Amaqhinga, amasu namava koba yinkwelo yokunqoba phakathi kweChelsea neSpurs
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kusukela iqalile isizini yangowezi-2020/2021 zimhambela kahle izinto muva nje umqeqeshi weChelsea FC uFrank Lampard.
IChelsea FC isidlale imidlalo eyisi-9 ye-English Premier League (EPL), emidlalweni yayo inqobe emihlanu yadlala ngokulingana kwemithathu yahlulwa kowodwa.
Lokho kushiya leli qembu elibalwa namakhulu eNgilandi lihlezi endaweni yesithathu ngamaphuzu ali-18.
Maphakathi nesonto iChelsea FC eteketiswa ngokuthi iBlues, ibe liqembu lokuqala ukudlulela esigabeli seLast 16 emqhudelwaneni omkhulu i-UEFA Champions League. Ibibhekene neqembu laseFrance iRennes FC yayihlula ngamagoli amabili kwelilodwa, navalelwe phakathi u Callum Hudson-Odoi no-Olivier Giroud.
Le miphumela iyifanele iChelsea kwazise ekuqaleni kwesizini uLampard usayinise izikwibhisi zabadlali. Kubadlali abasayiniswe uLampard kukhona uHakim Ziyech osuka ku-Ajax Amasterdam yaseHolland, uThiago Silva obedlala kuParis Saint-Germain (PSG), uTimo Werner osuka kuRed Bull Leipzig yaseGermany ukusho abambalwa.
Yize iBlues yenza kahle kodwa kule mpelasonto kubukeka izohlangana nezimbila zithutha kuTottenham Hotspur. Lo mdlalo walezi zinkunzi uzokuba ngeSonto eStamford Bridge ngele-18:30.
ITottenham Hotspur eqeqeshwa uJose “The Special One” Mourinho iyona ezihola phambili kulogi ngamaphuzu angama-20 emveni kwemidlalo eyisi-9.
EzikaMourinho ziya kulo mdlalo zihambela phezulu njengoba ngempelasonto edlule zihlule iManchester City ngamagoli amabili eqandeni.
“Ngibhekene nenkinga kodwa inkinga emnandi yokuthi bonke abadlali ikakhulukazi baphambili benza kahle kakhulu. UHudson-Odoi usitholele igoli elimqoka maphakathi nesonto waba nomdlalo omuhle, lapho adlala khona ubanga noChristian Pulisic ongumdlali oseqophelweni eliphezulu. UGiroud naye uqhamuke ebhentshini wasitholela igoli. Kubi kodwa futhi kuhle indlela okuyiyo,” kusho uLampard.
UMourinho njengenjwayelo uzothembela kubadlali bakhe ababili uHarry Kane noHeung-Min Son.
“Sesidlalile namaqembu amakhulu kule sizini sawahlula, lokho akusho ukuthi kumele sikhululeke. Umdlalo wethu neChelsea uzoba ngonzima isefomini enhle engingasho ngithi sicishe sifane nayo muva nje, ngalokho lo mdlalo akumele siwuthathe kancane,” kusho uMourinho.
Isiyonke imidlalo ye-EPL kule mpelasonto ithakwe kanje:
Namuhla
- ICrystal Palace neNewcastle United, eSelhurst Park ngele-22:00.
Kusasa
- IBrighton & Hove Albion neLiverpool eThe American Express Community Stadium, ngele-14:30.
- IManchester City neBurnley e-Etihad Stadium, ngele-17:00.
- I-Everton neLeeds United, eGoodison Park, ngele-19:30.
- IWest Bromwich Albion neSheffield United, eThe Hawthorns ngelama-22:00.
NgeSonto
- ISouthampton neManchester United, eSt. Mary’s Stadium ngele-16:00.
- IChelsea neTottenham Hotspur, eStamford Bridge ngele-18:30.
- I-Arsenal FC neWolverhampton Wanderers e-Emirates Stadium ngelama-21:15
NgoMsombuluko
- ILeicester City neFulham, eKing Power Stadium ngele-19:30.
- IWest Ham United neAston Villa, eLondon Stadium ngelama-22:00.