Izilokotho zomqeqeshi kumdlali wakuleli othole iqembu phesheya
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngaleli thuba alitholile uzimisele ukwenza kahle ukuze asize iqembu lakhe nelesizwe laseNingizimu Afrika
UDesiree Ellis oqeqesha iqembu lesizwe labesifazane lakuleli iBanyana Banyana, kufanele ukuthi ujabula yedwa njengoba silokhu siqhubekile isibalo sabadlali abathola amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle. Umdlali osanda kunyelwa inyoni esandleni ethola ithuba lokudlala phesheya kwezilwandle nguHildah Magaia oneminyaka yobudala engama-25. Usayine inkontileka yeminyaka emibili eqenjini laseSweeden iMoron BK.
UHildah obedlalela iTshwane University of Technology (TUT) egijima kuSASOL National League, uthe uzimisele ukushaya amagoli. “Ngiyazi ukuthi uHayley Dowd obengumgadli waleli qembu ushiye ezibekele igama njengoba kumasizini amabili eshaye amagoli angama-48. Bekuyisikhathi sakhe, nami ngicabanga ukuthi ngisesigabeni sakhe. Njengoba leli qembu lingiletha lapha kusho ukuthi liyangidinga ekutheni ngizoqhubeka lapho egcine khona,” kusho uHildah. Uqhube wathi: “Uma ungumgadli uhlezi unengcindezi yokuthi kumele ushaye amagoli. Ngizimisele ukwenza khahle, ngisize iqembu linqobe izicoco.”
Lo mgadli uvalele phakathi amagoli angama-36 esiza iTUT ukuthi ibe sendaweni yesibili emva kweMamelodi Sundowns Ladies kulogi yeSasol Women’s National League. Waqokwa njengomdlali ovelele waphinde waba ngumdlali ovalele phakathi amagoli amaningi.
Nyakenye egqoke ijezi leBanyana Banyana uqokwe njengomdlali ovelele emqhudelwaneni ICOSAFA Women’s Cup. Eqhuba uthe: “Iphupho lami elikhulu ukuqhubeka nokuhlohla amagoli okuzosiza iqembu ukuthi lizuze izinto eziningi. Ngikwazile ukushaya amagoli angama-36 okungabanga umlingo kepha ukusebenza kanzima nokuzinikela. Uma nalapha ngingaqhubeka kanjalo akukho okungangivimba.” Esonga uthe: “Ikhono lebhola lapha likhulu kakhulu ngikholwa ukuthi kuningi engizokufunda. Ngifika bengizitshela ukuthi ngizothwala kanzima ngenxa yezimo ezahlukene lapho ngibala nesimo sezulu kodwa manje sengiyaqala ngiyajwayela. Ithuba lami leli lokuthi ngifunde izinto ezintsha. Ngijabule kakhulu ngikholwa ukuthi ngizoba nesizini enhle kakhulu.”
Abadlali okuyimanje abaphesheya kwezilwandle u-Ode Fulutudilu ongumdlali we-Aland United yaseFinland, uThembi Kgatlana we-SD Eibar yaseSpain, uRefiloe Jane oyibamba esiswini ku-AC Milan yase-Italy, uLetago Modiba ongumgadli we-ALG Spor yaseTurkey, u-Andisiwe Mgcoyi ogijima ku-Apolonia yase-Albania, uRegina Mogolola oyisitbha seRed Star Belgrade yaseSerbia, uLinda Motlhatho odlala esiswini kuDjurgarden yaseSweden, uZanele Nhlapo odlala emumva ku-Apolonia yase-Albania kanye noKelso Peskin ongumgadli weToulouse yaseFrance.
Ukwanda kwabadlali abadlala phesheya kwezilwandle kuyinto enhle kakhulu ngoba kuzosiza iBanyana Banyana uma ibhekene namazwe aphesheya ingabi nayo inkinga.
UDesiree umbongele kakhulu uHildah wabe esemfisela okuhle kodwa.
“Kuyajabulisa ukuthi kwande abadlali beBanyana Banyana phesheya kwezilwandle, lokho kusitshengisa ukuthi siyasebenza. UHildah ungumgadli oseqophelweni eliphezulu, ukuvezile lokho ngesikhathi sidlala iCOSAFA Women’s Cup eshaya amagoli amaningi. Nakhona eSweeden ngikholwa ukuthi uzoqhubeka nokuhlohla amamgoli. Ngimfisela konke okuhle.”
- Lolu daba luwumsebenzi wokubambisana nabalingani bethu igsport4girls njengengxenye yokuqhakambisa amantombazane kwezemidlalo.