaroka FC neBloemfontein Celtic, ePeter Mokaba Stadium ngele-15:30 
  • ITS Galaxy neMaritzburg United, eMbombela Stadium ngele-17:00 

NgeSonto

  • IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, eFNB Stadium ngele-15:00 
  • AmaZulu FC neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), eJohnsson Kings Park Stadium ngele-15:30
  • IMamelodi Sundowns neBlack Leopards, eLoftus Versfeld Stadium ngele-17:00 
Scroll To Top