Isitatimende esifungelwe sibeka kabi iMeya yaseNkandla
UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Isitifiketi sithi umufi wafa ngokwemvelo kepha ukukhuluma kuthi wabhujiswa ngumlilo
Kungekudala lizophuma iqhina embizeni odabeni oluyimpicabadala yembangela yokufa kukaMnu uMbongeni Ransom Ntuli owadlula emhlabeni eneminyaka engama-61. Ngokwencwadi eqinisekisa ukufa nembangela yakho nekhishwa uMnyango Wezasekhaya, umufi kuthiwa wedlula ngokwemvelo. ElaboHlanga linayo le ncwadi ewunombolo: G 6719585 neyakhishwa mhla lulunye kuLwezi ngowezi-2019. Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi kuthiwa lo mbiko oqoshiwe uyaphambana nalokho abanye abathi kwenzekile ngokufa kwakhe. Lokhu kufakazwe yisitatimende esifungelwe esenziwe yisisebenzi soMnyango Wezasekhaya esasisebenza udaba.
Esitatimendeni esifungelwe ecaleni eliwu: 27/12/2019 nesenziwe mhla zingama-27 kuMasingana nonyaka, isisebenzi esinqume ukuligodla igama laso ngenxa yokuphepha kwaso, sithi konke esakwenzayo sakwenza nelungu lomndeni kamufi. Leli lungu lomndeni limbiza ngegama nokunguMnu uThami Ntuli oyiMeya yoMkhandlu iNkandla noSihlalo wesifundazwe weqembu eliphikisayo KwaZulu-Natal i-Inkatha Freedom Party (IFP). Lesi sitatimende sifundeka kanjena: “Ngingumsebenzi eMnyangweni Wezasekhaya eNkandla District. Ngineminyaka engama-43. Ngokuhlala ngise (ikheli likhona) khona eNkandla kodwa ngidabuka (ikhona indawo siyigodlile). Ngomhla lulunye kuLwezi ngowezi-2019 ngangisemsebenzini njengansukuzonke emahhovisi oMnyango Wezasekhaya.
Kwabe sekufika iMeya yaseNkandla uMnu uNtuli ehambisana nowesifazane engangingakaze ngimbone. Lona wesifazane wabe eseza namaphepha ayenemininingwane kamufi kungumyeni wakhe. Wayecela ukuba enzelwe isitifiketi sokuqinisekisa ngokufa komuntu. Ngabe sengiwathatha amaphepha lawo ngabuza ukuthi umyeni wakhe ushone kanjani. Umuntu owabe esephendula lapho kwaba nguMnu uNtuli owathi umufi ushiswe umlilo waphuthunyiswa esibhedlela iNkandla nokuyilapho afike wadlula khona emhlabeni.”
Siqhubeke sathi: “Ngokwefomu eliwu-B11663, udokotela owayesayinile akazange aqedele konke njengoba engafakanga noma umufi ubulawe ukugula noma ingozi. Yilapho engabe sengibuza iMeya uNtuli ukuthi ngabe kube yini imbangela yokushona kukaMbongeni Ramson Ntuli. IMeya uNtuli yangiphendula yathi ushone ngokugula. Ngenxa yokuthi uyisihlobo sakhe segazi ngabe sengimethemba ngempendulo anginikeza yona. Nginake emva kwesikhathi ukuthi kwaba yini imbangela yokushona kukamufi ngesikhathi sekufika umphenyi engichazela. Ngiyazi futhi ngiyakuqonda konke engikusho lapha. Angiphikisani nakho futhi ngizozimela izifungo zami njengoba ngenzile kulesi sitatimende. Inkosi ingisize.”
Lesi sitatimede sibe sesifakazelwa iphoyisa uColonel u-Isaac Zulu wamaphoyisa aseNkandla nobhale wathi: “Ngenze isiqiniseko sokuthi konke okubhalwe lapho umnikazi walesi sitatimende kuyikho futhi akakuphiki. Isifungo asenzile uzomelana naso futhi wenze isiqiniseko sokuthi uma ngaphambi kwami ukuthatha isifungo. Ngingakuqinisekisa ukuthi nguye osayine lapha ngibuka esiteshini samaphoyisa eNkandla mhla zingama-27-1-2020.”
Ukuqinisekisa ukuthi lesi sitatimende esale sisebenzi, elaboHlanga lisithintile lesi sisebenzi ukuze siphendulele.
Enkulumeni nelaboHlanga engathathanga isikhathi eside, lesi sisebenzi sivumile ukuthi nembala esaso lesi sitatimende ngemuva kokufundelwa sona.
Kuthe uma silandeliswa ngemibuzo sazwakala sinengeka saluvala ucingo.
Kuthe noma sesithunyelelwa umyalezo ukuze sibuye bese singasaluphenduli ucingo.
Ngakolunye uhlangothi ukuqinisekisa ukuthi uNtuli uyaphawula ngokuphatheka kwegama lakhe, ElaboHlanga likhulume naye. Zisuka nje uMphemba uthe; “Angimazi lona wesifazane futhi ngiyamangala nokuzwa ukuthi ngivulelwe icala. Okokuqala nje angiyazi indaba yalelo cala futhi angikaze ngiye emahhovisi oMnyango Wezasekhaya noma kudokotela. Ngiyashaqeka impela futhi konke lokhu okushoyo ngiqala ukukuzwa ngawe. Okunye njengabantu abamnyama nabangamaZulu kunezinto esizihloniphayo esingazikhulumi noma kanjani. Lolu daba lubucayi futhi luyashaqisa .Isidumbu simbiwe ngoNhlangulana ngoba kwakuthiwe inkinga umufi akazange enziwe uhlolo lwesidumbu . Nakhona lapho amaphoyisa yiwo athi ngoba eshone kanje asikho isidingo sokuba kuyohlolwa isidumbu nathi sabona inkinga ingekho. Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi kwathiwa kumele isidumbu simbiwe ukuze siyohlolwa, yingakho sigcine simbiwe,” kusho uMphemba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel uThembeka Mbhele ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nelenkohlakalo.
Uqhube wathi idokodo selidluliselwe kumshushisi omkhulu ukuze athathe isinqumo ngalo.
- Lolu daba lusingethwe wuphiko loPhenyo lweBayede oZul’azayithole