Isabelomali: Abayi nganxanye ngesithebe sikaMboweni



UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Yize umhlahlandlela kaNgqongqoshe Wezezimali kuleli uTito Mboweni wokuzama ukuciciyela isimo somnotho uthola izincomo kwabanye abahlaziyi bezezimali kodwa ubukeka ugxekwa abanye bezinyunyana zakuleli kanye nalabo bamadlelandawonye enhlangano ebusayo abakhala ngakuthule ePhalamende eKapa ngoLwesithathu okubalwa kuko ukushaywa phansi kwemiholo yezikhulu zikaHulumeni kanye nongunganyuswa kwamaholo azo eminyakeni emithathu ezayo izinto okungaxoxwanga noma okungaxhunyanwanga kahle nezisebenzi ngazo.
Le mihlahlandela okubalwa kuyo nezinhlelo zokwehlisa izinga lokuboleka kwelakuleli uyidalule ePhalamende ngesikhathi ethula uhlaka lwesabelomali lweminyaka emithathu ezayo lapho edalule ukuthi sisazokuba nzima isimo somnotho wakuleli ebesivele singesihle ngaphambili kokukhahlamezwa ukuqubuka kwesifo esiwubhubhane ukhuvethe.
Ukubeke ngembaba ukuthi kuyothatha iminyaka emihlanu ukuthi isimo somnotho sakuleli sibengcono uma le mihlahlandlela ilandelwe.
Phakathi kokumqoka akubeke etafuleni ukwehliswa kwesabelomali ukuze elakuleli likwazi ukubhekana nezikweletu elingene kuzo kanye nokuthi kukhushulwe umnotho ukuze ukhule ngamandla.
Uthe isabelomali samaphakathi nonyaka sehle ngezigidigidi ezi-R1.6 okusho ukuthi umnotho wehle ngama-7.8% yize lokhu kuzoshaya kumbe kuzokhahlameza kakhulu izinhlelo zokuhanjiswa kwezidingongqangi kubantu okubalwa kuzo ezempilo, ezemfundo kanye nogesi okubhekwe ukuthi uthuthukiswe kwenziwe imali ngawo.
Lokhu kuzophazamisa nokuqoqwa kwemali yentela okuncike kakhulu ekukhuleni komnotho wezwe kanye neVAT eqoqwa ngokuthengiswa kwezimpahla nokunye.
Noma kunjalo uMboweni uthe izisebenzi zikaHulumeni kuzofanele zifunde kulezo zinkampani ezizimele ezincamele ukuthi amaholo azo ehliswe ngoba bebalekela ukuwa kwezinkampani zazo.
Akakufihlanga ukuthi kuzophoqeleka ukuthi kwenyuswe izintela ezithile ngonyaka wezi-2021/2022 njengoba kudingeka ukuthi kuqoqwe imali ebalelwa ezigidigidini ezi-R5 ezobhekana nezinselelo zokwehla kwemali engenayo esikhwameni ezophinde ibhekane nenzala yesikweletu esikhulayo ngenxa yokusebenziseka kwemali njengoba elakuleli liboleka imali ebalelwa ezigidigidini ezi-R2.1 ngosuku.
Konke lokhu kuwukuzama ukubhekana nesikweletu esibalelwa kosigidintathu aba-R4 okubikwa ukuthi singafinyelela kosigidintathu aba-R5.5 ngonyaka wezi-2025/2026 njengoba nemali eqoqwayo ingaphansi kwezigidigidi ezingama-R312. Ngale kwalokho uHulumeni udinga ukuboleka izigidigidi ezingama-R 771 kulo nyakamali wezi-2020/2021.
Lokhu kuzokhinyabeza kakhulu isabelomali esabelwa izifundazwe ikakhulukazi lezo ezibhekene nendlala kumbe ezinabantu abaningi abantulayo, ikakhulukazi omasipala basemakhaya njengoba isabelomali somasipala sizokwehliswa ngezigidigi ezili-R17.7.
UMboweni ukumemezele nokuthi izinga lomnotho lingazibona likhuphuka ngama-3.3% ngonyaka ozayo yize lizophinde lehle.
Lokho kuncike ekutheni ukhula kangakanani umnotho wamazwe ahwebelana nelakuleli afana neChina.
Noma kunjalo kodwa uthe zikhona izinhlelo ezigqugquzelwa kumbe ezisezandleni zikaMengemeli wakuleli uCyril Ramaphosa zokukhuphula umnotho ekubalwa kuzo ukwakhiwa kumbe ukuvuselelwa kwengqalasizinda, ukwandiswa komkhiqizo kagesi kanye nokuvulwa kweminye imisebe esetshenziswa izimboni zomakhalekhukhwini nezokuxhumana ngomoya.
Uhubhu ngezigidigidi zokhuvethe
Ethula inkulumo yakhe uthe uhubhu lukabhejane ukuthi imali ayimemezela eyizigidigidi ezingama-R500 ukuthi izosetshenziswa ekulweni nesifo ukhuvethe ukuthi yehla ngomlenze njengoba abaningi babesho. Kulokhu ucacisile ukuthi leyo mali yashonaphi wabeka kanjena: izigidigi ezingama-R30 zafakwa kwezempilo, ezingama-R50 zafakwa kulabo abantulayo, kanti ezingama-R 40 zaya esikhwamneni se-UIF esibhekene nabantu abangasebenzi, ezili-R100 zafakwa esikhwameni sokwakha amathuba emisebenzi, ezingama-R20 zaya komasipala, ezingama-R70 waya ezinhlelweni zentela kanti ezingama-R200 kwasizwa ngawo ababoleka imali.
USolwazi uDumisa uyaphawula
USolwazi uBonke Dumisa ukubeke kwacaca ukuthi uyazi ukuthi ngeke abanedumela kwabaningi ngokungaboni inkinga kuHulumeni ngokufaka imali eyizigidigidi ezili-R10.5 enkampanini yezindiza kuleli okubikwa ukuthi ayenzi nzuzo uSAA kumbe iwumgodi ongavaleki.
“Siyazi abaningi abebeshaya emisakazweni nababhala ezinkundleni zokuxhumana bebesigxeka lesi senzo bekhala ngokuthi kungani uHulumeni enquma ukungakhuphuli amaholo ezisebenzi kodwa anqume ukufaka imali engaka enkampanini uSAA.
Isimo lesi okufanele sisamukele sizifundise ukubopha ibhande ngoba ngeke kuthi ngenxa yokuthi sibhekene nesimo esibi sezezimali sibe sesiyekela izimboni ukuthi zishone phansi” kusho uSolwazi uDumisa.
Uwushayele ihlombe umhlahlandlela wesabelomali namacebo awo kaMboweni wathi yize kunzima njengoba ukwehliswa kwemali kuzothinta kakhulu labo abantulayo kodwa nathi kufanele sivele namaqhingasu azoqinisa umnotho kungabi ukukhala njalo.
“Kuhle ngoba amanani awabekile uMnu uMboweni ayahlangana futhi bayavuma ukuthi kubi kodwa bazimisele ukusebenza ngoba ngeke basibalekele lesi simo” kusho uSolwazi uDumisa.
Uthe indlela uHulumeni enza ngayo ibonakale ingobukhulu ubuhlakani ngaphezulu kokuthi kuvela ukuthi imali esebenze yeva ingaphezulu kwezigidigi ezingama-R700 uma iqhathaniswa nemali engenayo kanye nezikweletu elakuleli elinazo.
Uthe izimali ezithathwe eminyangweni efana neyamaphoyisa, oWezasekhaya noWobudlelwane Bamazwe ingabukeka incane kodwa inkulu uma umuntu ebuka isimo elakuleli elikusona.
“Imali esiyichithayo kumbe kubukeka sidla kakhulu kunalokhu esikukweletayo yingakho uNgqongqoshe ekubone kufanelekile ukuthi singene kule mihlahlandlela” usho kanje.
Uthe uyazi ukuthi nokweseka ukungakhushulwa kwamaholo kuzokumenza abe nyamanambana kwabanye kodwa laba bantu bebehleli behola ngesikhathi behleli emakhaya kube kukhona abantu abalahlekelwe imisebenzi abanye babo abezinkampani ezizimele bagcina behliselwe amaholo kodwa babekezela. “Konke lokhu okwethu ngeke sikubalekele kepha kufanele sikwamikele sisebenzisane noHulumeni sibophe amabhande” kusho uSolwazi uDumisa.
Uthe isimo esinzima kakhulu uma kuthiwa izikweletu zeGDP yethu zingafinyelela kuma-95%. Uthe ukunganyuswa kwamaholo osinqumo esibaluleke kakhulu yize kukubi ngoba kunalabo abasabisa ngetoyitoyi isimo sibe sisibi kanje.
Uncome ukubekwa kwemali eyizigidigidi ezingama-R 6 yokwakha izindawo zokuhlala abafundi bemfundo ephakeme kumbe abase manyuvesi nokuthi uHulumeni azame ukuvala umpompi wenkohlakalo onomthelela omubi kwisimo sezimali sezwe.