Imikhala izobe idonswa wuBuckley kuTeam of Choice ngale mpelasonto
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kulindeleke ukuthi livuke lizithathe iqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iMaritzburg United, elizotholana phezulu neSuperSport United emdlaweni weDStv Premiership.
Leli qembu laseMphithi ekuqaleni kwesonto likhombe indlela lowo obengumqeqeshi walo u-Eric Tinkler. Yize efake leli qembu kuTop 8 ngesizini edlule kodwa izinto kusongwe iligi zivele zingahambi kahle.
Kusukela kuqedelwa imidlalo ngesizini edlule ngaphansi kweBubble akanqobanga ngisho nowodwa umdlalo, nakule sizini emdlalweni emine esidlaliwe ubengakanqobi nowodwa njengoba ehlulwe kuyona yonke.
Izintambo kulo mdlalo wanamuhla zizobanjwa ilowo obeyisekela lakhe uDelron Buckley, kodwa kubukeka ezobamba kulo mdlalo kuphela njengoba igama lika-Enerst “Mazinyo” Middendorp lihamba phambili kwabazothatha isikhala sikaTinkler.
UBuckley uthe: “Lesi isikhathi sokuthi abadlali bazibambele bona ngezandla zabo. Umdlalo nomdlalo kumele sidlalele ukufa nokuphila kube khona esikutholayo. Kumele sikuqonde ukuthi uma sifuna ukunqoba, kumele singalinge sizincenge izitha, singene kuzo zibekwa. Uma isimo sesifana nesethu, akusafanele neze udlale ibhola elihle kodwa sekumele ulwele ukuthola amaphuzu kwaphela.”
Umdlalo weMaritzburg United neSuperSport United uzobanjelwa eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, libumbene ihora lesi-8 kusihlwa. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini edlule imidlalo yangoLwesihlanu uma idlala ekhaya iTeam of Choice ibizithwalisa kanzima izivakashi, kodwa lokho bekwenziwa ukugcwala kwabalandeli begqoke imifaniswano yaleli qembu.
Kufuze ukuthi abalandeli baleli qembu bazojabula kwazise phela okuyikho obekwenza kugqoze imiphumela bekuwukuthi abadlali abaningi bakhala ngoTinkler ukuthi unezimfivilithi zakhe azidlalisayo ngisho zingenzi kahle.
Omunye umqeqeshi obemataniswa naleli qembu uGordon Igesund owaziwayo umlando wakhe kunobhutshuzwayo kuleli njengoba eseke wanqoba izicoco zeligi.
“Kuyinto eyejwayelekile ukuthi uma iqembu lishiywa ngumqeqeshi abadlali baqale ukuzibuza ukuthi ngabe yini enye ezolandela. Njengoba ngibambile nje, umsebenzi wami wukuthi ngizame ukukhuthaza abadlali,” kusho uBuckley.
Khonamanjalo, kuzo ezithinta iDStv Premiership ukaputeni weMamelodi Sundowns uHlompo Kekana igoli lakhe alishaya ngesikhathi ezakhe zibhekene neCape Town City liqokelwe emklomelweni weFifa Puskas Award.
Okwesibili eqokwa kulo munxa, kwenzeka ngesikhathi eshaya inguzunga yegoli ngonyaka wezi-2016 iBafana Bafana ibhekene neCameroon kodwa alizange linqobe.
Lo mdlali oyibamba esiswini uthe ukuqokelwa kwakhe kulo mklomelo ukudlulisela ekudluleni emhlabeni kuka-Anele Ngcongca engozini yemoto ngoMsombuluko.
Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership kule mpelasonto ihlelwe kanje:
Namuhla
- IMaritzburg United neSuperSport United, eHarry Gwala Stdium ngele-20:00.
Kusasa
- I-Orlando Pirates neBaroka FC e-Orlando Stadium, ngele-15:30.
- ITS Galaxy neLamontville Golden Arrows, eMbombela Stadium ngele-15:30.
- IMamelodi Sundowns neStellenbosch FC eLoftus Versfeld Stadium, ngele-18:00.
- I-AmaZulu FC neCape Town City, eJonsson Kings Park Stadium ngele-20:15.
NgeSonto
- IChippa United neTshakhuma FC, eNelson Mandela Bay Stadium ngele-15:30.