Now Reading
Iziboshwa zenhlangano yamalungelo abantu e-Egypt zifuna ubulungiswa
Dark Light

Iziboshwa zenhlangano yamalungelo abantu e-Egypt zifuna ubulungiswa

Umqondisi weqembu elivelele lamalungelo abantu kuleli lizwe uvalelwe ejele ngaphansi kwezimo ezingenabuntu izinsuku ezintathu ngemuva kokuboshwa emasontweni amabili edlule, kusho abameli bakhe kanye nomsunguli waleli qembu ngeledlule.   

UGasser Abdel Razek ungomunye wezisebenzi ezintathu ze-Egyptian Initiative for Personal Rights (EIPR) eziboshwe emasontweni amabili edlule ngecala eselithole ukugxekwa esidlangalaleni okuqhamuka ku-United Nations (UN) kanye nakosomaqhinga basentshonalanga. 

UMnyango Wezwe wakuleli lizwe, onomthwalo wokubheka amajele aleli lizwe wona awutholakalanga ukuthi uphawule ngalolu daba.

Ukuboshwa kwalaba abathathu, ngamacala ahlanganisa elokujoyina iqembu labashokobezi nokushicilela izindaba ezingamanga, kwenzeke ngemuva kokuthi osomaqhinga bakuleli lizwe abakhulu bevakashele leli qembu ngemizamo yokuthola isithangami samalungelo abantu kuqala uLwezi. 

“UGasser ukhiswa ngamabomu yedwa uma uqhathanisa nezinye iziboshwa ejele iLiman Tora njengoba engaphathwa ngobuntu ngenxa yenhloso yokumlimaza futhi kubeke impilo yakhe kanye nokuphepha engcupheni,” kusho uHossam Bahgat ongumsunguli we-EIPR ngesikhathi ekhuluma nabezindaba lapho uRazek ebevele esithangamini sophenyo eNkantolo yaseCairo.  

“U-Abdel Razek bamugunde ikhanda, akanazo izimpahla ezifudumalayo waphinde wanikezwa umbhede wensimbi ongenamatilasi,” kusho uBahgat.

Kwenziwe isicelo esiphuthumayo sokuthi kubuyekezwe izimo “ezaziphula umthethosisekelo wezwe” kusho uNegad El Borai ongummeli kaRazek. 

Ukuboshwa kwalezi zisebenzi ze-EIPR sekuthole ukugxekwa okuqhamuka emazweni amaningi asezwenikazi i-Europe, i-USA kanye neCanada. Abeqembu lamaDemocrats abaqavile kanye naloyo onqobe ukhetho lobuMengameli e-USA, uMnu uJoe Biden, kanye namkhethe ukuba abe uNobhala Wezwe u-Antony Blinken, nabo sebesigxekile lesi senzo baphakamisa ukukhathazeka.  

See Also

UMnyango Wezangaphandle wakuleli lizwe ngesonto eledlule uthe ayivumelani “nanoma iyiphi imizamo yokuthonya uphenyo olwenziwa nguMshushisi Womphakathi” nokuthi noma imuphi umsebenzi kunoma yisiphi isizinda kufanele wenziwe ngendlela umthetho owulawula ngayo. Lokhu abagxeki bakaHulumeni bakubona njengokukhula kwamuva kokucindezelwa okujulile kwemiphakathi kanye nokuphikisana kwezepolitiki ngaphansi kukaMengameli u-Abdel Fattah al-Sisi.

UMengameli uSisi yena uthe azikho iziboshwa zepolitiki e-Egypt wathi futhi ukuzinza kwezwe kanye nokuphepha kwalo ikhona okubaluleke kakhulu.

Ngokwehlukile, uHulumeni wakuleli lizwe ngesonto eledlule uhlonze njengabaphekuli abantu abangamashumi amabili nesishiyagalombili (28) okubandakanya no-Alaa Abdel Fattah isishoshovu esivelele senkululeko esaboshwa ngoMandulo ngowezi 2019.

Scroll To Top