Now Reading
Ufuna kwenzeke ubulungiswa ngezinsolo zomkhonyovu eCopesville
Dark Light

Ufuna kwenzeke ubulungiswa ngezinsolo zomkhonyovu eCopesville

Iyaqonga ingcindezi kuHulumeni waKwaZulu-Natal ngezinsolo zenkohlakalo yezigidi zamarandi ethinta izindlu zaseCopesville eMsunduzi ezazakhelwe abantu abangenawo amakhaya njengoba owampimpa le nkohlakalo esebheke ezinhlakeni zikazwelonke ukuba zibophe uNdunankulu uSihle Zikalala namalungu eKhabhinethi yakhe ngoba besolwa ngokunyathela lolu daba ngezinyawo.

Kuleli sonto uMnu uThabiso Zulu oyisishoshovu se-African National Congress (ANC) esilwa nenkohlakalo  uqonde emaphoyiseni aseMountain Rise, eMgungundlovu, eyovulela icala uZikalala, uMphathiswa Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu, uMnu uSipho Hlomuka, uMphathiswa Wezezimali uNkk uNomsa MaDube Ncube, uMphathiswa Wezokuthuthukiswa Komnotho Nokongiwa Kwemvelo uMnu uRavi Pillay, iMeya yaseMsunduzi  uMnu uMzimkhulu Thebolla, owayeyiMeya uMnu uThemba Njilo nohide lwezikhulu zeminyango kaHulumeni.

Nokho akuhambanga njengokufisa kwakhe uZulu njengoba amaphoyisa aseMountain Rise emtshele ukuthi awakwazi ukuvula icala kulolu daba ngoba luxubene kakhulu futhi azogcina esengena ekukhulumeni ehlukumezeka ngalo.

Lokhu kumcasulile uZulu waze wathatha udaba waludlulisela eHhovisi loKlebe kuzwelonke nelikaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uMkhuzi wawo uKhehla Sitole.

Lolu daba luqale ngowezi-2018 ngesikhathi uZulu ethola ukuthi kunenkohlakalo yezigidi ezinhlanu ethinta lolu hlelo lwezindlu zaseCopesville okwavela ekugcineni ukuthi iKhansela uSphamandla Madlala nezinye izikhulu zikaMasipala uMsunduzi, bahlangane ngenkohlakalo babelana ngalezi zindlu.

Okunye okuvelayo ukuthi lezi zindlu kwakumele zinikezelwe abantu abangenawo amakhaya kodwa zabe sezabelwa izihlobo nabangani bezikhulu zikaMasipala uMsunduzi ezinye zadayiswa.

Kuthe ngemuva kwalokho umsindo waqala phansi lapho uZulu evundulula isalukazi esineminyaka engama-80, okunguNkk uRigina Hadebe obesehlale emjondolo iminyaka engayitholi indlu kodwa kuthe uma sekufanele ayemukele, yavele yanikezwa isihlobo sezinye izikhulu zikaMasipala.

Yilokhu okuvukuze umsindo ophoqe ukuthi uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu obusaphethwe uPillay.

Udaba luhambe uZulu waze walubika nakuNdunankulu uKhuzeni nalapho ayemchazela konke ngenkohlakalo yaseCopesville ye-Operation Sukuma Sakhe.

“Ngikhuluma nawe nje nginabo bonke ubufakazi obuphathekayo ngenkohlakalo ethinta lezi zindlu kodwa okubuhlungu ukuthi abaphathiswa noNdunankulu uqobo bazithele ngabandayo abafuni ukuthathela abathintekayo izinyathelo zomthetho ukuze baboshwe. Yingakho ngigcine sengiqoka ukuba ngiyovula icala eMountain Rise kuleli sonto kodwa nankhona amaphoyisa ahluleke isidana ukungisiza. Kunalokho abezithintitha ethi awazukukwazi ukuvula icala kulolu daba ngoba awathandi ukungena ekukhulumeni nokuba ahlukunyezwe. Ngibe sengithumea izincwadi ngalezi zinsolo ehhovisi likaMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uKhehla Sithole nelikaGeneral Godfrey Lebeya woKlebe ukuze kube yibo abasukumayo babophe bonke laba engibabalile. Okubi kakhulu ukuthi bonke laba engibavulela amacala ngababikela ngakho konke kwaba sengathi bayangilalela kodwa behluleka.  Mina angisabi ukulwa nenkohlakalo kade ngaqala ukukwenza lokhu yingakho namanje ngifuna laba baboshwe ngoba ukuziba kwabo lolu daba kukhomba ukuthi nabo bayingxenye yenkohlakalo nobugebengu,” kuchaza uZulu.

Ubebuye enkulumeni yakhe abize esinye isikhulu ngegama esasisebenza oGwini kodwa manje sesiqashwe eMsunduzi wathi yiso esazi kabanzi ngale nkohlakalo nesivikelwa uNdunankulu uKhuzeni ukuze singaboshwa.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vishnu Naidoo, uthe njengoba uZulu ehlulekile ukuvula icala okumele akwenze ukuba aqonde ehhovisi loMkhuzi wamaPhoyisa esifundeni ayobika kuye ngokushesha ukuze amsize.

“ Okunye okumele nikuqaphele ukuthi yize uZulu ezishaya isifuba ngobufakazi anabo kodwa ngokwamaphoyisa mhlawumbe akukho obekungaba icala ebelingalandeleka kulolu daba yingakho enqabile. Kuyenzeka kwesinye isikhathi umuntu afike emaphoyiseni ezovula icala kodwa uthole ukuthi uma sekuphenywa yinto lena engekho kodwa lapho kusuke sekumoshwe zonke izinsiza zombuso nemali ukwenza uphenyo. Ngakho siyanxusa uZulu ukuba ayobika esifundeni bese uma engagculiseki adlulele ezingeni lesifundazwe ngaphambi kokuba aye kuzwelonke,” kusho uNaidoo.

  UZulu uthe ngoMsombuluko uyovula icala esiteshini saseHilton ngoba sona singcono sinabelungu abawuhloniphayo umthetho.

See Also

 Uthe lokhu akakwenzi ngoba ethanda abelungu kodwa ezikhathini eziningi bayawuhlonipha umthetho.

IMeya yaseMsunduzi, uThebolla ithe akukho ekwaziyo ngalolu daba okubambekayo ngaphandle kokuthi abantu babefona emsakazweni ngezinsolo zalolu hlelo kodwa akekho noyedwa oweza nobufakazi.

“Lowo omshoyo ukuthi usesibika emaphoyiseni angimazi futhi akakaze eze kimi azongibikela noma aqhamuke nobufakazi ukuze sithathe izinyathelo. Yebo siyazi ngenkohlakalo yaseCopesville ngokwemibiko esasiyithola kodwa njengoba ngisho akekho noyedwa oweza nobufakazi ngesikhathi ngangibucela ,” kusho uThebolla.

Okhulumela uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu Nemisebenzi yoMphakathi, uMnu uMbulelo Baloyi, uthe kuyabaxaka osekwenziwa uZulu ngoba uMnyango wakwenza konke okwakusemandleni ukubhekana nalolu daba ngemuva kokuwubikela.

“Yebo uZulu wasibikela eMnyangweni ngalezi zinsolo nokwenza ukuba uMphathiswa uRavi Pillay ajube uphenyo olwathola ukuthi ngempela izinsolo ziyiqiniso. Sabe sesidlulisela umbiko eMnyangweni uCogta ukuze uthathele ukhansela owayethinteka izinyathelo. Ngempela futhi wathathelwa uMadlala izinyathelo waphuma ngebheyli kanti namanje usalihamba icala futhi ungaphandle ngebheyili. UMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu yiwo owanikeza umbiko wethu uMsunduzi nokwenza uMadlala aboshwe. Ngakho kuyasixaka uma uThabiso Zulu esefuna kuboshwe oNgqongqoshe ngoba izinyathelo zathathwa,” kusho uBaloyi.

Okhulumela uNdunankulu uKhuzeni, uMnu uLennox Mabaso uthe uKhuzeni ukushayela ihlombe okwenziwa uZulu ukuba uma kukhona inkohlakalo ayibonayo anikele ezinhlakeni zomthetho ukuze kuliwe nayo.

“Siyakuncoma lokhu okwenziwa uZulu futhi umuntu oyisakhamizi olwa nenkohlakalo ungumngani omkhulu kaNdunankulu uKhuzeni ngoba izwi alishumayelayo lelo ukuba abantu uma benobufakazi ngenkohlakalo abangasongi izandla kodwa abanikele emaphoyiseni. Nokho uma senithi uZulu uchithwe amaphoyisa lokho akusikhona okwethu kodwa okwawo ukuba aziphendulele ngoba phela okunye nawo anemithetho ewalawulayo emacaleni ukuthi awavula ngaphansi kwaziphi izigaba. Ngakho uma engalivulanga icala kusho ukuthi  kusuke kungekho okubambekayo angasebenzela phezu kwakho njengoba siwazi amaphoyisa ukuthi ahlale ematasa. Ngaphandle kwalokho ziyazigqugquzela izakhamuzi ukuba uma ukhona ezikusolayo mazingananazi ukuthi ziye emaphoyiseni,” kusho uMabaso.

Scroll To Top