Izinkinga ngohlelo lokuphakela abafundi kuleli
UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Kulindeleke ukuthi uMnyango Wemfundo Eyisisekelo wethulele inkantolo indlela ozosebenza ngayo ukulungisa umonakalo maqondana nokuphakelwa kwabafundi ezikoleni osuwenzekile selokhu kuvulwe izikole ngalesi sikhathi sokhuvethe.
Umbiko woMnyango Wezempilo uthi abafundi abayisi-1 800 000 babulawa indlala njengoba bengakutholi ukudla ezikoleni. Lo mbiko uthi lokhu kwenziwa indlela entsha yokufunda njengoba abafundi beshintshana ukungena esikoleni. Izikole ezingaphezu kwezi-19 000 zincike kuHulumeni ngokuhlinzekwa ngokudla.
Siphindwe kabili isibalo sabafundi abalekelelwe iNational School Nutrition Programme (NSNP) ngoMandulo. NgoNcwaba iNkantolo Ephakeme eGoli yayayela uNgqongqoshe Wemfundo Eyisisekelo, uNkk u-Angie Motshega, ukuba aqhubeke nohlelo lokunika abafundi ukudla ababalelwa ezigidini eziyisi-9 noma ngabe abayile esikoleni. Lokho le Nkantolo yathi kumele kwenzeke ngaleso sikhathi. Icala lalifakwe yizigungu ezengamele izikole ezimbili. INkantolo yaphinda yakhipha umyalelo wokuba uNgqongqoshe nabaphathiswa bezifundazwe eziyisi-8, ngaphandle kweWestern Cape, bayibikele kanye nabamangali ukuthi luhamba kanjani lolu hlelo lokuphakelwa kwabafundi.
Mhla lulunye kuMandulo uMnyango watshela ikomoti lasePhalamende elibhekelele ezemfundo ukuthi kusuka zingama-26 kuNcwaba bekuphakelwa abafundi abayizigidi ezi-4.4 kwabayizi-9.7 okumele engabe bayakuthola ukudla. Ngokwemibiko yakamuva ethunyelwe izifundazwe eNkantolo, ngoMandulo lesi sibalo senyukile saba izigidi eziyisi-7.9.
E-Eastern Cape senyukele esi-1 400 000 ngoMandulo kusuka kwabayizi-350 000 ngoNcwaba. EGauteng bebeyizi-500 000 baya esi-1 500 000, KwaZulu-Natal sisuke esi-1 600 000 saya esi-1 700 000. ENorth West sisuke ezi-76 000 saya ezi-250 000, eFree State sehlile sisuka ezi-517 000 saya kwezi-427 000. ELimpopo asinyakazanga sihlale esi-1 400 000 kanjalo naseMpumalanga sama ezi-916 000. ENorthern Cape sehlile sisuka ezi-190 000 saya ngaphansi kwezi-60 000 kanjalo naseWestern Cape lapho sisuke kwezi-373 000 sehlela kwezi-206 000.
Ezifundazweni okwehle kuzo izibalo kuthiwa kungenxa yokuvalwa kwezikole namahhovisi. Inhlangano i-Equal Education eyenze ucwaningo kubafundi ezifundazweni ezinhlanu phakathi noMandulo, ithi kubafundi abangamaphesenti angama-76 ababe ingxenye yalolu cwaningo abangama-71 bathi abakutholanga ukudla ngesikhathi bengekho esikoleni. Ababalelwa kuma-78% ababe yingxenye yocwaningo izikole zabo azibahlinzeki ngezokuthutha ukuyolanda ukudla.
Kulo mbiko uMnyango uthi: “Izikole azizithumeli izinombolo ngesikhathi okuthikameza ukuqoqwa kolwazi kusenesikhathi nokwenza singakwazi ukuqinisekisa ukuthi ulwazi oluyilo yini lolu esilutholayo.”
Le nhlangano iphinde yabhalela uNgqongqoshe nabaphathiswa abayisi-8 ibuza ukuthi uma lungabuya ukhuvethe banazo yini izinhlelo zokuphakela abafundi?