Now Reading
Sekuyizincwadi ezigunyaza uhambo esezimi phambi kukaZindela manje
Dark Light

Sekuyizincwadi ezigunyaza uhambo esezimi phambi kukaZindela manje

Kulokhu uqokelwe ukumela iNingizimu Afrika  emqhudelwaneni wezinsuku ezine omkhulukazi ezwenikazi i-Afrika 


UMichael Dladla ongumqeqeshi kaThabiso Zindela odlala umdlalo wokushova amabhayisikili, ubambe umoya ngencwadi yokuhambela kwamanye amazwe kaThabiso okulindeleke ukuba alibhekise e-Egypt. 

Isifiso esikhulu sikaDladla wukuthi kuthi lufika usuku lohambo incwadi yokuhambela amazwe kaThabiso ibe isilungile. UThabiso odabuka eHammarsdale, ezinsukwini ezedlule bekuvele ukuthi wentula uxhaso lokwenza  amalungiselelo okuya e-Egypt lapho eyomela khona iNingizimu Afrika. 

Kwenzeka lokho nje lo mdlali oneminyaka yobudala eli-16 uzifake emabhukwini omlando ngokuthi abe ngowokuqala woHlanga ukufakwa eqenjini elizomela elakuleli emqhudelwaneni wamabhayisikili ozoba seCairo, e-Egypt.

Uzomela elakuleli emqhudelwaneni obizwa nge-African Continental Track Championships wezinsuku ezine ozoqala mhla zili-10 kuya mhla zili-13 kwephezulu.

Ngokusho kukaDladla, uThabiso ukuze akwazi ukuthola imali yokwenza incwadi yokuhambela kwamanye amazwe nokulungiselela uhambo lwakhe, usizwe iqembu elikhulu kulo mdlalo wamabhayisikili iTeam Siata elizinze eThekwini. UDladla utshele elaboHlanga ukuthi uThabiso ofunda ibanga le-12 e-Isibukosezwe High School, ungumuntu wokuqala waboHlanga ukungena eqenjini lesizwe. Eminyakeni edlule iqembu lakuleli belakhiwa ngezinye izinhlanga ikakhulukazi abamhlophe.

Echaza ngokufakwa kukaThabiso kuleli qembu uthe, ngonyaka odlule ubeqhudelana nabanye abashovi bamabhayisikili emqhudelwaneni, iNational Grand Prix owawubanjelwe eGoli.

Ngalo mqhudelwano bekuhlungwa abazoya eCairo. Wathola amaphuzu ambeka endaweni yesithathu, iCycling South Africa (CSA) yabe seyimfaka eqenjini lesizwe.

“Siyambongela uZindela, limfanele leli thuba alitholile. Ungumfana ohlale efuna ukunqoba, uma ephume isibili noma isithathu uphatheka kabi. Kangingabazi ukuthi nase-Egypt indlu yaboHlanga emdlalweni wamabhayisikili uzoyimela kahle. Uma eke wanqoba uzozivulela amathuba emhlabeni jikelele,” kusho uDladla.

Lo mqeqeshi ono-Level 1 wokuqeqesha kulo mdlalo, uveze ukuthi uThabiso ongaphansi koxhaso loMnyango Wezemidlalo uqale lo mdlalo ngonyaka wezi-2014.

Uthe akuphelanga sikhathi esingakanani bamfaka ngaphansi kwesigaba esibizwa nge-Advance lapho umshovi esuke eseyingcweti nokho esaqhubeka nokufunda.

“UZindela ungomunye wabantu abathi siqala iqembu lethu waba khona. Izinga akulona manje uma ngimqhathanisa naseminyakeni edlule umehluko mkhulu kakhulu. Ikusasa lakhe ngilibona liqhakaze kakhulu,” kusho uDladla.

Uthe ubonga uGuy Watkin ono-Level 3 kulo mdlalo ngokuthi amkhulise.

“Ungikhuthaze kakhulu, ubonile ukuthi nginalo uthando lwalo mdlalo wabe esengithatha engifaka ngaphansi kwakhe. Ngingasho ngithi uklame indima enkulu ekuthenini uZindela athole ukuqeqesheka okusezingeni eliphezulu,” kusho uDladla.

UDladla uthe uThabiso wazakhela igama enqoba ngamalengiso umqhudelwano wamabhayisikili owawuyingxenye yeMandela Day Marathon.

“Ngabona lapho ukuthi lo mfana unekhono. Ngibe sengimfaka ohlelweni oluthile lokuziqeqesha abelwenza njalo uma ebuya esikoleni. Njengamanje ugila izimanga kutrack nakuroad cycling. Ngowezi-2017 unikele eCape Town, kumaNational Track Championships wagila izimanga ephula irekhodi ebangeni lamamitha anga-500. Wabuya nezindondo ezintathu zegolide neyodwa yesiliva.

See Also

“Ngowezi-2019 ubuyelile kulo mqhudelwano, wanqoba igolide kuMandison. Sibonga kakhulu kuMnyango Wezemidlalo ngokuxhasa uZindela ngezinsiza zokuziqeqesha zezinga eliphezulu,” kubeka uDladla.

Uthe kulo nyaka uThabiso usayiniswe iTeam Siata eshova esigabeni esikhokhelwayo.

“Yize ekhule ngaphansi kwesandla sami uma kuvela ithuba elinje besingeke sikwazi ukumvimbela lona. Lo mdlalo izinsiza zawo zimba eqolo manje uma kukhona abantu abazomsiza ngokumkhokhela nasohambeni lwakhe besingeke sime endleleni yakhe. Engingakusho ukuthi ukuzimisela kuzala impumelelo, siyambongela lo mfana. Leli qembu ligxila emijahweni emikhulu. UZindela usezokwazi ukubeka isinkwa etafuleni ngokushova amabhayisikili nokuyiphupho lakhe elikhulu,” kusho uDladla.

Omunye ophuma ngaphansi kwesandla sikaDladla ngu-Unathi Nxumalo, yena ogxile kuMountain Bike.

UDladla uthe usezinhlelweni zokwenza uLevel 2 ekuqeqesheni. Ukuze athole uLevel-1 wakhe wathathwa i-Union Cycling International (UCI) eyabona ikhono lakhe ekubeni engakufundelile ukuqeqesha kulo mdlalo.

Uthe uma ekhuluma noThabiso isifiso sakhe ukuthi amele iNingizimu Afrika kulo mdlalo bese enyusa igama laboHlanga kulo mdlalo odume ngokuthi owabamhlophe.

ElaboHlanga limbuza ukuthi uThabiso ukulungele yini ukuyomela elakuleli e-Egypt uthe: “Uhlezi ekulungele ukuthi ancintisane nabantu kulo mqhudelwano. Noma kade ebona ukuthi kungenzeka angayi e-Egypt ngenxa yokuthi ibingahlani imali yokuthola ipassport, kodwa uqhubekile waziqeqesha. Umzimba wakhe usesimeni esijabulisa kakhulu.” 

Ebhekise kuThabiso uDladla uthe: “Njengoba ngingeke ngihambe naye ukuya e-Egypt ngifisa uma efika laphaya akhumbule ukuthi uqhamuka kuphi. Alwele ukunqoba ukuze ezokwazi ukuthi azinxenxele abaxhasi. Okukhulu kakhulu ukuthi asebenzise ithuba lakhe lokuthi amele aboHlanga aphinde anqobele neNingizimu Afrika.”

Scroll To Top